Ukuzuza Amandla Amasha, Singakhathali
“Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.”—ISAYA 40:29.
1, 2. Ubungakubonisa kanjani lokho amaKristu afana ngakho nabagijimi bebanga elide?
NGOLUNYE usuku ekuseni ngo-October 1984 izindimbane zabantu ababezoncintisana abalinganiselwa kwabayizi-16 000 bagcwala emigwaqweni ukuze baqale umncintiswano wokugijima ibanga elide eDolobheni laseNew York. Lapho umncintiswano uphelela khona kwakuqhele ngamakhilomitha angama-42.2. Lolosuku lwasekwindla olwalushisa ngokungahambelani nenkathi yonyaka lwaba nesivuvu sokushisa kanye nesifudumezi esaqeda amandla abagijimi futhi savivinya ukukhuthazela kwabo. Umncintiswano waphenduka waba ngumshikashika oqeda amandla ngisho nakubagijimi abahle kakhulu. Abaningi abagijimi bakhathala futhi bawushiya phakathi umncintiswano; cishe abayizi-2 000 abawuqedanga. Labo abawuqeda banqoba izimo ezinzima kakhulu.
2 NamaKristu, ngokufanayo, asemncintiswaneni. Uyini umklomelo? Ukuphila okuphakade. Futhi njengomgijimi webanga elide, kumelwe alwe kuze kube sekupheleni. Ukukhuthazela kudingekile. Amandla kumelwe alondolozwe futhi ukukhathala kugwenywe. Umncintiswano wethu wokuphila awufani nokusubatha ibanga elifushane kodwa, kunalokho, ufana nowebanga elide. UPawulu wathi kumaKristu ayekholwa nawo aseKorinte: “Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo. Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.” (1 Korinte 9:24) Indlela amaKristu agijima ngayo ingeyokuphikelela.—Luka 13:24.
3. Iyiphi okuwukuphela kwendlela amaKristu angagcina ngayo ijubane kuze kube yilapho eqeda umncintiswano?
3 Kodwa ungase ubuze: ‘Ubani ongagcina lelojubane aze ayoqeda umncintiswano?’ Akekho kithi ongakwenza ngamandla ethu. Ukuze sizuze umvuzo, kumelwe sivulele wona kanye uMthombo wamandla, uJehova uNkulunkulu.—Jobe 36:22; IHubo 108:13.
UJehova—Umthombo Wamandla
4. Ngokomprofethi uIsaya, kungani singaba nokwethembela emandleni kaJehova okuqinisa izinceku zakhe?
4 UJehova ngokungangabazeki angazisekela izinceku zakhe. Ngomlomo womprofethi wakhe uIsaya, uMninimandla onke wakhuluma ngokungabi namkhawulo kwamakhono aKhe nokungafani nalutho kwemisebenzi yaKhe enamandla. Wathi, “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa. . . . Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.”—Isaya 40:26-28.
5, 6. Nikeza izibonelo zamandla kaJehova.
5 Kusukela kokuncane kuya kokukhulu, ukubonakaliswa kwamandla okudala kaJehova kuyesabeka! Ngokwesibonelo, cabanga ngezakhi lezo zonke izinto, kuhlanganise nathi, ezakhiwa ngazo—amaathomu. Mancane kangangokuthi ithonsi lamanzi linama-athomu ayisigidi sezigidi eziyi-100. Nokho, ngokumangalisayo, okuqukethwe inucleus ye-athomu kunamandla anele okudedela, ngesikhathi esisodwa ukuqhuma okunamandla anele ukugubha umgodi omkhulu emhlabathini ojule ngezitezi ezingama-32 futhi obanzi ngamakhilomitha angama-0,402.
