Ukuthola ‘Okufiswa Yinhliziyo Yami’
Njengoba ilandiswa nguP. J. Wentzel
NGESIKHATHI umkhumbi wethu osuka eNingizimu Afrika uma esikhumulweni semikhumbi eNew York, sahlangatshezwa umuntu omnyama. Wayezolanda mina nomkami uLina, nowesifazane owayesekhulile owayehamba nathi esiyisa ezindaweni zokuhlala. Bama endaweni enemizi yabamnyama, futhi umshayeli waphuma ukuba ayobheka indawo lowo esasihamba naye ayezohlala kuyo. Wathi kimi, “Kodwa Piet, yindawo yabantu abamnyama bodwa lena!”
Ngamkhumbuza, “lapha kuseMelika. Kulendawo awukho umehluko phakathi komnyama nomhlophe; sonke siyefana.” (Kodwa ngaphakathi ngangifisa ukuba mina nomkami siyiswe ekhaya labamhlophe!) Khona-ke umshayeli wabuya esezolanda esasihamba naye, owamukelwa ngokufudumele umkhaya wabamnyama.
Khona-ke kwase kuba ithuba lethu—siselokhu sisendaweni yabamnyama. Njengoba esasizohlala kuye nomkakhe beza emotweni, ngathandaza ngokungaphezi kuNkulunkulu ukuba angisize ngihlukane nanoma iluphi ubandlululo lobuzwe okungenzeka lwalusekhona—oluyifa labazali bami.
Abantu abamnyama esasizohlala kubo eNew York basemukela ngokufudumele. Basiyisa ekamelweni lethu, lapho yonke into yayihlanzekile. Lapho besishiya sodwa, saqale sathula. Khona-ke uLina wabe eseya embhedeni, waphakamisa izingubo futhi wathi: “Piet, yeka indlela okumangalisa ngayo ukucabanga ukuthi namuhla kusihlwa, ngokokuqala ngqa ekuphileni kwami, kumelwe ngilale embhedeni wowesifazane womuntu omnyama!” Kodwa sabejwayela futhi sabathanda abantu esasihlala kubo.
Kungani ukunqoba inkinga yobandlululo lobuzwe kwakuwumsebenzi omkhulu kimi nakulabo engangihamba nabo?
Amathonya Esikhathi Sangaphambili
IBonnievale, lapho engazalelwa khona ngo-1922, iyidolobha elincane eliqhele ngamakhilomitha ayi-160 eMpumalanga Kapa, eNingizimu Afrika. Ubaba wayeyilungu leSonto laseDashi. Okuyisonto labelungu kuphela. Abamnyama babenawabo amasonto elokishini elahlukile lapho babehlala khona. Ngakho-ke sakhuliswa ngendlela yokuba sikwamukele ukwahlukana kwezizwe.
Futhi yeka indlela ukubandlululana ngokobuzwe okungagxila ngayo! Safundiswa ukuthi yisizwe sakithi esiphakeme. Sabheka abamnyama njengabantu okumelwe baphathwe njengabantu nje kodwa hhayi njengesilingana nabo. Ngesikhathi ngisemncane sasivame ukubemukela emnyango ongemuva, futhi uma sasibapha itiye, sasibanikeza ngenkomishi ehlukile eyayigcinelwe abamnyama kuphela. Safundiswa ukuthi kungenzeka izinto zihlukile ezulwini, kodwa emhlabeni kwahlukenwe ngempela.
Ngokushesha ngemva kokweva eminyakeni eyi-17 ngabuza ubaba ukuba ngangingaqiniswa yini, kodwa waba nomuzwa wokuthi ngangisemncane kakhulu. Nokho, ngonyaka elandelayo, wangitshela ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba ngiqiniswe. Ngakuthatha lokhu ngokungathi sína. Kimina kwakusho ukuzinikezela komuntu kuNkulunkulu nokwenza intando yakhe. Futhi njengoba ngangiphilela izwe nezinjabulo zalo, kuhlanganise nokuba yixhwele likagwayi, ngabona ukuthi kwakumelwe ngenze ushintsho olukhulu ekuphileni kwami.
Ngakho-ke ngazo zonke izikhathi zokudla, ngangisebenzisa isikhathi sami esiningi ngifunda iBhayibheli. Kimina kwakuyisambulo—ngabona ukuthi indlela yami yokuphila naleyo yomkhaya wakithi yayiphambene kakhulu nalokho imiBhalo ekufunayo. Nakuba ngangifunda iBhayibheli ngolimi lwami, isiBhunu, kwakunokuningi engangingakuqondi. Ngakho-ke, ngangingafundi kuphela kodwa futhi ngangithandaza kuNkulunkulu ukuba angisize ngiqonde iBhayibheli.
Lapho isikhathi sezifundo zokuqiniswa sisondela, kakade ngase ngifunde ingxenye enkulu yeBhayibheli. Ngabuza ubaba ukuthi ukuqiniswa kuchazwe kuyiphi indawo eBhayibhelini ukuze ngikufunde.
