UMhlangano Wesigodi “Wokuthula Kwaphezulu”—Yilokho Ebesikudinga!
“KUYE kwafinyelelwa izinhliziyo nezimo zengqondo zathinteka.” “UJehova walungiselela idili lokudla okuningi okumangalisayo.” “Izinkulumo zazingagungci futhi zingagwegwesi.” “Yilokho kanye ebesikudinga MANJE!” “Lokhu yikho kanye ebesikudinga!”
Lokho kuyizibonelo zamazwi amaningi okwazi sa aye ezwakala ngoMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova ka-1986 “Wokuthula Kwaphezulu.” Wonke lamazwi abonisa ukuthi labo ababekhona baye basithatha isixwayiso abasinikezwa kokubili usihlalo kanye nenkulumo yokuvula ethi: “Yizwa Futhi Uqonde.”’
Njengoba isihloko sokuthula senziwa siqhame kangaka eZwini likaNkulunkulu, futhi leligama livela izikhathi ezingama-300 eBhayibhelini, kwakungokufaneleka kakhulu ukuba lenziwe libe isihloko semihlangano yethu yesigodi ka-1986. Eqinisweni, izincwadi eziphefumlelwe eziyi-18 kusukela kweyabaseRoma kuya kusAmbulo ziqala ngamazwi anjengalawo athi, “Makwandiswe kinina umusa nokuthula.”’ Makuphawulwe ukuthi emiBhalweni yesiHeberu igama elihunyushwe ngokuthi “ukuthula” lithi sha·lohmʹ, elingasho nje kuphela ukungabikho kwempi nokulwa kodwa futhi elisho impilo, ukuchuma nenhlala-kahle.—1 Petru 1:2.
Ukuthula kwakuqokonyiswa ngokuphindaphindiwe kuso sonke isimiso. Njengoba isikhulumi senkulumo eyisihluthulelo sagcizelela, uJehova ‘unguNkulunkulu wokuthula’ futhi ‘unguNkulunkulu onikeza ukuthula.” INdodana yaKhe, “iNkosi yokuthula,” yathembisa abalandeli bayo ukuthula. (Filipi 4:9; Roma 16:20, NW; Isaya 9:6; Johane 14:27; 16:33) Isikhulumi senkulumo eyisihluthulelo sabonisa futhi ukuthi ukuthula thina njengoFakazi esikujabulelayo kungokuvelele ngenxa yokuthi akuxhomekile ezimweni zangaphandle. Kuxhomeke ekuhlonipheni kwethu igunya, okuyisizathu esenza izwe lingabi nokuthula—alinayo inhlonipho ngeGunya elikhulu kunawo wonke, uJehova uNkulunkulu. UIsaya wakubeka kahle: “Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:18.
Phakathi kokusikisela okuwusizo okwanikezwa ukuze sijabulele ukuthula kwaphezulu ngokwengeziwe kwakuwukuthi kumelwe silwele ukuhamba emhlanganweni ngamunye sinephuzu elilodwa leseluleko eliwusizo okumelwe sisebenzele kulo. Lenkulumo yabonisa ukuthi ukuze sibe ngabenzi bokuthula akwanele ngathi ukuthi sibe nokuthula; kumelwe sisebenzele ukuthula, sizimisele ukuzidela ngenxa yezithakazelo zokuthula.
Izinyawo Zigqokisiwe Izindaba Ezinhle Zokuthula
Isigijimi sethu sibizwa kahle ngokuthi “izindaba ezinhle zokuthula.” (Efesu 6:15) Sathola iseluleko esihle ngendlela yokuletha izindaba ezinhle zokuthula kwabanye. Inkulumo ewuchungechunge eyizingxenye ezintathu eyayikhuluma ngenkonzo yethu yayiwusizo kakhulu kulokhu. Isikhulumi sokuqala sabonisa indlela inkonzo yethu yendlu ngendlu eye yaba uphawu loFakazi BakaJehova ngayo. Njengoba lomsebenzi ungelula, sibonakalisa uthando lwethu ngoJehova nangabantu ngokuhlanganyela kuwo. Ukuze sibe ngabaphumelela ngempela, kumelwe siqaphelisise futhi sibe namasu, sigcine imibhalo eqondile futhi sibuyele ngezikhathi ezihlukahlukene ukuze sifinyelele bonke.
