Zonke Izinhlobo Zabantu Ziyosindiswa
1 Kuyintando kaJehova ‘ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Nakuba ngokwezinga elithile abantu bethonywa ufuzo, isizinda nendawo ebazungezile, banenkululeko futhi bangazikhethela ngabanye ukuthi bazokusebenzisa kanjani ukuphila kwabo. Bangenza okuhle futhi baphile, noma benze okubi babhubhe. (Math. 7:13, 14) Lokhu kuqonda kuwuthinta kanjani umbono wethu ngabantu esixoxa nabo ngezindaba ezinhle zoMbuso?
2 Akumelwe sicabange ukuthi isithakazelo somuntu eqinisweni sinqunywa izici ezinjengesizinda sobuzwe noma sempucuko noma isikhundla sakhe emphakathini. Iqiniso lingakhanga abantu abanemfundo elinganiselwe noma ephakeme, abahileleke kwezombangazwe, abanemisebenzi abayifundele, abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa, ngisho nabenzi bobubi abanedumela elibi. Abantu bazo zonke izizinda namazinga ezenhlalo baye bashintsha indlela yabo yokuziphatha yangaphambili futhi manje babheke phambili ekuzuzeni ukuphila emhlabeni omusha kaNkulunkulu. (IzAga 11:19) Khona-ke, akufanele sinqikaze ukuxoxa nabantu bazo zonke izizinda zokuphila ngesigijimi soMbuso.
3 Cabangela Lezi Zibonelo: Indoda ethile yayihlongoza ukubulala usingayise kodwa yehluleka. Kamuva yanquma ukuzibulala yona kodwa ayizange ikwenze. Ngemva kokuba iboshelwe ukuntshontsha nokushushumbisa izidakamizwa, umshado wayo wachitheka. Manje lomuntu uphila ukuphila kokwethembeka futhi ujabulela umshado ojabulisayo kanye nobuhlobo obuhle nosingayise. Yini eyabangela lolu shintsho? Watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wakusebenzisa lokho ayekufunda. UJehova akazange ambheke njengongasenakulungiseka.
4 Udumo lowesifazane osemusha njengomdlali wezithombe ze-TV aluzange lumlethele injabulo. Kodwa njengoba ukuziphatha okuhle koFakazi kwakumhlabe umxhwele, wasamukela isifundo seBhayibheli, futhi ngokushesha wayesesiza abanye ukuba bezwe izindaba ezinhle zoMbuso. Wayaziwa nomaphi lapho ayehamba khona enkonzweni yendlu ngendlu, kodwa wayechaza ngenjabulo ukuthi wayefuna ukwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova kunokwaziwa njengomdlali wezithombe.
5 Lapho uFakazi ehlela ukuba aqhubele umuntu othile owayenesikhokhelo se-Nqabayokulinda isifundo, umakhelwane wakuzwa lokhu futhi waba khona esifundweni. Umakhelwane washesha ukulibona iqiniso ayesenesikhathi eside elifuna! Yena nomyeni wakhe basichitha isinqumo sesehlukaniso esase sikhishiwe futhi babuyisana. Lona wesifazane wayegxile kakhulu ekufundeni izinkanyezi nasehlelweni elisebenzisa imimoya, kodwa kalula nje walahla izincwadi ezibizayo nakho konke ayenakho okwakuhlangene nobudemoni. Ngokushesha waqala ukuba khona emihlanganweni nokuxoxa nezihlobo nabangane ngenkolo yakhe entsha. Futhi manje ushumayela ngentshiseko kwabanye.
6 Akufanele sahlulele noma ubani kusengaphambili. Kunalokho, masizihlanganyele ngentshiseko izindaba ezinhle nabantu kuyo yonke indawo. Sinazo zonke izizathu zokuqiniseka ukuthi uJehova, ‘obheka okusenhliziyweni,’ uyoba ‘uMsindisi wazo zonke izinhlobo zabantu.’—1 Sam. 16:7; 1 Thim. 4:10.