Ungayilawula Kanjani Imizwelo Yakho?
ABANINGI namuhla balangazelela ukuvukwa amadlingozi ngokomzwelo. Bafuna ukwesasa ngokushayela ngejubane, imidlalo eyingozi, ubulili obungemthetho, nemilaliso evusa amadlingozi. Ngempela, ezentengiselwano nezokuzilibazisa zigcizelela isidingo sokuhlangenwe nakho okungokomzwelo. Ngakho, abaningi bayahluleka ukubekezelela ukuthula noxolo, bezizwa befanelekela ukuthola ukuqabuleka ngokomzwelo okwengeziwe ekuphileni.
Yebo, sonke sinayo imizwelo. Ngokwesibonelo, uma simamatheka, sihleka, noma sikhala, sibonakalisa isimo sethu esingokomzwelo ngalesosikhathi. Kodwa bewazi yini ukuthi imizwelo ingathinta ngisho nomzimba wakho, njengokubangela izinguquko emfuthweni wegazi, izinga lokushaya kwenhliziyo, nokujuluka? Ingase futhi ibangele ukungaphatheki kahle ngokomzimba, njengokuphathwa yikhanda, ukuphathwa yisisu, nezinkinga zeqolo. Kodwa, abantu ngokuvamile bafuna imizwelo ejabulisayo futhi bayayigwema engajabulisi. Abanye abantu bazama ukubalekela imizwelo engajabulisi ngokuvumela ukuzula kwengqondo, ukuminza, nokuphuza ngokweqile. Ngakolunye uhlangothi, isimo esingokomzwelo esiyiso sibangela ukuphila kahle. IzAga 14:30 zithi: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.”
Ngokuthakazelisayo, iZwi likaNkulunkulu likhuluma ngazo zonke izinhlobo zemizwa yomuntu, ezinjengothando, inzondo, ukujabula, usizi, isibindi, nokwesaba. Ungase ukhumbule ukuthi uJesu wake “wakhala izinyembezi,” ebonisa imizwelo yakhe ngokufa komngane. (Johane 11:35) UJosefa wazama kanzima ukubamba izinyembezi “ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo.” lowo okwase kuyiminyaka agcina ukumbona.—Genesise 43:30.
Kungani Kumelwe Uthibe Imizwelo Yakho?
Njengoba siphila “ezikhathini zokucindezeleka” futhi singaphelele, miningi imizwa engajabulisi engena ekuphileni kwethu kunejabulisayo. (2 Thimothewu 3:1-5, Revised Standard) Njengoba iBhayibheli lisho, “ukucindezela kuyamhlanyisa ehlakaniphileyo.” (UmShumayeli 7:7) Ngakho uma singazami ukuthiba imizwelo engathandeki, singakhubaza ubuhlobo bethu nomkhaya wethu, esifunda nabo, esisebenza nabo, namaKristu esikanye nawo.
Ngokwemvelo, sonke siyathinteka ngokomzwelo yilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11, NW) Ngokwesibonelo, umbhangqwana eshadile, owawusenkonzweni yesikhathi esigcwele, lapho ubuyela ekhaya wathola ukuthi wawuphangwe impahla yawo eningi. Lokhu kwabanyelisa, kwaze kwaba sezingeni lokuba bagule. Kwabathatha izinsukwana ukuphinde bakwazi ukulawula imizwelo yabo. Lapho belulama, baqhubeka nomsebenzi wabo ‘wokududuza bonke abalilayo.’—Isaya 61:2.
Noma kungenzeka wazi abantu abavumela ukuba imizwelo yabo ivuswe ukubuka imidlalo yeTV. Bazifanisa nabadlali kangangokuthi bakhala njalo ngenxa nje yenganekwane. Cabangela, futhi, indaba yowesifazane engashadile owayehlala yedwa. Ngobunye ubusuku waqala ukubuka isithombe sebhayisikobho esesabisayo. Nakuba “ayethuke efile,” akayekanga ukubukela. Kamuva waba nenkinga ubuthongo bungafiki. Ekugcineni lapho efikelwa ubuthongo ngokuphelele, ungacabanga ukuthi yini ayiphupha: imikhovu nezilwane ezesabekayo. Iphuzu liwukuthi siyathinteka ngokomzwelo ngokwenzeka eduze nathi. Ngakho-ke, ngokuqinisekile, kumelwe sikhethe, sigweme lokho okuyingozi noma okonakalisa ngokungadingekile ukulinganisela kwethu ngokomzwelo.