Waphendula, “Akukho eBhayibhelini. Kuyimfuneko yesonto.” Ngashaqeka!
Ngabuza, “Kodwa uma ukuqiniswa kungekho eZwini likaNkulunkulu, ngingakwamukela kanjani? Futhi uma sidukiswa kulendaba ebalulekile, ngingakubeka kanjani ukuphila kwami esontweni?”
Ngakho-ke, kusukela ngalesosikhathi ngaqala ukufuna iqiniso.
Ukufuna Iqiniso
Ngelinye ilanga umngane wami wangimemela enkonzweni eSontweni laseDashi—okwase kuyisikhathi eside ngagcina ukuya kulo. Umfundisi wakhuluma ngethemba: “Uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.” (Roma 8:24, 25) Ah, nakhu engangifuna ukukwazi! Liyini ithemba lethu? Ngiphilelani? Ingabe manje ngizothola izimpendulo? Kodwa umshumayeli wehluleka ukuchaza ithemba lekusasa. Njengoba ngangihleli lapho, ngacela uNkulunkulu ukuba asize umshumayeli ukuba angisize!
Kukhona okuthile okwangiphazamisa. Ngaphawula ukuthi iningi labantu lalezela. Ngangilangazelela ukuzwa iqiniso, kodwa abantu lapha babelele! Ngaphuma esontweni ngidumazekile futhi angiphindanga ngabuyela.
Kamuva ngaxoxa ngeBhayibheli nomngane owayenezimfundiso zesonto likaMoya. Wathi umuntu ofuna ukukhonza uNkulunkulu kumelwe abhapathizwe ngokucwiliswa ngokuphelele emanzini. Ngakho-ke ngaya enkonzweni elandelayo yaleliqembu elincane futhi ngabhapathizwa emfuleni. Lokhu kwamcasula kakhulu ubaba. Waze wasongela ngisho nokungibulala ngenxa yokuhlanganyela nehlelo elithile! Ngangingasenakulifunda iBhayibheli ekhaya kodwa ngalifunda naleliqembu elincane engase ngihlanganyela nalo. Ngangingasenakudla ngisho nokudla nobaba, futhi noma nini lapho ngimbona, wayengitshela ukuba ngibhekise ubuso bami eceleni. Wayengafuni ukububona!
Iqembu elincane likaMoya lalimane lifunda iBhayibheli nje, licula futhi lithandaza ndawonye, futhi likhuluma ngezilimi. Ngalesosikhathi ngase ngikuhlanzile ukuphila kwami, kuhlanganise nokuyeka ukubhema. Ngazama kanzima ukuthola umoya njengabanye, ngizila ngisho nokuzila izinsukwana ezimbalwa, kodwa akwenzekanga lutho. Khona-ke ngacabanga ngalokhu. Ngangazi ukuthi kwakunabanye edolobheni ababethi bakhuluma ngezilimi, kodwa ababephila ukuphila kokuziphatha okubi. Khona-ke kwakungenzeka kanjani ukuba uNkulunkulu anikeze umoya wakhe kubantu abakuphila kwabo kwakungavumelani nentando yakhe? Okunye futhi kwangidida. Nganquma ukubuza umholi weqembu lethu.
Ngabuza, “Ingabe umoya ongcwele wena nabanye eniwutholayo uyefana nalowomoya ongcwele owaphefumlela iBhayibheli?”
“Yebo,” ephendula.
“Nokho, ingabe umhlaba uyoba ikhaya lomuntu laphakade, noma uzobhujiswa?”
“Umhlaba uzobhujiswa, futhi amaKristu ayophila ezulwini.”
Ngaphendula, “kodwa kukhona okungalungile lapha, njengoba iBhayibheli lithi umhlaba uyohlala phakade—amazwi aphefumlelwe umoya kaNkulunkulu—umoya ofanayo nalowo enithi ninawo.”—UmShumayeli 1:4.
Khona-ke ngabona ukuthi iqembu lethu elincane lalingenalo iqiniso. Ukulifuna kwami kwaqhubeka.
Ngelinye ilanga umholi weqembu likaMoya wangilethela incwadi ethi Riches, eyayikhishwe yiWatchtower Society. Ngokushesha ngemva kokuba ngiqale ukuyifunda, ngabona ukuthi ihambisana nalokho engiye ngakufunda eBhayibhelini. Ekugcineni ngase ngilitholile iqiniso! Ngabhala ngicela izincwadi ezengeziwe. Iqembu lethu elincane lazemukela ngentshiseko, futhi sazisebenzisa ekutadisheni iBhayibheli nasekufakazeni kwabanye. Ngokushesha ngemva kwalokhu, oFakazi BakaJehova abambalwa beza eBonnievale ukuzohlala isikhashana, futhi saba nengxoxo enhle nabo. Ngaphezu kwalokho, abane beqembu lethu bahlanganyela nabo ekushumayeleni endlini ngendlu ngeSonto elilandelayo.
