Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe uma othile esebusayinile uBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka, lingaqedwa lelolungiselelo?
Lombuzo uphathelene nelungiselelo elingasebenzi emazweni amaningi. Ngakho okokuqala ake sibone ukuthi liyini lelolungiselelo lesikhashana elingathi sína.
INqabayokulinda kaSeptember 15, 1977, yakhuluma ngenkinga esemazweni amaningi. Nakuba uNkulunkulu eyivumela idivosi esekelwe ngokomBhalo, abanye ohulumeni abanalo ilungiselelo ledivosi. (Mathewu 19:9) Noma umthetho ungase wenze kube nzima ukuthola idivosi, mhlawumbe kudingeke iminyaka eminingi. Ngakho-ke, lowomagazini wachaza ukuthi oFakazi BakaJehova banemvume esebenza kulawomazwe kuphela; ihilela uBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka. Cabangela isibonelo selungiselelo:
Owesifazane ufinyelela olwazini lweqiniso lobuKristu lapho ehlala (futhi mhlawumbe enabantwana) nendoda esinesikhathi eside ihlukene nomkayo ongokomthetho. Owesifazane osanda kuthakazela uthembekile kuyo futhi ufuna ukushada nayo, kodwa lokho akunakwenzeka ngoba umthetho awuyivumeli ukuba idivose umkayo ongokomthetho, Ngakho-ke, uma abadala bebandla beneliseka ngokuthi ubuhlobo bakhe nalendoda buyomukeleka kuNkulunkulu ngenye indlela, bayomvumela ukuba asayine uBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka. Lapho uyaphawula ukuthi uye wenza konke okusemandleni akhe ukuze enze lobubuhlobo bube obusemthethweni; ukuthi uyasivuma phambi kukaNkulunkulu isibopho soBufakazi; nokuthi uthembisa ukushada ngokusemthethweni ngokushesha ngangokunokwenzeka, khona-ke aqede uBufakazi obumenze wakwazi ukuba yingxenye yebandla lobu Kristu.
Nokho, umbuzo uyaphakama: Lapho yena (noma omunye okulesosimo) engena ebandleni ngaphansi koBufakazi obunjalo, ingabe ikhona enye indlela yokuba buphele noma obungaqedwa ngayo?
UBufakazi ngokwabo buphawula ukuthi obusayinayo ‘uqaphela ubuhlobo bakhe njengesibopho esibophayo phambi kukaJehova uNkulunkulu naphambi kwabo bonke abantu, ukuthi kumelwe kunanyathelwe kubo futhi buhlonishwe ngokuvumelana okugcwele nezimiso zeZwi likaNkulunkulu.’ Khona-ke ngokubheka kwebandla, ngokokuziphatha bubopha njengomshado osemthethweni. Nokho, ukufa komngane kuqeda umshado noma ubuhlobo ngaphansi koBufakazi obunjalo. (Roma 7:2) IBhayibheli futhi lithi uma umngane womuntu womshado enecala lepor·neiʹa (ukuziphatha okubi kobulili ngaphandle komshado), umngane ongenacala angathola idivosi. (Mathewu 5:32; 19:9) Ngokufanayo, ngaphansi koBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka, ukuziphatha kabi komngane kungaba isisekelo sokuqeda ubuhlobo, uma ongenacala ekhetha kanjalo. UmKristu ongenacala kuyofuneka aveze kwabadala ubufakazi bokungathembeki. Lokhu kuyoqeda uBufakazi, ngemva kwalokho ongenacala uyokhululeka ngokomoya.
Ukwazi ukuthi ibandla licabangela uBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka njengobubophayo ngokokuziphatha njengomshado osemthethweni kuphakamisa enye inkinga. Lokhu kwenzeka lapho isithiyo sangaphambili sokushada sisusiwe. Ngokwesibonelo, esibonelweni esi ngenhla, umfazi wendoda ongokomthetho angase afe noma uhulumeni angase agunyaze idivosi, futhi indoda Izimisele ukushada owesifazane ongumKristu ngokomthetho. Esimweni esinjalo udade akanakuqhubeka ngaphansi koBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka, ngisho nangezizathu ezinjengokuba kwakho okudumazayo ukushada ngokomthetho manje noma ngenxa yokuthi angase alahlekelwe ilungelo elithile lezinto ezibonakalayo. Ngokuvumelana noBufakazI bakhe, kumelwe manje athathe izinyathelo zokwenza ubuhlobo babo bube ngokomthetho. Ngaphandle kwalokho, ibandla lingenza uBufakazi bube obungasebenzi, futhi kungadingeka ukuba ahlukane naleyondoda noma asuswe ekuhlanganyeleni,
Nokho, kuthiwani uma ongakholwa enqaba ukumshada? Lapho esayina uBufakazi, ibandla labheka ubuhlobo njengobubophayo nobucocekile. Iqiniso lokuthi akakwazi ukuphoqelela umngane wakhe ongakholwa ukuba abhalise umshado wabo ngokomthetho alenzi manje ubuhlobo bube obungacocekile. Ngakho angaqhubeka abe umngane othembekile, engadingi ukuhlukana nongakholwa, nakuba kumelwe aphikelele emizamweni yakhe yokwenza umshado ube ngokomthetho (Lokhu kulungisa ukukhulumela okukwesithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kaNovember 1, 1985.)—Qhathanisa nabAhluleli 11:35; Luka 18:1-5.
Yebo, isimo siyehluka uma bobabili basayina uBufakazi futhi baba amaKristu abhapathiziwe. Kulokhu, bobabili bazibophe ngokungathi sína ukungenela umshado ongokomthetho lapho isithiyo sikahulumeni sesisusiwe, ngalesosikhathi uBufakazi buyoqedwa. Babophekile ukwenza lokhu phakathi nesikhathi esifanele, kungenjaIo bahlukane ukuze bahlale ebandleni. (Qhathanisa nesithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuNqabayokulinda yesiNgisi kaSeptember 1, 1982.) Uma behlukana, uBufakazi obubophayo bokuziphatha buyaqhubeka busebenza, ngakho akekho okhululekile ukungenela umshado nomunye owehlukile.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:10, 11.
Nakuba ilungiselelo loBufakazi Obuthembisa Ukwethembeka lingasebenzi ezindaweni eziningi, ingxoxo engenhla igxiliswe endinganisweni yeBhayibheli esebenza kuyo yonke indawo: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.”—Heberu 13:4.