6 Ngakolunye uhlangothi, cabangela ilanga. Lomthombo omkhulu wokushisa, onesisindo sezigidi zezigidi zamathani, ushisisa unozungezilanga wethu. Uthola ukushisa emandleni avela kuma-athomu amancane. Nakuba konke ukuphila emhlabeni—izitshalo, izilwane, nabantu—kuncike emandleni akhishwa yilowomthombo omkhulu kakhulu wamandla osesibhakabhakeni, amandla amancane kakhulu elanga afinyelela ngokoqobo emhlabeni. Nokho, anele ukusekela ukuphila. Encwadini yakhe iAstronomy, isazi sezinkanyezi uFred Hoyle uyabhala: “Ingxenyana encane kakhulu yamandla eLanga ewela eMhlabeni—elinganiselwa ezingxenyeni eziyisihlanu esigidini sezigidi eziyikhulu—cishe inkulu ngokuphindwe izikhathi eziyi-100 000 ngaphezu kwawo wonke amandla asetshenziswa kwezemisebenzi emhlabeni.”
7. Kumelwe sizizwe kanjani ngoJehova ngemva kokucabangela amandla abonakala endalweni yakhe?
7 Nokho, ilanga lingeyodwa yezinkanyezi eziyizigidi eziyizinkulungwane ezenza umthala wethu iMilky Way—futhi iyinkanyezi enobukhulu obulingene. Ngokwengeziwe, izazi zezinkanyezi zilinganisa ukuthi kunemithala eyizi-100 000 000 000 esendaweni yonke esiyaziyo. Lokhu kuyamangalisa uma ukucabanga, akunjalo? Akumangalisi ukuthi indoda enguJobe, ngemva kokucabanga ngendlela uJehova ‘aleneka ngayo izulu eyedwa,’ wathi uNkulunkulu “owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.”—Jobe 9:8-10.
UJehova Angakunika Amandla
8. (a) Obani kuphela abangawathola ngokugcwele amandla kaJehova, futhi ngani? (b) Kukanjani isithembiso esikuIsaya 40:29-31 siqinisa ukholo?
8 Abakhulekeli bakaJehova beqiniso bangathola mahhala amandla kuloMthombo wamandla owadala nosekela indawo yonke. Izinceku zikaJehova ‘zinganikwa ukuqiniseka emandleni ngomoya wakhe ongcwele,’ zingakwesabi neze ukuphelelwa ngamandla. (Efesu 3:16; IHubo 84:4, 5) Ngokuqinisekile, ukuphumelela kwethu emncintiswaneni wokuphila kwencike ekuthembeleni ngokuphelele ekutheni isandla sikaNkulunkulu esinamandla singasenza siwuqede umncintiswano. Angasinika amandla. Njengoba umprofethi uIsaya ethi ngoJehova: “Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) Phela, ukufunda nje lawomazwi kungavuselela umoya wethu!
9. UJehova angakusiza kanjani ezinkingeni zakho ‘ezingangezintaba’?
9 Lapho ubhekene nezinkinga ezibonakala zinkulu kakhulu ezisongela ukuvimbela intshiseko yakho yokukhulekela kweqiniso, ungase uzizwe unamahloni futhi ungabalulekile. Ungadangali. Phendukela kuYihlo wasezulwini onamandla onke. Uqinisa ‘bonke abamethembayo.’ Ingabe uMdali weathomu angahluleka ukushukumisa abantu bakhe ngamandla amakhulu ngokwanele ukuba agudluze ‘lezozintaba’? Ngokuqinisekile angakwenza!—Marku 11:23.
10. (a) Iziphi izinto ezingakhathaza abagijimi abangamaKristu? (b) Yini uSathane afuna ukuyenza kuwe?
