“Amaphuzu Avelele EBhayibheli” Anikeza Ukuqondisisa Okwengeziwe
LAPHO amaJuda ebuya ekuthunjweni eBabiloni phakathi nekhulu lesithupha B.C.E., amadoda anomthwalo wemfanelo phakathi kwawo ‘abuthana kuEzra umbhali ukuba aqaphele [“aqondisise,” NW] amazwi omthetho.’ Yini eyaba umphumela wokuqonda kwabo okwenezelwe? Phela, abantu baba noMkhosi wamaDokodo omangalisayo kwaba khona “ukuthokoza okukhulu kakhulu”!—Nehemiya 8:13-18.
Njengoba lesosibonelo sibonisa kahle, ukuzuza ukuqondisisa emiBhalweni kungaba nemiphumela emihle kakhulu kubantu bakaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, komagazini bakaJanuary 15, February 15, nokaMarch 15, 1986, INqabayokulinda iyoba nesihloko esithi “Amaphuzu Avelele EBhayibheli.” Lezihloko ziyokwenza abafundi bethu bazuze ukuqonda okujulile ezincwadini zeBhayibheli zikaEzra, Nehemiya, noEsteri.
Lezifundo ziyosisiza ukuba sibukeze izenzakalo ezivusa amadlingozi ezihlangene nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso eJerusalema, ukwakhiwa kwethempeli likaJehova lapho, nokulondolozwa kwabantu bakaNkulunkulu ekuhlaselweni yizitha. Ngempela, ngokufunda lezincwadi njengoba zisikiselwe kwesithi “Amaphuzu Avelele EBhayibheli,” oFakazi BakaJehova nabangane babo bayokwazi ukuthola inzuzo eyengeziwe ekuhlanganisweni kwendaba efanayo engokomBhalo eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini samasonto onke. Ngokwengeziwe, abazalwane ababelwe ukunikeza “Amaphuzu Avelele Ekufundweni KweBhayibheli” esimisweni sesikole bangasebenzisa isihloko esithi “Amaphuzu Avelele EBhayibheli” ngokwenzuzo enhle kakhulu ekuphenduleni imibuzo engokomBhalo nokuveza ukuthi indaba isifundisani.—Roma 15:4.
[Ishadi ekhasini 7]
AmaKhosi asePheresiya aphawulwe kuEzra, kuNehemiya, nakuEsteri
Ukubusa (B.C.E.) Igama Elingokwezwe Igama Izikhombo
elingokweBhayibheli EzingokomBhalo
522 (izinyanga eziyi-8)
Gaumata (Smerdis) UAritahishashita Ezra 4:7-23