Isikhulumi esalandela sachaza ukuthi ukuze senze abafundi kumelwe siqhubeke senza izimpindelo kubantu abathakazelayo, senze kanjalo ngombono oqondile. Kumelwe sibonise isithakazelo somuntu siqu kwesibuyela kubo, lapho sesiphawulile ekuhambeleni kokuqala ukuthi yini ethakazelisa umninikhaya. Qiniseka ukuthi umninikhaya ufunda okuthile okusha empindelweni ngayinye.
Isikhulumi sesithathu saveza ukuthi abantu esifunda nabo iBhayibheli bayosizwa ukuba babe oFakazi uma sifinyelela izinhliziyo zabo ngokubuza imibuzo edinga imibono yabo. Sifuna ukubonisa isithakazelo soqobo kubo ngokubaqondisa enhlanganweni kaNkulunkulu, sibasize ukuba baye emhlanganweni, sibavakashele ngezinye izikhathi, futhi sibamemele ngisho nasemakhaya ethu. Eminyakeni engama-35 edlule, izifundo zeBhayibheli ziye zanda ngokuphindwe kayishumi.
Ngemva kwalenkulumo ewuchungechunge, kwagcizelelwa kithi isidingo sokubonakalisa intshiseko yokuhlanganyela izindaba ezinhle zokuthula lapho kunokwenzeka khona nangaphansi kwazo zonke izimo. Ubudala abuyona inkinga. Abantwana abancane nalabo abaseminyakeni engama-90 bayaqhubeka beshumayela. Abanye bangamaphayona, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, nakuba beyizimpumputhe ngokuphelele. Abanye bayaphayona noma beyizithulu, nabanye ngisho noma besezinqoleni zabakhubazekile. Omunye umbhangqwana ongamaphayona unabantwana abancane abayisithupha abahamba nawo enkonzweni yasensimini.
Iseluleko esithi “Yenza Konke Okusemandleni Ngokuhlanganyela Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele” sasifaneleke ngempela. Inkonzo yesikhathi esigcwele iyindlela yokuphila eyenelisa ngempela, nezuzisa kakhulu. Uma eseyiqalile, amaphayona anxuswa ukuba enze okusemandleni ukuba ahlale esenkonzweni yesikhathi esigcwele.
Njengasemihlanganweni yesikhathi esidlule, sezwa ezivela kubamemezeli bezindaba ezinhle abangomakadebona, abanye abase bekhonze iminyaka esukela kwengama-30 kuya kwengama-70. Balandisa ngenjabulo yabo ekushumayeleni izindaba ezinhle. Kwakukhuthaza ngempela ukuzwa indlela abanqoba ngayo izingqinamba ukuze baqhubeke besenkonzweni. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane akazange ahluleke ngisho nangenyanga eyodwa ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini eminyakeni engama-43 yenkonzo.
Iseluleko Ngamalungu Omkhaya
Iseluleko esihle ngamalungu emikhaya sasidingeka kakhulu ngenxa yokusongela okulethwa isimiso esibi sezinto kulabo abasemkhayeni wamaKristu. Abasha babuzwa, “Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya?” Abaningi namuhla bakhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele njengamaphayona nasemakhaya aseBethel. Kodwa ingabe abengeziwe bangenza kanjalo? Ukuba ngabathuthukayo ngokomoya kusho ukubeka intando kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu. Kusho futhi ukuba nemikhuba emihle yokutadisha nokuhlanganyela njalo emisebenzini yebandla nasenkonzweni yasensimini, kanye futhi nokuba nobuhlobo obuhle nabantu abadala. Futhi kusho ukungatholi injabulo kunoma ikuphi iZwi likaNkulunkulu elikunqabelayo.
Enye inkulumo ewuchungechunge enezingxenye ezintathu yaqala ngombuzo ocubungulayo othi, “Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Yokuphumula Nokuthula?” Ukukhetha umngane ongufakazi kaJehova obeka izithakazelo zoMbuso kuqala futhi obonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu kuyisisekelo kulokhu. Ukuze ikhaya libe indawo yokuphumula nokuthula, indoda kumelwe ihole ezintweni ezingokomoya, futhi kumelwe ithande umkayo njengomzimba wayo. Umfazi kumelwe asekele futhi abe nenhlonipho ejulile ngendoda yakhe. Kubalulekile futhi ukuthandaza ndawonye nokungamniki uDeveli indawo. Abantwana banganezela ekwenzeni ikhaya libe indawo yokuthula nokuphumula ngokuba abalalelayo nababambisanayo. Izibopho zomkhaya ziyaqiniswa lapho imikhaya itadisha ndawonye iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli.—IHubo 34:11.
Okwakudingeka kakhulu kwakuyinkulumo eyalandela, “Ingabe Ukwehlukana Kuyindlela Yokuthula Emshadweni?” Yaba yini impendulo? Mhlawumbe ngabantu bezwe kodwa hhayi ngoFakazi! Ngabo, ukwehlukana akuyona indlela elula yokubalekela umshado onezilingo. Injongo eyinhloko yeseluleko sikaNkulunkulu ngomshado iwukuba imibhangqwana ihlale ihlangene. Cishe ukwehlukana kuvame ukuba nemiphumela elimazayo kubantwana abahilelekile, futhi kunezinye izithelo ezimbi. Ngamafuphi, ukwahlukana kuwukuvuma ukuthi omunye wabangane bomshado noma bobabili abazibonakalisi izithelo zomoya.—Galathiya 5:22, 23.
Kwanikezwa iseluleko esihle kumaKristu angakashadi enkulumweni ethi “Ingabe Kumelwe Ukuba Umuntu Ongashadile Azizwe Engaphelele?” Lutho neze! Njengoba inkonzo iyisisekelo sokuphila kwethu, singaba ngabaphelele kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile. Eqinisweni, njengoba uPawulu ebonisa, amaKristu angashadile anamalungelo athile. Ngokuhlakulela ukwaneliseka, angajabula ngesipho sokungashadi futhi asisebenzise ngokunenzuzo.—1 Korinte 7:32-34.
Iseluleko Esidingekile Ngokuphila Okuhlanzekile
Isimo sokuziphatha salelizwe esiqhubeka siba sibi siye saphumela ekubeni oFakazi abaningi basolwe noma baze ngisho basuswe nasekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi. Khona-ke yeka ukuthi sasifaneleka kanjani iseluleko esiqondile esanikezwa ngokuqondene nokuziphatha! Ukuze sijabulele ukuthula kwaphezulu, kumelwe siqaphele ukuziphatha kwethu ngazo zonke izikhathi. Ngokwesibonelo, lokhu kwenziwa kwakhanya enkulumweni ethi “Gwema Ugibe Lokuzilibazisa Neningi.” Imibuthano ingase ijabulise, kodwa uma singanakile, ingase ishayisane kalula nemisebenzi engokwasezulwini futhi iholele ekuziphatheni okungahlanzekile. Inhliziyo yomuntu ongaphelele iyakhohlisa futhi ihlala ikulungele ukusebenzisa noma iliphi ithuba idlala ngokuziphatha okubi. Njengoba ikakhulukazi imibuthano emikhulu ibangela izinkinga, kungokufanayo nangomculo owonakalisayo.—1 Korinte 15:33.
Ukuze silondoloze ukuthula kwethu kwaphezulu, kumelwe ‘Sigweme ‘Umoya’ Obulalayo Walelizwe.’ Njengomoya esiwuphefumulayo, lomoya wezwe wobugovu nokungalaleli usizungezile. Lenkulumo yakhuluma ngezindlela eziyisishiyagalolunye lomoya obulalayo obonakala ngazo, phakathi kwazo kunokudlala ngokuziphatha okubi, ukweqisa ekugqokeni nasekuzilungiseni, ukungalinganiseli ekusebenziseni ukudla nophuzo, ukuzitika emidlalweni, nokuqhosha ngohlanga. Qhubeka uwuhogela lomoya uzokubulala ngokomoya.
Leliphuzu lagcizelelwa ngokwengeziwe ngenkulumo ethi “Ingabe Uhlala Uhlanzekile Kuzo Zonke Izici?” Ukunganaki kusenza sibe necala lobuzenzisi. Ukuze sibe nonembeza omuhle, kumelwe sibe ngabahlanzekile ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokokuziphatha, nangokomoya. Kanjalo kumelwe ‘sizonde okubi,’ ‘senyanye okubi.’ Lokhu kuhlanganisa ukwenyanya ukukhohlisa kwezihlubuki.—IHubo 97:10; Roma 12:9.
Inkulumo enhle ethi “Iseluleko SikaJehova Siveza Izithelo Zokuthula” yayingefanelekile lapha. UJehova unguMeluleki oMkhulu, futhi usiyala ngoba esithanda. Akekho kithi ongasidingi iseluleko. Ngisho neNdodana kaNkulunkulu yayisidinga! (Heberu 5:8) Yebo, ngokuyisisekelo iseluleko sisho ukuqeqesha, hhayi ngaso sonke isikhathi ukujezisa, futhi ukuze sizuze ezindleleni eziningi uNkulunkulu asinikeza ngazo, kumelwe sethembeke kithina ngokwethu—futhi sithobeke!
