Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 2/1 kk. 8-9
  • Isimangaliso Sesibili EKhana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimangaliso Sesibili EKhana
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimangaliso Sesibili Lapho EseseKhana
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isimangaliso Sesibili EKhana
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isimangaliso Sokuqala SikaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 2/1 kk. 8-9

Ukuphila Nenkonzo KaJesu

Isimangaliso Sesibili EKhana

LAPHO uJesu ebuyela endaweni yakubo ngemva komkhankaso wokushumayela isikhathi eside eJudiya, akaphumuli. Kunalokho, uqala inkonzo enkulu ngisho nangokwengeziwe eGalile, izwe akhulela kulo. Kodwa abafundi bakhe, kunokuba bahlale naye, babuyela emakhaya kwabakubo nasemisebenzini yabo yangaphambili.

Isiphi isigijimi uJesu aqala ukusishumayela? Yilesi: “Umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli [“izindaba ezinhle,” NW].” Futhi basabela kanjani? AbaseGalile bayamemukela uJesu. Udunyiswa yibo bonke. Nokho, lokhu akukhona ikakhulukazi ngenxa yesigijimi sakhe kodwa, kunalokho, kungenxa yokuthi abaningi babo babesePhasikeni eJerusalema ezinyangeni ezidlule futhi babona izibonakaliso ezinkulu azenza.

UJesu ngokusobala uqala inkonzo yakhe enkulu yaseGalile eKhana. Ngaphambili, uzokhumbula ukuthi ngesikhathi evela eJudiya, waphendula amanzi aba yiwayini edilini lomshado elalilapho. Kulesisenzakalo sesibili umntwana wesikhulu sombuso weNkosi uHerode Antipase ugula kakhulu. Sizwa ukuthi uJesu usefikile eKhana uvela eJudiya, isikhulu sihamba yonke indlela sisuka ekhaya eKapernawume siza kuye. Sigcwele usizi, siyamncenga: ‘Siza uze masinyane engakafi umntanami.’

UJesu uyaphendula: ‘Buyela ekhaya. Indodana yakho iphilile!’ Isikhulu sikaHerode siyakholwa futhi siqala uhambo olude oluya ekhaya. Endleleni sihlangatshezwa yizisebenzi zaso, ezizositshela ukuthi konke kuhamba kahle—indodana yakhe isiphilile! Uyabuza, ‘isinde nini?’

‘Izolo ngo-1:00 ntambama,’ bayaphendula.

Isikhulu siphawula ukuthi leli yilo kanye ihora uJesu athe ngalo, ‘Indodana yakhe iphilile!’ Ngemva kwalokho, lendoda nayo yonke indlu yayo baba ngabafundi bakaKristu.

Kanjalo iKhana wayithanda njengendawo lapho, ebonisa ukuthi usebuyile eJudiya, uJesu enza khona izimangaliso kabili. Yebo, lezi akuzona kuphela izimangaliso azenza kuze kube yilesikhathi, kodwa zingezivelele ngoba ziphawula ukubuya kwakhe eGalile.

UJesu manje uya ekhaya eNazaretha. Yini emlindele lapho? Johane 4:43-54; Marku 1:14, 15; Luka 4:14, 15.

◆ Lapho uJesu ebuyela eGalile, yini eyenzekayo kubafundi bakhe, futhi abantu bamemukela kanjani?

◆ Isiphi isimangaliso uJesu asenzayo, futhi sibathinta kanjani labo abahilelekile?

◆ Kukanjani iKhana ngaleyondlela ithandeka kuJesu?

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 8]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela