Ukuthula Nokulondeka—NgoMbuso KaNkulunkulu
“IZINJONGO zenhlangano yeZizwe Ezihlangene yilezi: 1. Ukulondoloza ukuthula nokulondeka kwezizwe zonke.”—Charter of the United Nations.
Kafushane nje, lokhu kuwumbono otusekayo. Kodwa njengoba sesiphawulile, imiphumela yeminyaka engama-40 ikwenza kube sobala ukuthi inhlangano yeZizwe Ezihlangene ayizange iphumelele ‘ekulondolozeni ukuthula nokulondeka kwezizwe zonke.’ Nokumemezela kwayo u-1986 “njengoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke” nakho akunakwenza mehluko.”a
Yinye kuphela indlela ukuthula nokulondeka okuhlala njalo okuyolethwa ngayo kulomhlaba—ngoMbuso kaNkulunkulu ezandleni zikaJesu Kristu. Lona uhulumeni wasezulwini ongokoqobo lowo uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:9, 10) Kodwa uyophumelela kanjani lapho inhlangano yeZizwe Ezihlangene ingaphumelelanga? Kulula: UMbuso kaNkulunkulu uyophumelela kuzo kanye izizathu inhlangano yeZizwe Ezihlangene engaphumelelanga kuzo.
Okungaphezu Kokuhlakanipha Komuntu Kudingekile
Kumagazini owandulela lona, saphawula ukuthi esinye isizathu esenza inhlangano yeZizwe Ezihlangene yangaphumelela siwukuthi uNkulunkulu akazange anikeze umuntu ukuhlakanipha noma ilungelo lokuzibusa. (Jeremiya 10:23) Kanjalo, ayikho inhlangano eyenziwe umuntu, kungakhathaliseki ukuthi inezinhloso ezinhle kanjani, engaphumelela ekuletheni ukuthula nokulondeka.
Kunalokho, uJesu Kristu, iNkosi emisiwe yoMbuso kaNkulunkulu, uye wabonisa njalo ukuhlakanipha okungaphezu kokomuntu. (Mathewu 13:54) Isibonelo esiyinhloko siyiNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni. (Mathewu, izahluko 5 kuya ku-7) Kuyona wachaza indlela yokuthola injabulo yangempela, indlela yokuxazulula izingxabano, indlela yokugwema ukuziphatha okubi kobulili, nendlela yokuthola ikusasa elilondekile. Ingabe akukhona yini okunengqondo ukuthi uMbusi onokuhlakanipha nokuqonda okunjalo ngesimo sabantu uyokwazi ukuletha ukuthula nokulondeka?
Ngaphezu kwalokho, ukuhlakanipha okukhulu kukaJesu kwathuthukiswa ikhono lakhe elimangalisayo lokubona izinhliziyo zabantu nokwazi izisusa zabo zangempela nemicabango yangaphakathi. (Mathewu 9:4; Marku 2:8) Cabanga ukuthi lokho kusho ukuthini: Esinye isithiyo esikhulu sokuthula nokulondeka namuhla ukungathembani. Ngokungayazi imicabango nezisusa zomuntu ngamunye, abantu nezizwe ngokuvamile abathembani. Lokho kungathembani kumi njengothango oluvimbela ukuthula. Kodwa ngombusi ‘ongafunda izinhliziyo zabantu’ lokho akunankinga neze.—Johane 2:25, Knox.
Ukususa Izitha Ezingaphezu Komuntu
Esinye isizathu esiyinhloko esenza imizamo yeZizwe Ezihlangene yokuletha ukuthula yangaphumelela kwakuyithonya ‘lombusi walelizwe,’ uSathane uDeveli. (Johane 12:31) Yena noquqaba lwakhe lwamademoni bayazi ukuthi ‘banesikhathi esifushane’ ngaphambi kokuba basuswe. Bezimisele ukudala ‘umaye kuwe-mhlaba,’ baye bema endleleni eya ekuthuleni ngokwehlukanisa isintu ngokwezombangazwe nangokobuzwe.—IsAmbulo 12:9-12.
Ubani ongasusa abaqhathi abanjalo bempi abangaphezu komuntu? IBhayibheli liyaphendula, uJesu Kristu, lowo okubhekiselwa kuye njengoMikayeli, lowo, enezingelosi zakhe, owaxosha uSathane namademoni akhe ezulwini. Kanjalo siyafunda: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, . . . yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe.” (IsAmbulo 20:1-3) Ngakho uSathane uyosuswa. Kungalesosikhathi kuphela lapho kuyoba nokwenzeka khona ukujabulela ukuphila ngokuthula nokulondeka kwangempela.
“Umntwana” KaNkulunkulu
Umagazini wethu owandulela lona waphawula isizathu sesithathu esenza inhlangano yeZizwe Ezihlangene ingakwazi neze ukuletha ukuthula nokulondeka: Ingumntwana walelizwe futhi, ngenxa yalokho, izuza njengefa ubuthakathaka, ububi, nokonakala lokho okukhona ezizweni ezingamalungu ayo.