10 Ngakolunye uhlangothi, amanye amaKristu angase akhathazwe kakhulu impi yansuku zonke yokulwa nokucindezela kwezwe eligabisa ngokungazinaki izimiso zobuKristu kangangokuba aze azizwe ephelelwa ngamandla noma ngisho ashiye nomncintiswano wokuphila. Ukugula, izinkinga zezimali, izinkinga zomkhaya, isizungu, noma ezinye izinkinga nazo zingase zibangele ukudumazeka. Futhi ukudumazeka kungase kuqede masinyane amandla omKristu, njengoba nje nosuku olufudumele lungase luqede masinyane amandla omgijimi webanga elide. ISitha esikhulu, uSathane uDeveli, usebenzisa izinto ezinjalo ukuze azame ukwephula ubuqotho bakho njengenceku kaJehova. (1 Petru 5:8) Ungamvumeli uDeveli akwenze lokho! Bheka kuMdali walezozigidigidi zemithala yezulu ukuba abuyisele umthombo wamandla akho angokomoya. UJehova angakusekela.—IHubo 37:17; 54:4.
11. Yini esingayifunda endleleni uDavide abhekana ngayo nezithiyo?
11 Lapho ebhekene nezithiyo, uDavide njalo wayethola uJehova engumthombo wamandla amasha. Evuselelwe amandla umoya ongcwele, kanjalo uDavide wakwazi ‘ukweqa’ noma ikuphi ukuphikiswa. Wathi: “Ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.” UDavide wathi futhi: “NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.” (IHubo 18:29; 60:12) Nawe uJehova angakwenzela okufanayo.
Yilwa Nokukhathala Okungokomoya
12. (a) Kungani ukukhathala okungokomoya kumelwe kusheshe kususwe? (b) Ziyini izimpawu zokukhathala okungokomoya? (c) Imaphi amalungiselelo uJehova aye wawenza okuvuselela labo abakhathele ngokomoya?
12 Kumelwe sisheshe ukuphawula izimpawu zokukhathala okungokomoya bese sishesha futhi ukubhekana nazo. Ngani? Ngoba yilabo kuphela abayingcosana ‘abaphikelela ukungena ngomnyango omncinyane,’ noma yilabo bagijimi abadlulela ngalé kwentambo lapho kuphelela khona umncintiswano, abazuza umklomelo wokuphila okuphakade. (Luka 13:24; Filipi 3:12, 13) Hlola ibhokisi elikulesihloko elinesihloko esithi “Izindlela Ezithile Zokulwa Nokukhathala Okungokomoya.” Ingabe uyaziqaphela ezinye zalezimpawu kuwe noma elungwini lomkhaya? Uma kunjalo, thatha izinyathelo eziphuthumayo ukuze ulungise. Vuselela ingokomoya lakho ngokuthola amandla emalungiselweni kaJehova asohidini.
13, 14. (a) Iziphi izibonelo ezingasisiza ukuba sivuselele amandla ethu angokomoya? (b) Iseluleko senye inceku kaJehova enesikhathi eside singasisiza kanjani ukuba sihlale sisemncintiswaneni?
13 Ungamelana nokuthambekela kokukhathala ngokulingisa izibonelo zezinceku zikaNkulunkulu zomlando weBhayibheli ezanqoba. Kunamadoda nabesifazane, abancane nabadala abaningi, abakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni. Funda ngabo emibhalweni enjengamaHeberu 11:4-40. Ngokufanayo, ezikhathini zanamuhla sinabazalwane nodade abaningi abathandekayo abaqhubeka bekhonza uJehova ngokungakhathali.
14 UGeorge, ohlala engxenyeni eseningizimu yeUnited States, uyisibonelo somgijimi ongumKristu ongakaze akhathale. Ngemva kweminyaka engaphezu kwama-50 esemncintiswaneni wokuphila okuphakade, usaqhubeka enamandla. Isiphi iseluleko asinikeza sona?
“Ngingathi ngokugcizelela, namathela enhlanganweni. Khumbula ukuthi uJesu Kristu, njengaLowo Omiswe uJehova, wengamele inhlangano. Ngakho ungadumazeki uma othile oseduze kakhulu nawe eba ongathembeki. Uma kukhona okuthile ongakuqondi ngokugcwele noma okuthola kunzima ukukwamukela, themba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzokhanya. Inhlangano kaJehova iye yasisiza kulokhu kuze kube manje. Yethembe ukuthi izosiqondisa singene eSimisweni Esisha.”—Johane 6:66-68.