Ukugcizelela Imizwelo Emihle
Ngakolunye uhlangothi, iZwi likaNkulunkulu litusa ukuba “sizithibe,” sisebenzisa ‘amandla ethu okuqonda.’ (Thithu 2:2; Roma 12:1, NW) Lokhu akusho ukuthi kumelwe sizibambe ngezinga lokuba size singakukhathaleli ukuphila. Imizwelo elawulwa ngokufanele inezela injabulo ekuphileni. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe.”—UmShumayeli 3:22.
Ngakho-ke, ukuze senze ukuphila kujabulise ngempela, singafunda ukuhlakulela imizwelo emihle. Lokhu, kungasisiza ukuba “sishisekele imisebenzi emihle,” kunemicabango ephambene. (Thithu 2:14) Imicabango enamandla nephilileyo ingaqinisa ukuzimisela nokuphikelela ukuze sifeze okusizayo. Yebo, amaKristu ayazi ukuthi awafezi izinto enkonzweni kaNkulunkulu ngenxa yokucabanga okuqondile kuphela. Kunalokho, aqaphela isidingo sokwethembeka ngokugcwele emoyeni kaJehova ukuze abhekane nekusasa. (Luka 11:13; IzAga 19:21) Khona-ke, singayilawula kanjani imizwelo yethu, siqhamise leyo ezuzisayo?
“Ningakhathazeki”
Ngenxa yemiphumela yayo elimazayo, imizwelo enjengolaka, umhawu, inzondo, nokwesaba idinga ukulawulwa. Ukubonisa ukuthi singakwenza kanjani lokhu, cabangela nje umzwelo owodwa: ukukhathazeka.
Umoya kaNkulunkulu oyisiphekupheku waqinisa izinceku zakhe ezithembekile nezivumayo zesikhathi esidlule, njengoba wenza namuhla. Eholwa umoya ongcwele, uJesu wagcina umbono oqondile ngokuba nesithakazelo esijulile ezintweni ezingokomoya. Wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba ‘bangakhathazeka’ (Luka 12:29) Akazange akungabaze ukunakekela kukaYise kothando. (Johane 15:9, 10) Intshiseko yakhe ayiphazanyiswanga isithukuthezi nokukhungatheka. Ngokufanayo, futhi, uma ufuna ukulawula ukukhathazeka okweqile, gcwalisa ingqondo yakho ‘ngezinto ezibongekayo.’ (Filipi 4:8) Yebo, ukuthemba kuJehova kungaxosha imicabango engemihle.
Ngokwesibonelo, intombazane encane ekhubazekile eSão Paulo, eBrazil, yayikhathazeke ngokuswela kwayo amakhono nangekusasa layo. Yayinakekela izingane ezincane endlini lapho bobabili abazali bayo besebenza. Izizwa ingelutho, yabhala: “Nginovalo ngiyogcina ngisangene, ngenze ubuwula. Ngiye ngacabanga ngisho nokuzibulala. Nginomuzwa wokuthi ngeke neze ngikwazi ukushada.” Ngemva kokwamukela incwadi eyayikhuthaza ukuba yandise ukufunda kwayo iBhayibheli, yabhala: “Ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi ekugcineni othile wayenesithakazelo sokuhlaziya izinkinga zami. Wangibonisa ukuthi kubaluleke kanjani ukuphila ehlelweni olusha lukaJehova.” Ngakho, esikhundleni sokukhathazeka nje, kungani ungazibekeli imigomo eqondile, ikakhulu engokomoya, njengokwenza okwengeziwe ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso noma ukuchitha isikhathi esengeziwe ufunda iZwi likaNkulunkulu?
Iqiniso, ukukhululeka kwesikhashana kungatholakala ngokuphumula, ukushaywa umoya, ukushintsha imidanti yomsebenzi noma indawo, noma ukulalela umculo oduduzayo. Nokho, singase sithambekele emicabangweni engemihle nokukhathazeka, kuye ngokwezinto esizifundisiwe noma esizibonile. Ngalesisizathu, ikhono lokuhlakanipha nokuzimisela okunamandla akwanele ekuvezeni ukuthula kwengqondo noma ukuletha umuntu emseni kaNkulunkulu. Kumelwe sifunde ‘ukuphonsa izinkathazo zethu zonke kuJehova.’ Singakwenza lokhu ‘ngokuba uyasikhathalela.’—1 Petru 5:7.