Inkulumo ethi “Qhubekani Nakhana” yanikeza iseluleko esihle ngokuqondene nenkulumo yethu. Yeka ukulimala esingakubangela ngenkulumo engenangqondo, egxekayo, noma ekhonondayo! Ngempela, kunzima ukulawula ulimi. Ngokufanelekile, sakhunjuzwa ukuthi kumelwe ‘singahlebani.’ (Jakobe 4:11) Uthando lobuzalwane luyosenza siqaphele. Futhi ngaphambi kokuba sisho okuthile, luyosenza ukuba sibuze: “Ingabe ngempela kuyiqiniso?” “Ingabe kumelwe ngikhulume ngakho?” “Ingabe kuyokwakha?”
Ukuzuza Eziprofethweni
Inkulumo ngayinye yacaphuna eziprofethweni eziphefumlelwe ngenjongo yezikhumbuzo neseluleko. Kanjalo, enkulumweni ethi “Izahlulelo ZikaNkulunkulu—Azithandeki Ezweni,” isikhulumi sagcizelela ukuthi akukhona nje kuphela ukuthi sinezindaba ezinhle zokuzishumayela ngepharadesi kodwa futhi, njengoJeremiya, sinezimemezelo okumelwe sizinikeze ngezahlulelo ezizayo zikaNkulunkulu. (Jeremiya, izahluko 6 no-7) Njengoba uJeremiya adalula ngesibindi izimfundiso zamanga nemisebenzi eyonakele yabaholi benkolo bosuku lwakhe, ngakho nathi siyalwa ukuba senze lokho.
Inkulumo ethi “Isikhathi Sokuvivinywa Nokuhlungwa” yabonisa ukusebenza kwanamuhla kukaMalaki 3:1-3. Ngempela, abantu bakaJehova, baye bahlanzwa ezimfundisweni nasemikhubeni engamanga yeBabiloni. Phakathi kwamaphuzu amahle isikhulumi esawaveza kwakuwukumiswa kohlelo olungokwasezulwini nokuqaphela ukuthi inkonzo yendlu ngendlu ingebaluleke kakhulu.
Salalela futhi inkulumo enhle isikhulumi esaxoxa kuyo ngezahluko 11 no-12 zikaDaniyeli. Yayinesihloko esithi “Izimfihlakalo Ezingcwele Ezambuliwe Ziletha Ithemba Eliqinisekile Lokuthula.” Umbango phakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu ugcina izwe lisesiphithiphithini. Ngokwesiprofetho sikaDaniyeli, singabona ukuthi lamakhosi ngeke akuqede ukungezwani kwawo. UMikayeli kuphela ongaletha ukuthula okuhlala njalo.
Enye inkulumo eyacaphuna esiprofethweni esiphefumlelwe yayithi “Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula.”’ Yayikhuluma ngoIsaya 9:6, 7 nomongo walawo mavesi, ibonisa indlela lesosiprofetho esisebenza ngokufanelekile ngayo kuJesu Kristu. Isikhulumi saphawula esiphethweni saso ukuthi uMikayeli “uyokhazimulisa ukuphila kwakhe okuyigugu ngalokhu kunqoba eArmagedoni okuyonkeneneza ngokunganqamuki kuze kube phakade . . . Ngakho-ke, qhubekelani phambili ekuqhameni komhlaba okukhulu kunanoma yikuphi okwake kwaba khona ngaphambili, nonke nina eningoFakazi BakaJehova, nithembele ngokuphelele kuNkulunkulu wenu naseNkosini yakhe ebusayo, “iNkosi yokuthula”! Bonisani obala ukungalesabi uzungu lomhlaba lwanamuhla . . . Makube yizibonakaliso nezimangaliso kini nonke kube udumo kuJehova!” Lena ngempela kwakungenye yezinkulumo zomhlangano ezivusa amadlingozi.
