Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 9/15 kk. 10-12
  • Ingabe Uyawubonisa Umusa OnjengokaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyawubonisa Umusa OnjengokaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umusa KaJehova Wothando
  • Ukubonisa Umusa OnjengokaNkulunkulu
  • Indlela Yokukuhlakulela
  • Kwenze Umgomo
  • Jabulisa UJehova Ngokubonisa Umusa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Abantu BakaNkulunkulu Kumelwe Bathande Umusa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Umusa​—⁠Imfanelo Eboniswa Ngezwi Nangesenzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ukuphishekela Umusa Ezweni Elinokhahlo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 9/15 kk. 10-12

Ingabe Uyawubonisa Umusa OnjengokaNkulunkulu

UNGASIKHUMBULA yini isikhathi esidlule lapho othile ebe nomusa ngempela kuwe? Ngokuqinisekile, sonke siyalwazisa usizo, uzwela, nobumnene bomuntu onomusa.

Nakuba ngokuvamile umncane, umusa awuwona ongaziwa ezweni lanamuhla. Abathengisi bafundiswa ukuba bawubonise kubathengi babo. Osomabhizinisi bayalwazi usizo lwawo ekusebenzelaneni nabantu. Kuyiqiniso, ngokuvamile umusa uboniswa ngezisusa ezisithekile. Nokho umusa weqiniso womuntu ukhona. Ngakho, lapho umbhangqwana oshadile ohlala endaweni ekude uvakashela uyise womyeni owakhubazwa isifo sohlangothi futhi cishe owayengakwazi nokuhamba, yeka ukuthi waqabuleka kanjani ukubona ukuthi omakhelwane basebenakekela kakade imisebenzi ethile edingekile!

IBhayibheli liqukethe izibonelo ezithile ezivelele zomusa womuntu. Lapho esendleleni eya eRoma ngomkhumbi, uJuliyu, induna yempi eyayibheka umphostoli uPawulu, wavumela isiboshwa sakhe ukuba sivakashe futhi sijabulele ukunakekelwa ngabangane eSidoni. Yebo, uJuliyu “wamphatha kahle [“ngomusa,” NW] uPawulu.” (IzEnzo 27:3) Ngokushesha ngemva kwalokho, lapho kuphuka umkhumbi, abantu baseMelitha babonisa abagibeli abangama-276 namatilosi ‘ububele [“umusa,” NW] obungavamile.’ Eqinisweni, uPhubiliyu, ‘isikhulu sesiqhingi,’ wayezingenisa kakhulu izihambi.—IzEnzo 28:1-10.

Ukuthi bonke abantu, abadalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, bangabonisa isilinganiso sobuntu bukaJehova kwaboniswa lapho umphostoli uPawulu eloba: “Nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo.” (Roma 2:14, 15; Genesise 1:26) Ngakho isintu sizalwa sinawo umusa. Nokho ngokufanelekile singalindela ukuba amaKristu eqiniso abonise ngempela umusa onjengokaNkulunkulu. Onjani umusa onjalo? UNkulunkulu uwubonisa kanjani umusa? Futhi singamlingisa kanjani ekuboniseni lesithelo somoya wakhe?—Galathiya 5:22.

Umusa KaJehova Wothando

IBhayibheli ngokuphindaphindiwe lidumisa umusa kaNkulunkulu wothando. “Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa [“umusa wothando,” NW] wakhe umi phakade,” kusho umhubi. (IHubo 106:1; 107:1) EmiBhalweni yesiHeberu, igama elithi “umusa wothando” libhekisela emfanelweni ezinamathelisa ngothando kokuthile kuze kubonakale injongo. Kanjalo, ngenxa yothando lwakhe ngesintu, uNkulunkulu uye wabonisa umusa wothando enensindiso yomuntu engqondweni. Ngaphandle kwalokho, isintu ngabe kade sabhubha. Engabubekezeleli ububi, uNkulunkulu waxosha abazali bethu bokuqala abangabantu, uAdamu noEva, ensimini yase-Edene. Nalapho, wabonisa umusa wothando ngokubanikeza okokwembatha, ebavumela ukuba bazale abantwana, futhi ebavumela ukuba baphile isikhathi eside naphezu kwezenzo zabo zokuhlubuka.—Genesise 3:21–4:2; 5:4, 5.

Ngezindlela eziningi, uJehova uye wabonisa umusa wothando ebantwaneni baka-Adamu abanesono. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wayengatshela abakhulekeli benkolo yamanga eListra ukuthi uNkulunkulu “akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” (IzEnzo 14:16, 17) Ngisho nakuba ukukhulekela kwabo kwakubhekiswa kunkulunkulu wamanga, uJehova ngomusa wabalungiselela ngokucebile izinto ezibonakalayo.

