Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Ofumana Ukuhlakanipha Ufumana Ukuphila’
“IQINISO likhanga lonke ‘uhlobo lwabantu,’ oluvela emiphakathini ehlukahlukene eyenza uMbuso wakwaIsrayeli wanamuhla,” kubhala ihhovisi legatsha leWatch Tower Society lakulelozwe. Labantu abanhliziyo ziqotho abafuna iqiniso bayaqinisekiswa: “Ongifumanayo [ukuhlakanipha] ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova,” (1 Thimothewu 2:4; IzAga 8:35) Okuhlangenwe nakho kowesifazane waseIsrayeli kuyakubonisa lokhu.
◻ Omunye woFakazi BakaJehova wavakashela umuntu owayenze isikhokhelo seNqabayokulinda futhi wahlela ukuzoqhuba naye isifundo seBhayibheli. Lomama wasijabulela isifundo. Umakhelwane wakhe wezwa ngaso futhi wabakhona. Kubikwa ukuthi, umakhelwane “ngokushesha wabona lokhu njengento ayelokhu eyifuna eminyakeni embalwa edlule.” Futhi yeka ushintsho alwenza ngokushesha ekuphileni kwakhe! Yena nomyeni wakhe babenezinsuku ezimbalwa befake isahlukaniso emthethweni kodwa basesula futhi baxolelana. Wayegxile ekufundweni kwezinkanyezi futhi ebambelele kulenkolelo kodwa walahla zonke izincwadi ezibizayo nakho konke okunye okwakuhlangene nobudemoni. Waqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokukhuluma nezihlobo nabangane ngenkolo yakhe entsha. Ngokuqondene nabangane alahlekelwe yibo ngenxa yalokho, uthi: “Ngokusobala, babengebona abangane boqobo.”
Manje lowesifazane ufakaza ngentshiseko kubathengi esitolo sabo futhi uhlanganyela njalo ekushumayeleni izindaba ezinhle endlini ngendlu. Yeka indlela ajabula ngayo ngokuthi uye wathola ukuhlakanipha nokuthi uye wafunda ngamalungiselelo kaJehova amangalisayo ekuphila okuphakade esimisweni sakhe esisha! Umakhelwane wakhe okunguyena owenza isikhokhelo naye uyaqhubeka nokufunda futhi uyathuthuka.
◻ULloyd uhlala eGuyana. Indlela yakhe eya enkululekweni engokwenkolo yayiyinde. Waqalisa uhambo lwakhe njengelungu laseHabe. Washada nomHindu futhi naye waba ilungu laseHabe. Kamuva wavuma, “Ngamangaliswa ukuzenzisa okwakuvamile” esontweni. Ngakho waphendukela enkolweni yamaSulumani, kodwa lokhu akuzange kukwanelise ukufuna kwakhe inkululeko. Ngokulandelayo wazama ubuHindu. Ngemva kokufunda okuningi ngokuphindukuzalwa nemithetho kaKarma, waqala ukubuza ngalezimfundiso. Waphendukela emilingweni, wakha ialtare futhi wafundisa umkhaya wakhe ngalezozimfundiso. Wathi: “Kodwa okuhlangenwe nakho okwesabekayo mina nomkhaya wami esaba nakho kwangenza ngayiyeka lenkolo.” Wazikhethela ukuphila ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa umkhaya wakhe wawuqhekeka. Ngakho wathi: “Ngathandaza kuNkulunkulu, uBaba, uAllah, noRam futhi ngamtshela ukuthi ngikhuluma noMdali wezinto zonke. Ngamazisa ukuthi ngifuna ukuthokozisa yena futhi hhayi umuntu.”
Kulokhu uFakazi KaJehova “ogqoke kahle, omnene, ehloniphekile” wafika endlini kaLloyd futhi waphendula imibuzo yakhe ngokwanelisayo. UFakazi wamshiyela incwadi ethi, IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade neBhayibheli. Ngokushesha kwaqaliswa isifundo seBhayibheli noLloyd nomkakhe, bathuthuka ngolwazi, bazahlukanisa neBabiloni Elikhulu—isimiso somhlaba wonke senkolo yamanga. Ngokuhamba kwesikhathi bazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa. ULloyd wathi: “Uthando, uthando loqobo, lwathatha indawo yenzondo nentukuthelo; kodwa okubaluleke ukwedlula konke, ukuthi kuye kwenezelwa injongo ekuphileni kwethu.”
Manje bajabulela ‘iqiniso elabakhulula.’—Johane 8:32.
◻ Owesifazane osemusha eSeychelles naye wafunda ngoJehova, okwaphumela esibusisweni. Wayehlala nendoda ayengashadile nayo futhi base benabantwana abambalwa. Owesifazane walazisa iqiniso ayelifunda eBhayibhelini kodwa wakuthola kunzima ukulimela ukuze afanelekele inkonzo kaJehova. Wayehlala endlini enhle eyayinokunethezeka okwakujatshulelwa abantu abambalwa. Ngemva komthandazo nezikhuthazo ezivela kumbonisi wesifunda, wabekela indoda ayehlala nayo izinto ezimbili—ukuthi babezoshada ngokomthetho noma bahlukane. Le ndoda yangabaza ukuthatha noma yisiphi salezinyathelo, ngakho wayishiya. Yeka indlela athokoza ngayo ngokuthi wayesefanelekela ukushumayela izindaba ezinhle nokunikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi abhapathizwe! Lokhu wakwenza. Ngokuthakazelisayo, indoda ayehlala nayo yahlabeka umxhwele ngokumelela kwakhe izindinganiso zeBhayibheli ngesibindi yaze yaqala ukwenza amalungiselelo okuhlanganisa umkhaya ngomshado osemthethweni.
Umhubi wavuma: “Ngokuba ukuwe [Jehova] umthombo wokuphila.” (IHubo 36:9) Nabo labantu bakubona lokhu, futhi baye bafuna ukuhlakanipha ukuze bazi uJehova nezinto azifunayo ekuphileni. Yeka indlela abalazisa ngayo iqiniso lokuthi ‘ofumana [ukuhlakanipha] ufumana ukuphila’!