Baziseni Abaholayo
Inkulumo ewuchungechunge eyizingxenye ezimbili enesihloko esithi” Ababonisi Abakhonza Izithakazelo Zokuthula” yasisiza ngempela ukuba sazise labo abaholayo. Isikhulumi sokuqala sacabangela indima efezwa ababonisi abajikelezayo futhi sabonisa ukuthi, ngempela, bafanele ukutuswa ngokuphindiwe ngenxa yemisebenzi yabo eminingi. Lena ihlanganisa ukunikeza izinkulumo, ukusiza ekuxazululeni izinkinga, ukuqeqesha abazalwane ekufakazeni, nokuvakashela abagula ngokomzimba nangokomoya. Ngempela, bonke ababonisi abajikelezayo bakufanele ukubambisana kwethu okugcwele nomoya wokungenisa izihambi ofana nokaLidiya.—IzEnzo 16:15.
Isikhulumi esalandela sachaza imisebenzi yabadala nendima yabo ekuthuthukiseni ukuthula ebandleni. Lokhu bangakwenza ngokulungiseiela nangokuqhuba imihlangano, ngokuhambela kokwalusa, ngokusingatha izindaba zokwahlulela, ngokuhola enkonzweni yasensimini, nangokubeka isibonelo esihle ngokuziphatha nangokuphila komkhaya. Ngokuqinisekile, sonke kumelwe sifune ukubonisa ukwazisa ngabadala abamisiwe ngokuba ngabalalelayo nabathobekile, njengoba selulekwa kumaHeberu 13:17.
Ethi “Ukusebenzela Nokuzuza Ukuma Okuhle” kwakuyinkulumo eyayigcizelela isidingo sabadala abafanelekayo ngenxa yokwanda okukhulu koFakazi. Yabonisa bonke abazalwane abazinikezele abangebona abadala indlela abangafanelekela ngayo amalungelo amakhulu. Inkulumo yanxusa ikakhulukazi ababefaneleka kodwa ababengasiboni isidingo sokukhonza ngokwezinga elikhulu ukuba bazibuze ukuthi, Kungani ngingathuthuki?
Amanye Amadili Angokomoya
Inkulumo ethi “Ingabe Wanelisekile Ngamalungiselelo KaJehova?” yaziswa kakhulu. Sezwa izibonelo ezingokweBhayibheli zalabo abawazisa nabangawazisanga amalungiselelo angokomoya uNkulunkulu ayewanikeza. Ngokwezinga esiqaphela ngalo isidingo sethu esingokomoya, siyokwaneliswa amalungiselelo kaJehova futhi sikubonakalise lokho. Kanjani? Ngokuthengisisa isikhathi sesifundo somuntu siqu seBhayibheli nangokuzikhuza lapho sisemihlanganweni ukuze sizuze ngokwengeziwe kuwo.
Okungathiwa kwa phakamisa enye inselele esimweni sethu esingokomoya kwaphawulwa enkulumweni ethi “Inengqondo Kangakanani Imithandazo Yakho?” Kwasikiselwa ukuba sizibuze: Ingabe ngiye ngavumela imithandazo yami yaba ngephindwaphindwayo, eshiwo ngekhanda, noma esheshiswayo, ngokungathi ngimatasa kakhulu ukuba senze ukulunga ekukhulumeni kwami noNkulunkulu? Ngomthandazo, sisondela kuMuntu omkhulu kakhulu endaweni yonke. Ukuze imithandazo yethu ibe nge nengqondo, uNkulunkulu kumelwe abe ongokoqobo kithi. Kumelwe isuke enhliziyweni futhi ibe ngeqondile, futhi kumelwe sizindle ngayo.
Elinye idili kwaba yinkulumo yobhapathizo, “Ukuzuza Ukuthula NoNkulunkulu Ngokuzinikezela Nobhapathizo.” Isikhulumi sabonisa ukuthi ukubhapathizwa kwethu ngesikhathi esifanayo kuyisenzakalo esingathi sí-na nesijabulisa kakhulu. Ngalo, sizuza ukuthula noNkulunkulu futhi sibe izikhonzi ezimisiwe zoFakazi BakaJehova. Futhi ukuzinikezela kwethu akukhona ukuzibopha nje, ngoba singaba nezibopho eziningi futhi sizinakelele ngesikhathi esisodwa. Kunalokho, ukuzinikezela kusho ngathi ukuzinikela ngokuphelele kuMuntu Waphezulu, uJehova uNkulunkulu.