Nokho, okunokubaluleka okukhulu, umusa wothando uNkulunkulu awubonisa enzalweni ka-Adamu engakazalwa. ‘Ngenzalo’ ethenjisiwe, uJehova walungiselela ithemba lokukhululwa komuntu esonweni nokufa. (Genesise 3:15; Roma 5:12) Naphezu komlando wesintu wokwedelela uNkulunkulu, uNkulunkulu akazange asishiye isintu. Phela, waze wanikela ngisho nangeNdodana yakhe ethandekayo nezelwe yodwa njengomhlatshelo wesihlengo ngenxa yaso! (Johane 3:16) Futhi njengokunye ukubonakaliswa “komusa ongafanelekanga,” uNkulunkulu uye walungiselela nabanye abantu abagcina ubuqotho ukuba babe izindlalifa kanye noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini oyobusisa sonke isintu esilalelayo.—Roma 5:8, 15-17, NW; 8:16, 17; IsAmbulo 14:1-4.

Ukubonisa Umusa OnjengokaNkulunkulu

Abantu abangaphelele bangawubonisa kanjani umusa onjengokaNkulunkulu? Nokho, uJesu wasinikeza isibonelo neziqondiso ezingasisiza ukuba sibonise umusa onjalo. (1 Petru 2:21; Mathewu 11:28-30) Ngokwesibonelo, wabonisa ukuthi kumelwe sibe nomusa ngisho nasezitheni zethu. UJesu wathi: “Thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba-mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.” (Luka 6:35) Ngakho uma singabonisa imfanelo ephakeme yomusa onjengokaNkulunkulu, ngeke sibe nomusa kumalungu omkhaya, kubangane, nakubazalwane abangamaKristu kuphela kodwa nakulabo abangabongiyo nabaye bazibonakalisa beyizitha zethu. Lokhu akwenzelwa ukubacasula kodwa ukubasiza nokubenza baveze okungcono kakhulu.—Galathiya 6:10; Roma 12:20, 21.

Njengoba ukuthambekela kwethu kobuntu kuwukuphatha abanye njengoba besiphatha, senza kahle ukukhumbula isikhumbuzo sikaJehova: “Ngifuna uthando [“umusa wothando,” NW], hhayi umhlatshelo.” (Hoseya 6:6) Kanjalo, uma sifisa ukuthola ukuvunyelwa uJehova, kumelwe sizame ukubonisa umusa onjengokaNkulunkulu, noma umusa wothando, kukho konke ukusebenzelana kwethu nabanye. (Qhathanisa noMika 6:8.) Kodwa ukuze sibonise lemfanelo kaNkulunkulu, sidinga ukulingisa uJehova ngendlela ethile. Iyini leyondlela? Nokho, njengoba nje ngomusa athatha izinyathelo zokuqala ukuze asibeke ekumeni okuhle naye, ngakho kumelwe sithathe isinyathelo kuqala ekuhlanganyeleni amaqiniso eBhayibhelini nabanye. Ngisho nakuba sixoshwa okokuqala, kumelwe sibonise umusa wothando ngokuzama ngokuphindaphindiwe ukufinyelela izinhliziyo zabo ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Yeka ukuthi kuhle kanjani lapho lokhu kuboniswa komusa onjengokaNkulunkulu kusiza abanye ukuba beze endleleni yokuphila!—Mathewu 7:13, 14.

Indlela Yokukuhlakulela

Ukuhlakulela umusa onjengokaNkulunkulu kungenzeka kuphela ngokufunda nangokwenza ngokuvumelana nemiqondo kaNkulunkulu njengoba ibekwe eBhayibhelini. Yebo, kumelwe okokuqala sithole ulwazi oluqondile lweqiniso. UPawulu watusa amaKristu aseKolose futhi wavuma ukuthi iqiniso lalibe nezithelo ‘kusukela osukwini abezwa ngalo, bazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso.’ (Kolose 1:5, 6) Nokho, akekho umKristu ofinyelela izinga angasenakuthuthuka kulo. Ngakho-ke, ngamunye wethu kumelwe ‘akhule emseni nasekwazini iNkosi nomsindisi wethu uJesu Kristu.’—2 Petru 3:18.

Njengoba umusa uyingxenye yezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu, amaKristu azithoba ethonyeni lalowomoya ayoba nomusa. Eqinisweni, uPawulu uhlanganisa ngokuqondile ubungcwele obunjengobukaNkulunkulu nomusa, ethi: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele [“umusa,” NW] benhliziyo.” (Kolose 3:12) Ngakho kumelwe sibe nomoya kaNkulunkulu ongcwele ukuze sibonise umusa onjengokaNkulunkulu.