Isithakazelo SikaNkulunkulu Siqu Kuwe
Akuzange kube inhloso yoMdali ukuba abantu bonke bafane futhi basabele ngendlela efanayo. EBhayibhelini, wanikeza izimiso eziqondisayo ezifanele nezanele kubo bonke. Wasinikeza futhi izibonelo ezisobala zokubonisa kwakhe isithakazelo somuntu siqu enhlalakahleni yezinceku zakhe. “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo . . . Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:18, 19) Eqinisweni, uJehova wazi imizwelo yethu yangaphakathi, ngisho nezinkathazo zethu nezinyembezi. IHubo 56:8 likubeka ngalendlela: “Yitha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?” Ngakho, uma siswele ngempela, ngisho nalapho “sihlupheka simpofu,” uJehova angaba “umsizi wethu noMsindisi wethu.” (IHubo 40:17) Kodwa yini nje edingekayo kuwe ukuze uthole lolusizo?
Ukwazisa izimfanelo ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu, “ububele” bakhe, kuyasisiza ukuba sigweme ukubeka ukunakekela okungafanele kithi. (2 Korinte 1:3, 4) Asinakuphuphutheka silandele imizwelo yethu ngobugovu ngoba inhliziyo yomuntu “iyakhohlisa,” iholela ezenzweni ezingahlakaniphile, ngisho nasebuhlotsheni bokuziphatha okubi. (Jeremiya 17:9) Ngokwesibonelo, owesifazane oshadile eLatin America wakhangwa indoda engumakhelwane wakhe. Eshukunyiswa yimizwelo yakhe, wabeka isizathu esingeyiso sokufisa “ukuyisiza.” Ngenhlanhla, wafuna iseluleko esingokomoya kumaKristu avuthiwe. Ngokwazisa okuphakeme izimfanelo zikaNkulunkulu, wabunqamula lobobuhlobo. Manje ngenjabulo uthi: “Umshado wami wasinda.” Ngokuqinisekile. sonke senza kahle ngokuhlakulela isifiso sokufundiswa uJehova nesokusondela kuye.—IHubo 19:7-11.
Ukholo oluqinile, okungukuthi, umbono eqinisekisiwe ngekusasa nethemba eliqinisekile, kuyasiza ekubeni nombono oqondile, kanti okungaziwa kuveza ukukhathazeka nokwesaba. (Heberu 11:6) Ngempela, ukucabanga okungekuhle noma ukungabaza kungasenza sihluleke lapho besingaphumelela khona. Ukuntula ukholo kubonisa isidingo sokuba nokuthembela okwengeziwe emandleni kaNkulunkulu okusebenza. (1 Johane 5:10) Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthembela kuNkulunkulu, sithandaza njalo ukuba asisize silawule imizwelo yethu!—Jakobe 1:5.
Ukuzithiba nokulinganisela, nakho, kuyizimfanelo esidinga ukuzihlakulela ukuze sibe nobuhlobo obuhle nabanye. “Onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo,” olawula imizwelo yakhe. (IzAga 17:27) Ngaphandle kwalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke,” ngalokho ninikele ekuphileni okunokuthula nokuhlelekile.—Filipi 4:5.
Uthando ngabanye luthuthukisa umuzwa ojabulisa kakhulu, ukuzimisela ukukhuthaza abanye nokubenza bazizwe bekhululekile. “Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.” “Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo. alucunuki, alunagqubu.”—Roma 12:10; 1 Korinte 13:4, 5.
Uma uqhubeka uhlakulela lezimfanelo, ungaqiniseka ngosizo lukaJehova. Njengoba uPawulu aloba: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula likuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:7.
Yini Ofuna Ukuyenza?
Nakuba ngamunye wethu engasiqonda kangcono isidingo sakhe siqu sokulawula imizwelo ethile, singaqiniseka ukuthi singayithola impumelelo nenjabulo eyengeziwe. Ngokuqondene nalokho kufanele siqaphelisise ukuthi asikuvumeli ukuzula kwengqondo noma sivumele imizwelo engalawuliwe njengokukhathazeka okungadingekile. Kunalokho, masiphikelele ekuhlakuleleni imizwelo emihle nephilileyo ukuze sibe nokuthula kithi ngokwethu, esikanye nabo, noNkulunkulu.
Yebo, kuwusizo ukuzimisela likwenza lokho, sibheke phambili osukwini lapho uJehova ‘eyosuthisa ukufisa kwakho konke okuphilayo.’ (IHubo 145:16) Ngakho-ke, ngesineke sebenzela ukujabulela ukuphila kwesikaNkulunkulu isimiso esisha sezinto esinokuthula, likwenza kanjalo kuyokusiza enjabulweni yakho yamanje, okuwumzwelo ofiseleka kakhulu.