15. Ukuze izibonelo ezinhle ziqabule umoya wethu, kumelwe senzeni?
15 Bangase babe khona abanye balaba abayigugu ebandleni lakini, noma ungahlangana nabo emihlanganweni yesifunda. Xoxa nabo. Zuza kubo. Ngokungaphezulu, izibonelo zabanye abathembekile ziyatholakala kuYearbook, INqabayokulinda, nakwezinye izincwadi ze-Watch Tower. Funda lezindaba. Bona ukuthi ungawathola kanjani amandla kulokho okuhlangenwe nakho.
Badala—Yibani ‘Usizo Oluqinisayo’
16. (a) Abadala bangawasiza kanjani amaKristu akanye nabo ukuba azuze amandla? (b) Ikuphi abadala okumelwe bakuqaphele lapho benikeza isikhuthazo neseluleko?
16 Abadala bebandla ikakhulukazi kumelwe baqaphele ukusiza amalungu abonisa izimpawu zokuba buthakathaka. UIsaya 35:3 unikeza iseluleko esihle lapho ethi: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.” Kodwa nina eningabadala ningayifeza kanjani ingxenye yenu kulokho? Phakathi kokunye, yibani ngabaqaphelayo. Tholani imbangela yangempela yokukhathala osekusobala. Nikezani ukusikisela okuwusizo, okungokomBhalo okufanela kahle lowomuntu. Kodwa qaphelani. Nifuna ukududuza, hhayi ukudumaza, umfowenu.a Ngakho-ke, ningathwesi omunye unembeza wenu, noma nicindezele umuntu ekulandeleni ikhambi lenu, noma nimthathe njengomKristu ongavuthiwe uma ekungabaza ukwamukela umbono wakho siqu. Abadala kumelwe basekele iseluleko nesikhuthazo sabo eBhayibhelini. Akunakudingeka ukuba bakhuthaze abagijimi abakanye nabo ngokubabekela imithetho yebandla engadingekile.—Qhathanisa uMathewu 11:28, 29 noMathewu 23:2-4.
17. Abadala bangawanqoba kanjani amacebo kaSathane aklanyelwe ukukhathaza amaKristu akanye nabo?
17 Abadala bangabeka izibonelo ezinhle njengabalandeli bakaKristu ngokuba ngabakulungele ukuncoma amalungu ebandla. Wenzeni azizwe efuneka ngempela futhi edingekile! Isimiso sikaSathane sihlala sikulungele njalo ukwenza amaKristu azizwe eshiyeka. Kuleliqophelo emncintiswaneni wabo wokuphila, abazalwane bethu abadingi, abazobagxeka, kodwa abangane abazobakhuthaza baze banqobe. Ngokwesibonelo, lapho udade oneminyaka eyeve kwengamashumi amane kudingeka ukuba ayeke ukuphayona, waba nesifiso esivuthayo sokubuyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Kodwa wayengenakubuyela ngenxa yezimo zezimali. Nakuba ayenenhloso enhle, umdala wambuza ngendlela enokugxeka: “Uzobuyela nini futhi ebuphayoneni?” Impendulo yakhe emfushane necacile yammangalisa: “Lapho umyeni wami esengayikhokha irenti.” Lokho umdala ehluleka ukukuqaphela, kodwa akubona kamuva, kwakuwukuthi ngokuyinhloko iholo lomyeni wakhe elalisekela ukuphayona kwakhe ngokwezimali. Kodwa lapho umqashi wakhe eqhubeka nokuqhuba umsebenzi ongabazisayo ngomKristu, unembeza womyeni wakhe wamshukumisela ukuba afune omunye umsebenzi. Kwasebekhule njengaye, yayingatholakali kalula imisebenzi. Ngakho-ke kwakumelwe aphendukele emsebenzini oholela kancane; ngenxa yalokho, kwakudingekile ngomkakhe ukuba asebenze isikhathi esigcwele.
