Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe “Amazwi Esiqinisekiso Alotshiwe Athembisa Ukwethembeka” ebuhlotsheni bomshado obukhona awanakushintsha njengoba kunjalo ngomshado ongokomthetho?
Lokhu kusebenza elungiselelweni elikhethekile elinikezwa kuphela emazweni lapho ukudivosa umngane wangaphambili kungavunyelwa khona ngumthetho. AmaKristu ikakhulukazi anesithakazelo kulendaba, ngoba iZwi likaNkulunkulu libonisa indlela engathi sína abheka ngayo ilungiselelo lomshado. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wabhala: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Ngakho-ke, ake siphawule uhlobo lwesimo olubangela lombuzo:
Umbhangqwana osebuhlotsheni bomshado ongenakwenziwa ngokomthetho uthola iqiniso, kanti futhi ukubhapathizwa kobuKristu kufiselwa omunye noma bobabili abangane. Amazwi esiqinisekiso ayisithembiso sokwethembeka kulobubuhlobo bomshado kuze kube yileso sikhathi okungase kwenzeke ngaso ukwenza umshado ube ngokomthetho ngokuhambisana nomthetho wendawo. INqabayokulinda kaSeptember 15, 1977, ikhasi 427, yasikisela indlela amazwi esiqinisekiso angahlelwa futhi abhalwe ngayo: “Ubufakazi obunjalo bubhekwa njengobubopha ngokufanayo nalobo obenziwe ngaphambi kwesikhulu somshado esimelele “uKesari” onguhulumeni wezwe.”—Bheka amazwi kaJesu kuMathewu 22:21.
Nokho, siyini isimo uma “uKesari” eshintsha umthetho wedivosi, njengoba muva nje kuye kwenzeka eItaly? Njengoba manje sekunokwenzeka ukuthola idivosi kumngane wangaphambili, umKristu obhapathiziwe ophila ebuhlotsheni bomshado njengoba busekelwe ‘eMazwini Ayisiqinisekiso Athembisa Ukwethembeka’ kumelwe athathe izinyathelo ngokushesha, ngokuqondene namazwi esiqinisekiso, “ukuze athole ukuvunyelwa okungokomthetho kwalobobuhlobo.” Isinyathelo sokuqala siyoba ukuthola idivosi kumngane wangaphambili. Isinyathelo esilandelayo siyoba ukwenza umshado nomngane omusha ube ongokomthetho. Ngisho noma umngane omusha engakholwa, lowomngane kuyodingeka akuvumele ukuba lomshado ube ongokomthetho. Uma ongakholwa enqaba ukwenza kanjalo, umngane ongumKristu kuyodingeka ukuba ahlukane naye ukuze alondoloze ukuma okuvumelekile ebandleni. Isizathu salokhu siwukuthi “Amazwi Ayisiqinisekiso Athembisa Ukwethembeka” ngeke esaqashelwa yibandla njengasebenzayo, ngenxa yendlela manje esivulekile ukuba umshado wenziwe ube ongokomthetho.
Nokho, lapho indlela ivuleka futhi labo bobabili beshada, umshado onjalo ongokomthetho uyisibopho esingenakushintsha, ngokuphambene ‘naMazwi Esiqinisekiso Sokwethembeka,’ lawo ngomusa abekade eyilungiselelo lokwethembeka isikhashana.