Okuqabulayo kunalokho, uMbuso oyoletha ukuthula nokulondeka ufanekiselwe kusAmbulo 12:5 ‘njengomntwana’ kaNkulunkulu. Umbusi wawo ubonisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Phawula ezinye zezimfanelo ezithandekayo ezaboniswa umbusi wawo, uJesu Kristu: uthando lokuzidela (Johane 15:12, 13); umusa nozwela (Mathewu 9:10-13; Luka 7:36-48); ukuzithoba (Johane 13:3-5, 12-17); isihe (Marku 6:30-34); isihawu (Heberu 2:17, 18; 4:15); ukugxila ekulungeni (Isaya 11:4, 5). Ngeke yini ukujabulele ukuzithoba kuMbusi onjalo?
Uzoletha “Umhlaba Omusha”
Isizathu sokugcina esenza inhlangano yeZizwe Ezihlangene ukuba ingakwazi neze ukuletha ukuthula kwaboniswa amazwi alowo owayenguNobhala-Jikelele uDag Hammarskjöld lowo, emuva ngo-1953, owathi: “Ithemba lethu elikhulu kakhulu liwukuthi singase sivunyelwe ukusindisa umhlaba omdala.” Uma ayenombono wokulonda lesimiso sezinto sezwe lonke, khona-ke imizamo enjalo yokusindisa “umhlaba omdala” kumelwe yehluleke. Ngani?
Ngokwesibonelo, ‘lomhlaba omdala’ wenziwe ngohulumeni babantu. Uhulumeni ngamunye uthuthukisa ubuzwe, obuhlukanisa abantu; ubuzwe bugcizelela izithakazelo zesizwe esisodwa kunokufuna inhlala-kahle kawonk’ uwonke yazo zonke izizwe. Lesithakazelo sobugovu silulaza noma imuphi umzamo owenziwa iZizwe Ezihlangene wokuletha ukuthula. Njengoba uhla lomhleli ephephandabeni laseBrithani iThe Guardian lwaphawula: “Njengoba kungekho nesisodwa sezizwe ezingamalungu esithanda ukudela izithakazelo zaso ngenxa yobunye obanelisayo, ithemba lokulunga kwezinto lincane. Umsebenzi okuyiwonawona woMhlangano [Omkhulu Wezizwe Ezihlangene] ukusebenza njengohlobo lwesilinganiso sombono wembulunga yonke. Isimiso sawo sigcwele izimpikiswano okuye kwaphikiswana ngazo iminyaka eminingi eziye zaba nentuthuko encane uma yake yaba khona ekuxazululeni izinkinga.”
Kodwa kunesinye isizathu esinamandla sokuthi kungani imizamo yeZizwe Ezihlangene yokusindisa “umhlaba omdala” ingaphumeleli: Imelene nezinjongo zikaNkulunkulu. Kanjani? Emehlweni kaNkulunkulu “umhlaba omdala” ngeke ushintshwe. Isikhathi siyasondela lapho injongo kaNkulunkulu eshiwo iyogcwaliseka khona. Njengoba umphostoli uJohane eyichaza: “Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:1) Ekususeni ohulumeni abenziwe ngabantu, uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ubuzwe obahlukanisayo. Esikhundleni sabo “umhlaba omusha,” umphakathi wesintu ohlelwe ngokulunga, uyophila ngaphansi kowodwa uMbuso wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu. Khona-ke, kungalesosikhathi kuphela, lapho isintu siyokwazi ukujabulela ukuthula nokulondeka kwangempela emhlabeni kabanzi.
‘Ukukhanda Izinkemba Zibe Ngamakhuba’
Ukuthi lokhu kuyithemba langempela kuqinisekiswe ngamazwi esiprofetho seBhayibheli alotshwe odongeni olubhekene nesakhiwo senhlangano yeZizwe Ezihlangene. Athi: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Acashunwe kuIsaya 2:4.
Cha, inhlangano yeZizwe Ezihlangene ayizange iphumelele ekuvimbeleni izizwe ukuba ‘ziphakamiselane inkemba.’ Nokho, kunabantu abanikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ‘baye bakhanda izinkemba zabo zaba-ngamakhuba.’ Baye babonisa ubunye obuphakeme kunemingcele yobuzwe neyezizwe. Akukho noma ikuphi ukucindezela okungaphoqa lamaKristu angathathi-hlangothi ukuba ‘aphakamisele inkemba’ abanye abantu. Bangobani? OFakazi BakaJehova.
Isibonelo sokusabela kwabo lapho becindezelwa ukuba bahlanganyele ezimpini zezizwe siyilokho okwenzeka komunye uFakazi ezweni labaNsundu eligcwele ubuphekulazikhuni bezombangazwe.