18. Abadala bangaba kanjani “usizo oluqinisayo”?
18 Kokuhlangenwe nakho okungenhla, ingabe kumelwe sithathe ngokuthi abadala kumelwe bangasheshi ukunikeza amaKristu akanye nawo iseluleko? Cha. Kunalokho, lapho iseluleko noma isikhuthazo sidingekile, abadala kumelwe babheke izimo zabazalwane babo ezingokoqobo bangabheki nje ezicini ezingaphandle. (Jakobe 2:15, 16) Ngalendlela, abadala bangaba “usizo oluqinisayo” ebandleni.—Kolose 4:11, NW.
19. Yini ongayenza ekusizeni amaphayona ukuba angakhathali?
19 Inani elikhulayo labamemezeli boMbuso liye lakhulisa umsebenzi walo futhi manje lingamaphayona avamile. Inhlokomo yesixuku ingakhuthaza abagijimi bebanga elide ukuba bazuze amandla amasha. Khona-ke yini oyenzayo ekukhuthazeni amaphayona ebandleni lakini ukuze anqobe? UDoug noJoanne baye benza inkonzo yesikhathi esigcwele yaba umsebenzi wabo ekuphileni. Kungase kube okudumazayo uma abanye bebabuza, “Nizoba nazo nini izingane?” noma, “Niyoze nizinze nini?” Nokho, yini eyenzekayo lapho oFakazi abakanye nabo bebanikeza isikhuthazo esihle ngokuthi, “Qhubekani nomsebenzi omuhle. Siyajabula ukuba nani njengamaphayona ebandleni lakithi”? Phela, abagwemi kuphela ukukhathala okungokomoya kodwa bayasizwa ukuba bakhuphuke njengezinkozi enkonzweni yabo yobuphayona!—Qhathanisa noIsaya 40:31.
Indlela Amaphayona Angazuza Ngayo Amandla Amasha
20, 21. Abanye enkonzweni yesikhathi esigcwele baye bawazuza kanjani amandla amasha?
20 Lalela lombhangqwana oshadile, uFrederick noMarian. Bayayazi indlela yokuzuza amandla amasha. Bobabili bayizithunywa zevangeli ezikhonza ezweni laseMelika ePhakathi, futhi bobabili baseminyakeni yama-70. UFrederick waqala inkonzo yakhe yezithunywa zevangeli ngo-1946, uMarian ngo-1950. Yini ebagcina beqhubeka enkonzweni kaJehova? UFrederick uyaphendula: “Ngaphezu kothando ngoJehova nesifiso sokusiza abanye abantu, kuwukugcina njalo umgomo wokuphila okuphakade.” Umkakhe uphendula ngokuthi ‘izithembiso zikaNkulunkulu ziye zasigcina siqhubeka.’ Bazigcina kanjani bengakhathali? “Kungakhathaliseki ukuthi isabelo sakho siyini,” uyeluleka, “zigcine umatasa kuso.” UMarian utusa “ukwethembeka emsebenzini engokwasezulwini” futhi uyanezela: “Njengoba uguga, ngeke ukwenze konke ofuna ukukwenza. Lokho kwakungase kungicasule, kodwa ngakhuluma noJehova ngakho ngomthandazo.” UFrederick uphetha ngaleseluleko esihle: “Sithandaza ubusuku ngabunye futhi sicele uJehova ukuba asisize.”—1 Petru 4:7.
