Uyamenywa Emihlanganweni “Yokuthula Kwaphezulu”
YEKA indlela ufakazi kaJehova ngamunye ongumKristu abheke ngayo phambili ngentshiseko emihlanganweni yesigodi yaminyaka yonke! Akungatshazwa ukuthi iyisici esivelele ekhalendeni lonyaka ngamunye. Izinkulumo ezinhle, amadrama eBhayibheli, izincwadi ezintsha, ukuhlangana—ngezinye izikhathi nenani elikhulu lababa khona—kuhlangana kwenze lemihlangano ibe okuthile okukhetheke ngempela.
Ngokwesibonelo, cabanga ngeminye iMihlangano “Yabagcina Ubuqotho“ eyenziwa ngonyaka odlule. Emibili eyayiseSão Paulo naseRio de Janeiro, eBrazil, yayinenani eliphakeme lababekhona abayizi-249 351, nabayizi-2 645 ababonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Umhlangano owawuseMontreal, eCanada, owawunabayizi-78 804, wawungovelele kokubili ngendawo yawo yokupaka amakharavani nangokuqhutshwa kwawo ngezilimi eziyi-11 ezihlukahlukene. Labo ababekhona emhlanganweni owawuseZurich, eSwitzerland, babika ukuthi abakaze ekuphileni kwabo babone okuthile okufana nentshiseko nenjabulo echichimayo eyayikuwo. Izivakashi ezazikhona emhlanganweni owodwa noma eminingi eyayisePoland zabonisa imizwa efanayo.
Umbiko ongaphelele womhlaba wonke ubonisa ukuthi kwakunabayizi-5 653 689 eMihlanganweni “Yabagcina Ubuqotho” engama-754, futhi kwabhapathizwa oFakazi abasha abayizi-75 202. Yeka indlela emangalisayo uJehova abusisa ngayo lemihlangano yabantu bakhe!
Ngokuphambene nesaga sesiNgisi, ngalabo ababekhona kulemihlangano lokho okwaba ngokoqobo kwadlula okwakulindelekile. Cishe ngazo zonke izikhathi kuvunyelwana ngokuthi okwamuva yikho okungcono kakhulu. Ngakho-ke bonke oFakazi BakaJehova bazobe bebheke phambili ngentshiseko eMihlanganweni Yesigodi “Yokuthula Kwaphezulu” yalonyaka, ezokwenziwa emhlabeni wonke—eyi-130 yayo esiyenziwe kakade eUnited States.
Yeka isihloko esihle somhlangano wethu wesigodi: “Ukuthula Kwaphezulu”! Namuhla umphakathi wesintu uxakwe izimpikiswano. Akukhona kuphela ukuthi namuhla kulwiwa izimpi ezingokoqobo emhlabeni wonke kodwa futhi kunezinye izinhlobo zokulwa: Impi engokomnotho nezimpikiswano phakathi kwabangane bomshado, naphakathi kwabazali nabantwana. Kodwa ngokuphambene, kunokuthula phakathi kwabantu bakaJehova abazinikezele. Okwabo kungukuthula kwaphezulu, okuvela kuMuntu waPhezulu, uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wokuthula onikeza ukuthula. Banokuthula naye ngenxa yokholo nemisebenzi, ngakho bayakwazi ukuba nokuthula omunye nomunye, ebandleni nasemkhayeni.—Filipi 4:7; Roma 16:20.
Makuphawulwe, futhi, ukuthi lokhu kuthula kwaphezulu akukhona ukungabikho kwezimpikiswano kuphela. Igama elithi ukuthula ngesiHeberu lithi sha·lohmʹ, futhi alisho ukuthula kuphela kodwa ukuhlala kahle nokuchuma. Yebo, oFakazi BakaJehova bajabulela ukuchuma nokungabikho kwezimpikiswano ngenxa yokuthi basepharadesi elingokomoya. Lomhlangano uzokwenza bonke abazobe bekhona ukuba bakuqaphele ngokungaphezulu ukuthula futhi bakhathalele ukukhuthaza ukuthula, ngokusemandleni abo.—Roma 12:18.