Ukuze lithole amasosha empi yalo yomshoshaphansi, iqembu lamaphekulazikhuni kulelizwe lithumba amadoda bese liwakhethisa: Ukuhlanganyela empini yamaphekulazikhuni noma ukudutshulwa. Ngolunye usuku bathumba omunye woFakazi BakaJehova. Abaholi, ababekade bephuza, bamkhethisa. Babeka phambi kwakhe amabhodlela amabili otshwala, bakhomba kwelinye bathi limelela uhulumeni; elinye limelela iqembu labo lobuphekulazikhuni. Bambuza, ‘ungowaliphi wena?’ UFakazi wacabanga isikhashana, futhi ebheka amanye amabhodlela aseduze, wathatha elilodwa walibeka phakathi kwalawa amabili, ethi: Mina ngilapha.’ Wanezela: ‘Angithathi-hlangothi, njengoba ngingowoMbuso kaNkulunkulu.’ Ngemva kwalokhu, washaywa izikhathi eziningana. Wabe esaphoqelelwa ukuba enze umsebenzi wobugqila ekamu lempi yomshoshaphansi, engazi noma bazomdubula yini. Ngemva kwezinyanga eziyisishiyagalombili, wabaleka ngesikhathi amasosha kahulumeni ehlasela ikamu.
OFakazi BakaJehova baye baxolela ukuboshwa, ngisho nokufa, kunokuhlanganyela ezimpini zezizwe, Ngalokho, eJalimane lobuNazi izinkulungwane zabo zazifakwa emakamu okuhlushwa ngoba zazingenakukusekela ukubusa kobushiqela kobuNazi. Amakhulu amaningi oFakazi ayebulawa ngokomthetho noma ezifela emakamu. Nokho manje, njengoba uhulumeni omubi wobuNazi esaphela kudala, oFakazi BakaJehova bayanda eJalimane nakuyo yonke imbulunga.
Kodwa kungani bephumelela ‘ekukhandeni izinkemba zibe ngamakhuba’? Umqondo ungase utholakale esingenisweni sencwadi kuHulumeni iUNESCO, esithi: “Kusukela izimpi zaqala ezingqondweni zabantu, kusezingqondweni zabantu lapho kumelwe kwakhiwe khona izinqaba zokuthula.”
Ngokuvumelana nalokho, ngokuqondene nalabo ‘abakhanda izinkemba zibe-ngamakhuba,’ isiprofetho sikaIsaya sithi, ‘bangabe besafunda ukulwa.’ Kunalokho, ngokutadisha nangokusebenzisa imiBhalo. ‘bafunda izindlela zikaNkulunkulu futhi bahambe emikhondweni yakhe.’ (Isaya 2:3, 4) Ngosizo lomoya wakhe ongcwele, ‘baguqula izingqondo zabo,’ babe nokuthula.—Roma 12:2, 18.
Ubufakazi obusobala bokuthi oFakazi BakaJehova baye ‘bakhanda izinkemba zaba-ngamakhuba’ bubonisa ukuthi ukuphila ngokuthula nokulondeka kunokwenzeka. Indlela yabo yokuphila manje ibonisa ngokwezinga elincane lokho uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu oyokufeza emhlabeni wonke esikhathini esizayo esiseduze.
Ingabe ithemba elinjalo likuhlaba umxhwele? OFakazi BakaJehova bayohlanganyela nawe ngenjabulo ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzoletha ukuthula nokulondeka okuhlala njalo. Kungani ungathintani nabo endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini? Funda okwengeziwe ngokuthi ‘ungazikhanda kanjani izinkemba zibe-ngamakhuba’ kwamanje, ngethemba lokujabulela ngokushesha ukuphila emhlabeni engenayo impi.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ephelele yokuthi kungani inhlangano yeZizwe Ezihlangene ingaphumelelanga, siza ubheke INqabayokulinda kaOctober 1, 1985.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Izizathu Zokuba Inhlangano YeZizwe Ezihlangene Yehluleke:
◻ Ukuhlakanipha komuntu kulinganiselwe kakhulu (Jeremiya 10:23)
◻ Ithonya likaSathane lonakalisa imizamo yayo (IsAmbulo 12:12)
◻ Ingumntwana walelizwe futhi izuza njengefa ubuthakathaka balo (1 Johane 5:19)
◻ Izama ukusindisa “umhlaba omdala,” lowo omelene nezinjongo zikaNkulunkulu (1 Johane 2:17)
Izizathu Eziyokwenza UMbuso KaNkulunkulu Uphumelele:
◻ Umbusi wawo unokuhlakanipha okungaphezu kokomuntu futhi angafunda izinhliziyo zabantu (Johane 2:25)
◻ Uyosusa abaqhathi bempi abangamademoni (IsAmbulo 20:1-3)
◻ ‘Ungumntwana’ kaNkulunkulu, futhi umbusi wawo ubonisa izimfanelo zikaNkulunkulu (IsAmbulo 12:5)
◻ Uyomisa “umhlaba omusha” onokulunga ngaphansi kukahulumeni owodwa wasezulwini (IsAmbulo 21:1)
[Isithombe ekhasini 7]
UMbuso kaNkulunkulu uyomisa “umhlaba omusha,” umphakathi wesintu olungile, oyophila ngaphansi kukahulumeni wasezulwini owodwa