Amadrama amabili eBhayibheli ayephakathi kwezici ezivelele zomhlangano. Eyayithi Ukulondoloza Ukuphila Ngesikhathi Sendlala yakhuluma ngendaba edabukisayo kaJosefa nabafowabo, eyakhalisa abaningi. Umoya kaJosefa wobubele, woku thethelela uyisibonelo esihle kithi sonke ukuba siwulingise. Lendaba futhi inokubaluleka okungokwesiprofetho. Idrama yesibili ethi, Funa Ukulunga KukaNkulunkulu Ukuze Usinde, yanikeza iseluleko esinamandla nesivusa amadlingozi ngokuqondene nezinkinga zentsha yethu. Yagcizelela isidingo sokuqaphela ukuziphatha kwethu, ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala, nokungabi ngabasheshayo ekwahluleleni izisusa zabanye.
Okwakuhambelana nesihloko somhlangano kwakuyinkulumo yeningi ethi, “Ukuthula Ekugcineni!—Lapho UNkulunkulu Ekhuluma.” Okokuqala, sezwa ukudalulwa kobuwula bakho konke ukulungiselelwa kwezikhali zenuzi nokungabi nathemba kwesimo sezwe nganoma imuphi umbono womuntu. UMbuso kaNkulunkulu kuphela onikeza ithemba eliqinisekile. Kusho ukuthini ukulalela lapho uNkulunkulu ekhuluma? Kusho ukungalalelisisi nje kuphela nokuqonda lokho uNkulunkulu akushoyo kodwa futhi nokuba senze okuthile ngakushoyo. Khona-ke asinakukhohliswa isimemezelo esikhohlisayo sokuthi “ukuthula nokulondeka!”
Inkulumo yokuphetha ethi, “Ukuhlonyiswa UNkulunkulu Wokuthula Ukuba Senze Intando Yakhe,” yenza bonke ababeze emhlanganweni babuyela emakhaya bezizwa bejabulile enhliziyweni ngenxa yawo wonke amadili angokomoya ababewajabulele phakathi nezinsuku ezine. Lomhlangano ngempela uye wasihlomisa ngendlela engakaze ibonwe ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngakho-ke “masiqhubekeleni phambili sizimisele ukwenzani? Ukuqhubekela phambili emsebenzini omkhulu wokushumayela ngoMbuso, sikwazisa ngempela ukuthula kwethu kwaphezulu nalokho okukushoyo kithi!”
EUnited States, kwaba nemihlangano eyi-135 eyaqhutshelwa ezindaweni ezihlukene ezingama-65 ngezilimi eziyi-11. Inani elikhulu lababekhona laliyi-1276 578, nababhapathizwa abayizi-12 603. Imihlangano emithathu eyayise Yankee Stadium eDolobheni laseNew York yaba nenani eliphakeme lababekhona abayizi-95 091, nababhapathizwa abayi-1110.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Okwakhululwa Emhlanganweni Wesigodi “Wokuthula Kwaphezulu”
Okokuqala okwakhululwa kwaba incwajana ebukeziwe ethi “Bheka, Ngenza Konke KubeKusha,” ekuphetheni kwenkulumo eyayinalesosihloko. Manje isiyincwajana enemibala emine, ebhalwe ngamagama amakhulu futhi equkethe ukwaziswa okwengeziwe. Kumelwe ibe ngefaneleka kahle ekuqaliseni izifUndo zeBhayibheli.
OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke, incwajana elingana nomagazini enemibala emine, yaba ngeyesibili ukukhululwa. Iyithuluzi elihle lokujwayelanisa abanye nemisebenzi yethu ehlukahlukene futhi inikeza ukwaziswa oku ngokomlando ngoFakazi BakaJehova.
Okwesithathu okwakhululwa kwaba yincwadi yokutadisha iBhayibheli enamakhasi ayi-192 okumelwe isetshenziswe kuqala eZifundweni Zencwadi Zebandla. Inesihloko esithi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi “KweNkosi Yokuthula.”
Okwesine okwakhululwa kwaba iKingdom Melodies No. 7, eyajabulisa bonke ababeze emhlanganweni lapho icashunwa ingxenye.
[Izithombe ekhasini 31]
1. UJosefa ethengiswe abafowabo edrameni yasemhlangaweni waseKorea eUnited States
2. Umongameli weWatch Tower Society uF. W. Franz amukela izilaleli emhlanganweni
3. Ingxenye yezilaleli ezazilalele ngokunakekela eYankee Stadium, eDolobheni laseNew York
4. Izinkulungwane zabhapathizwa zibonakalisa ukuzinikezela kwazo kuJehova uNkulunkulu