Njengaseminyakeni edlule, lemihlangano iyoqala ngoLwesine ngo-1:10 ntambama. Usuku ngalunye lunesihloko esihlobene nokuthula, esosuku lokuqala sithi “UNkulunkulu Uyobusisa Abantu Bakhe Ngokuthula,” sisekelwe kumaHubo 29:11. Kuyoxoxwa ngomthandazo onenjongo, futhi isimiso siyolethwa emvuthwandaba yinkulumo ebonisa indlela uJehova aqhubeka enza ngayo konke kube kusha.
NgoLwesihlanu inkulumo eyisihluthulelo enesihloko esithi, “Ukuthula Kwaphezulu Ngalabo Abafundiswa UJehova,” iyogcizelela umthombo wokuthula kwethu. Phakathi kwezinye izici zesimiso siyoba nedrama yeBhayibheli ethokozisayo ehlanganisa izikhathi zasendulo nosuku lwethu.
Ngaphezu kwenkulumo yobhapathizo, isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyogcizelela izibopho zethu zobuKristu komunye nomunye nesidingo sokuthuthuka njalo njengofakazi bakaJehova abangamaKristu. Ntambama, kuyoba neseluleko esihle ngamalungu omkhaya nababonisi abamisiwe.
NgeSonto ekuseni kuyoba nedrama engagungciyo nenamandla yosuku lwanamuhla. Ntambama, inkulumo yeningi enamandla enesihloko esithi “Ukuthula Ekugcineni!—Lapho UNkulunkulu Ekhuluma” iyoba ngesinye sezici ezivelele zomhlangano. Akungabazeki ukuthi bonke abayobe bekhona emhlanganweni bayohamba benomuzwa wokuthi bahlonyiswe ngokuphelele nguNkulunkulu wokuthula ukuba benze intando yakhe.
Ngakho-ke, yiba khona ngazo zonke izinsuku ezine unesifiso esibukhali sokudla okungokomoya, usiqaphela ngokugcwele isidingo sakho esingokomoya. (Mathewu 5:3, NW) Hlela izimo zakho ukuze ube usukhona lapho kuvulwa ngomculo nangomthandazo usuku ngalunye. Yiza ukulungele futhi ukubhala amaphuzu, ngoba ukubhala amaphuzu ayinhloko kuyokusiza ukuba ugxilise ingqondo yakho kulokho isikhulumi esikushoyo. Ngaphezu kwalokho, imiqondo okukhulunywe ngayo iyogxila ngokunamandla enhliziyweni nasengqondweni yakho.
Kodwa masingalokothi singalinaki iqiniso lokuthi ukukhulekelwa okumsulwa kukaJehova uNkulunkuIu akuyona indaba yokwamukela kuphela. Kuyindaba futhi yokupha. Sifuna ukukhumbula lesimiso seBhayibheli: “Ohlwanyela kakhulu uyaku vuna kakhulu.” (2 Korinte 9:6) Ngaphezu kwalokho, njengoba uJesu athi “kunenjabulo enkulu ngokupha kunangokwamukela,” masithole injabulo enkulu kakhulu eyobe ikhona enihlanganweni ngokupha ngokusemandleni ethu, sinikela izinkonzo zethu ngokuzithandela. (IzEnzo 20:35, NW) Empeleni, akumelwe kube nesidingo sokucela abantu bokusiza ngokuzithandela.
Futhi, masilithathe ngokungathi sina ilungiselelo lokuhlanganyela ekufakazeni ensimini ngoLwesihlanu ntambama. Futhi kwangathi singahlala siqaphele amathuba okushumayela ngokwethukela ngazo zonke izinsuku ezine. Lokhu kusikhumbuza esinye isimiso seBhayibheli: Umphefumulo ophanayo uyakuchuma, futhi ophuzisayo uyakuphuziswa naye. (IzAga 11:25) Yebo, masimeme bonke esingabafinyelela ukuba bazozibonela indlela oFakazi BakaJehova abajabulela ngayo ngempela ukuthula kwaphezulu.