21 ULavonia uneminyaka engama-67 futhi useneminyaka engama-20 eyiphayona elivamile. Phakathi nonyaka odlule, wachitha izinsuku eziyi-15 esesibhedlela futhi usaqhubeka namanje esebenzisa imithi yokwelapha inhliziyo yakhe. Ukufa kwamalungu amaningana omkhaya, kuhlanganise nomyeni wakhe noyise, kuye kwamkhathaza ngokwemizwelo. Noma kunjalo usaqhubeka ephikelela. Uye wawathola kanjani amandla amasha? Uthi, “Ukukwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela kuye kwaba usizo ngempela, ngoba uma ngikwazi ukukhuluma nabanye ngoJehova, kususa ingqondo yami ezinkingeni zami futhi kunginikeze ukuthula kwengqondo nenjabulo eyenza ukuphila kube nenjongo.” Futhi akahleli ukuba ashiye ubuphayona kodwa uthi: “Ukubona abanye befunda ngoJehova nangezinjongo zakhe ezinhle kunginikeza injabulo enkulu kangangokuba anginakucabanga neze ngokuyeka inkonzo yobuphayona.”—IzEnzo 20:35.
22. Ukuze siphumelele emncintiswaneni wokuphila okuphakade, yini okumelwe siqhubeke siyenza?
22 Kungakhathaliseki ukuthi sinamandla okuphikelela njengamaphayona kuleliqophelo lokuphila noma cha, sonke singahlala siseduze noMthombo wamandla, uJehova, nenhlangano yakhe. Masiqhubeke sizuza amandla ngokukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Khona-ke, njengoHabakuki, singathi: “UJehova, iNkosi yami, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe-njengezezindluzelekazi.” (Habakuki 3:19) Kanjalo ngeke sikhathale noma sidangale. Khumbula ukuthi umncintiswano usuyaphela. Siseduze nomgomo!
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuthakazelisayo, igama elisho ukududuza elikwabaseFilipi 2:1 nakumaHeberu 6:18 livela egameni eliyisenzo lesiGreki elisho “ukuthonya ngomusa ngamazwi” noma “ukukhuluma nothile, ngendlela enhle, ezuzisayo.”
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ubani kuphela ongathola mahhala amandla kaJehova?
◻ Iziphi ezinye zezimpawu zokukhathala okungokomoya?
◻ Imaphi amalungiselelo kaJehova angasisiza ukuba sizuze amandla?
◻ Abadala nabanye ebandleni bangawasiza kanjani amaphayona ukuba ahlale “esemncintiswaneni”?
[Ibhokisi ekhasini 19]
Izindlela Ezithile Zokulwa Nokukhathala Okungokomoya
Izimpawu Zokukhathala
◻ Ukuntuleka kokuzithiba ekudleni, ekuphuzeni, nasekuphishekeleni injabulo
◻ Ukuphelelwa umdlandla ngeqiniso, umoya wokunganaki
◻ Ukufihla ukungabaza okungathi sina nokuqhubekayo
◻ Ukudebeselela ukuhlanganyela emihlanganweni yebandla
◻ Ukuntuleka kwentshiseko nenjabulo enkonzweni yasensimini
◻ Ukuba ngogxeka ngokwedlulele abadala nenhlangano
Usizo Lokubekezela
◻ Ukuthandazela usizo lomoya ongcwele—Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23; 1 Petru 4:7
◻ Isifundo somuntu siqu—IHubo 1:1, 2
◻ Ukuzindla ngezinto ezingokomBhalo—IHubo 77:12
◻ Ukuba khona njalo emihlanganweni emincane nemikhulu—Nehemiya 8:1-3, 8, 10; Heberu 10:23-25
◻ Ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini—IzEnzo 20:18-21
◻ Usizo olungokomoya oluvela kubadala bebandla, kubabonisi abajikelezayo—Roma 1:11, 12; Heberu 13:17
[Izithombe ekhasini 17]
UJehova, uMdali wendawo yonke, usiza oFakazi bakhe ukuba bazuze amandla amasha
[Umthombo]
NASA photo