Ukukhululeka—Yeka Indlela Okufiseleka Ngayo!
“NGINIKE inkululeko noma unginike ukufa!” kukhala owayeshisekela izwe laseMelika uPatrick Henry eminyakeni engaphezu kwama-200 edlule. Kuye, ukukhululeka kwakuyigugu ngaphezu kokuphila ngokwakho. Kuwo wonke amakhulu eminyaka, izigidi zabantu ziye zaba nemizwa efanayo.
Nokho, phakathi namashumi ayisihlanu eminyaka adlule, isifiso sokukhululwa siye saba nezici ezintsha. Imibuso emikhulu iye yaphucwa izigidi zabantu njengoba bezifunela futhi bezuza inkululeko engokombangazwe. Kuye kwahlelwa izinhlangano zezokuhlalisana, zezomnotho, ngisho nezenkolo ukuze zifune ukukhululeka ekucindezelweni nasekubandlululweni, okungokoqobo noma okucatshangelwayo. Akukaze kwenzeke esikhathini esingaphambili ukuba amadoda amaningi kangaka afune ukukhululeka egunyeni labaqashi nohulumeni, abesifazane abaningi kangaka egunyeni lamadoda nobaba, nezingane eziningi kangaka egunyeni labazali nothisha. Nakuba kunjalo, izinhlangano zokukhululeka aziyona into entsha. Eqinisweni, cishe zindala njengesintu ngokwaso. Incwadi yomlando endala kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli eliNgcwele, lisitshela okwengeziwe. Nanku umongo wendaba, njengoba utholakala kuGenesise 3:1-7:
Ngokushesha ngemva kokudalwa kwendoda nowesifazane, owesifazane walingwa isidalwa somoya. Izenzo zaso zabonisa isifiso sokukhululeka egunyeni loMdali waso. Ngakho akumangalisi ukuthi sagomela ngokuthi ukukhululeka kuyilokho yena nendoda yakhe ababekudinga. Sathi, akulona yini iqiniso ukuthi uNkulunkulu wayebabekele imingcele? Sazibuza, kodwa kungani kungamelwe badle kuso “isithelo somuthi . . . ophakathi nensimu”? Kakade, “umuthi wawubukeka emehlweni,” akunjalo? Ngokuqinisekile!
Sakhuthaza, hlubukani, futhi “kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” Yeka indlela okwakufiseleka ngayo! Yebo, ukukhululeka ekubuseni “okucindezelayo” kukaNkulunkulu kwakwenzelwe ukuba kubonakale kuyigugu njengokuphila ngokwakho.
“Nginike inkululeko noma unginike ukufa!” UAdamu noEva bakuthola kokubili—kwaholela ekudabukeni kwabo nokwethu! Kanjani?