Kodwa siwuthola kanjani umoya kaJehova? Ngokuwucela kuye—ngokuphindaphindiwe. UJesu wabonisa ukuthi uma ngokuzithoba sinxusa uJehova ngalesipho esiyigugu, isicelo sethu esisuka enhliziyweni siyokwamukelwa. Ngemva kokusho isidingo ‘sokucela nokufuna,’ uJesu wathi: “Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo esezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya eNgcwele.” (Luka 11:9-13) Ngempela, ngokucela umoya kaJehova futhi sicela ngokuqondile usizo lwakhe ekuboniseni umusa emkhulu, siyaqiniseka ngempendulo evumayo. (1 Jonane 5:14, 15) Yebo, izenzo zethu kumelwe zivumelane nesicelo sethu somoya kaNkulunkulu.

Olunye usizo ekuhlakuleleni lemfanelo iwukuzindla ngezinto ezibonisa umusa kaJehova esingazibona endaweni esizungezile. NgoNkulunkulu, umhubi wathi: “Ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakhe, ngizindle ngezenzo zakho.” (IHubo 77:12) Senza kahle ukuqaphela nokucabanga ngezimfanelo zikaNkulunkulu njengoba zibonakala ekuphileni kwansuku zonke. Ubuhle bendalo, ukuthokozisa kokudla nesiphuzo, izinto esizidingayo ukuze sinethezeke futhi sijabule, injabulo abantwana abayilethayo—ngisho nemikhuba yezilwane—konke kubonisa umusa kaNkulunkulu esintwini. Yebo, ukushona kwelanga okuhle, uthingo olunemibala, ukudla okuhle, noma ubungane obuyigugu bungasikhumbuza ukuthi uNkulunkulu ngomusa ulungiselela izinto eziningi ukuze sijabule. Kuyiqiniso, “okungabonwayo kwakhe [kuhlanganise nomusa], . . . kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Ukuzindla ngezinto ezinjalo kubalulekile uma sifisa ngempela ukulingisa uNkulunkulu wethu omkhulu womusa.

Kwenze Umgomo

Ngokuqinisekile kuwusizo ukukwenza umgomo wethu ukuba nemfanelo yomusa onjengokaNkulunkulu. Ubuhlobo bomuntu siqu nobomkhaya bumelwe buthuthuke lapho kuboniswa khona umusa. Umusa ukhanga abantu futhi esigijimini soMbuso. Ukungabaza okuningi kuye kwasuswa ukuze kuhlolwe iqiniso ngenxa yomusa oboniswa oFakazi BakaJehova enkonzweni. Yebo, umusa uye waveza okungcono kakhulu kulabo abebengase babe nobutha.

Enkonzweni yendlu ngendlu, omunye ufakazi osemusha wahlangabezana nowesifazane owamxosha kabuhlungu. Ephawula ukuthi owesifazane wayegula, udade wabuza ukuthi kukhona yini ayengamenzela khona. Owesifazane wenqaba ngokweyisa noma iluphi usizo. Kodwa emasontweni amabili kamuva udade osemusha wama eduze nakhona ukuze aphinde abone owesifazane futhi wabuza ukuthi ukwazile yini ukuyothenga ukudla kusukela babonana. Njengoba owesifazane wayengakwazanga ukuyothenga ukudla, udade waphikelela wamyela esitolo ukuze ayothenga izinto ezidingekayo. Ngemva kwalokho, lona wesifazane wayesebamukela ngokufudumele oFakazi ababefika ekhaya lakhe—konke lokhu kungenxa yokuthi udade wayebonise umusa onjengokaNkulunkulu.

Lemfanelo efiseleka kakhulu inamandla akhangayo. Okubonisa lokhu yilokho okwaphawulwa umfundi osemusha wasekholiji ngemva kokuya eHholo LoMbuso okokuqala. Ehholo, oFakazi abavela esizindeni esiphansi babekhathalela indlela lona wesifazane ayeyosabela ngayo kubo nasenkulumwenl yabo. Kodwa lona wesifazane ofundile akazange awakhumbule amaphutha okungenzeka bawenza. Kunalokho, wakhumbula kuphela ukuthi wonke umuntu wayenomusa kuye, futhi wahlatshwa umxhwele isithakazelo sangempela ababa naso kuye. Eshukunyiswe isibonelo sabo, wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu. Ngokushesha wabonisa isithakazelo esingenabugovu kwabanye njengephayona elivamile futhi kamuva njengelungu lomkhaya waseBethel.

Kuyiqiniso, umusa onjengokaNkulunkulu uyimfanelo efiseleka kakhulu. Uyilokho okumelwe kube sobala kukho konke ukusebenzelana kwethu. Ingabe uyawubonisa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela