Izilo ZesAmbulo—Kungani Sifunda Ngazo?
ISAMBULO! Igama elivusa amadlingozi elitholakala encwadini yokugcina yeBhayibheli. Lencwadi igcwele amazwi emifanekiso ekhanyayo, avelele phakathi kwawo yilawo kadrako nawezilo zasendle. Abanye bathola lezizilo zesabeka. Abanye ngephutha bazibheka njengamaphupho ekhehla. Khona-ke, kungani wena kumelwe ufunde ngezilo zesAmbulo? Kungenxa yokuthi injabulo yakho ihilelekile.
Kuyiqiniso, umphostoli uJohane wayeseyikhehla lapho ebhala incwadi yesAmbulo cishe eminyakeni eyi-1900 edlule. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi izilo azichazayo kwakuyizinto ezingamaphupho ezazibangelwa ingqondo egugile? Cha, futhi uJohane wayengelona ikhehla lokuqala elaba nemibono enjalo. Indoda egama layo linguDaniyeli nayo futhi yabona imibono yezilo isiyikhehla, futhi lemibono yabonakala iyiziprofetho ezishaya emhloleni zoshintsho kohulumeni babantu. (Daniyeli, izahluko 7 no-8) Ngaphezu kwalokho, uJesu Kristu ngokwakhe wabheka uDaniyeli njengowayephefumlelwe ngokwaphezulu, embiza ngokuthi umprofethi futhi ecaphuna imibhalo yakhe.—Mathewu 24:15.
UJesu wabonisa ukuthi abaphostoli bakhe babeyothola imfundo yaphezulu eyengeziwe ngemva kokufa kwakhe. (Johane 16:12, 13) Futhi njengoba izici eziningi zencwadi yesAmbulo ziye zagcwaliseka ngendlela ephawulekayo, singaqiniseka ngokuthi imibono yomphostoli uJohane yezilo zesAmbulo nayo futhi yayiphefumlelwe nguNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:16.
Isingeniso sencwadi yesAmbulo sithi: “IsAmbulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu . . . ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa [“ngezibonakaliso,” NW] encekwini yakhe uJohane.” (IsAmbulo 1:1) Ngakho-ke, imifanekiso esencwadini yesAmbulo, kuhlanganise naleyo yezilo zaso, iyimifanekiso, ayiyona engokoqobo. Asikho isidingo sokwesaba lapho ufunda ngazo. Lezizilo ezingokomfanekiso zinikeza amaKristu ulwazi olubalulekile, ziwenza alondoloze ubuhlobo bazo noNkulunkulu. Ngalokho, umphostoli uJohane wayengabhala: “Ubusisiwe [“uyajabula,” NW] ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesisiprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.” Yebo, ukuqonda kwakho lemifanekiso kungase kulethe injabulo manje nasesikhathini esizayo.—IsAmbulo 1:3.