Simisa Ibandla Elincane
Ukuze sikwazi ukuqhubeka sisakaza isigijimi sethemba, sa-oda izincwadi ezengeziwe ehhovisi legatsha le-Watchtower Society eKapa. Baphendula ngokuthi kumelwe siqale ngokufaka isicelo sokuvula ibandla. Ekuqaleni sesaba, kodwa njengoba isidingo sezincwadi sasiqhubeka sikhula, ekugcineni safaka isicelo futhi samiswa saba ibandla elisha—sibane nje kuphela, nakuba kwakungekho noyedwa kithi owayenguFakazi obhapathiziwe!
Inyanga ngayinye, sasibika umsebenzi wokushumayela esasiwenzile. Kodwa njengoba sasingaqeqeshiwe, sasingazenzi izimpindelo kubantu ababebonise isithakazelo. Ihhovisi legatsha lalisitshela ngalokhu nyanga zonke. Ekugcineni ababili bethu baqunga isibindi futhi baya emzini owawunabantu ababebonise isithakazelo. Bahlanganisa umkhaya sacula ingoma ndawonye. Khona-ke ngavula ngomthandazo futhi ngemva kwalokho ngavulela irekhodi leBhayibheli lenye yezinkulumo zikaJ. F. Rutherford. Bonke balalelisisa. Khona-ke saphetha ngenye ingoma nomthandazo. Njengoba sasiya ekhaya ngathi: “Nokho, lokho ‘bekuyimpindelo’ yethu yokuqala!”
Ngesikhathi esifanayo ukuphikisa kukababa kwaqhubeka ngamandla. Ulwazi lwami ngeBhayibheli lwaluluncane kakhulu! Nokho engangikwazi ngangikukholelwa ngokujulile enhliziyweni yami. Ngolunye usuku uRachel, omunye wodadewethu, wasivakashela. Phakathi nesikhathi sokudla kwasemini, waqala ukuphikisa ngoZiqu-zintathu.
Wabuza, “Kungani nina niyiphikisa imfundiso kaZiqu-zintathu? Isonto lethu ngokusobala lifundisa ukuthi uYise, iNdodana, noMoya oNgcwele bonke bayalingana ngokuba khona nangamandla.”
Ngaphendula, “Uma umoya ongcwele ulingana noYise neNdodana, khona-ke ungangenzela okufana ncimishí nalokho uYise neNdodana abangangenzela khona. Ngakho-ke ngingathandaza nakumoya ongcwele.”
URachel akaphendulanga. Kodwa ubaba, owayesekamelweni eliseduze, wathi: “Rachel, myeke. Akanakukusiza ngalutho.” Wonke umkhaya weza wazosekela uRachel. Ubaba wabe esengena ngokushesha, ecasuke kakhulu. Wafumbatha isibhakela, wasiletha esiphongweni sami—kodwa wama wabe esehoxa. Ngathula futhi nganganyakaza.
Ubaba wamemeza, “Uhleli lapha njengengelosi engumzenzisi.” Wangikhumbuza ngesikhathi lapho ngangizinikele ngokuzithandela ukuyolwa noHitler kodwa wangenqabela njengoba ngangisemncane. “Manje ngifisa sengathi ngabe wahamba futhi wabulawa!” ebhavumula. Ngaphakathi ngangimbonga ngokungivikela ukuba ngingayi empini.
Ngesikhathi sekudlulile, ngaya ngaphandle futhi ngacabanga. Ngaphambi kokuba ngibe nesithakazelo eBhayibhelini, kwakunokuthula. Manje umkhaya wawusunokulwa. Yini okwakumelwe ngiyenze? Ngibuyele esontweni futhi kanjalo ngibuyisele ukuthula komkhaya? Uma ngangenza kanjalo, ngangiyobe ngilahla amaqiniso ayigugu engase ngiwafundile. Abazali babengilethe emhlabeni, kodwa uNkulunkulu kuphela owayenganginikeza ukuphila okuphakade. Ngibambelele ngokuqinile emthini wesundu omuhle, nganquma khona lapho: “Bangangibulala, kodwa anginakubuyela emuva.”
Ukungenela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
Ngingashadile, ngisemusha, futhi nginamandla, ngaqala ukuzizwa ngibopheke kakhulu emsebenzini wami embonini kashizi eyayisendaweni yakithi. Lapho ngangisebenza izinsuku eziyisithupha ngesonto ngihola imali encane kodwa ngangisebenzisa usuku olulodwa kuphela enkonzweni engcwele kaJehova, engangibheke ukuphila okuphakade kuye. Kungani kwakumelwe ngiqhubeke ngenza ushizi lapho nganginamaqiniso ayigugu ayengasindisa ukuphila? Ngafuna ukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele.
Ngabhalela iNhlangano futhi ngayitshela ukuthi ngangifuna ukuba “yiphayona,” noma isisebenzi sesikhathi esigcwele. “Kodwa kanjani?” ngizibuza. Ngangineminyaka eyi-18 kuphela futhi ubaba wayengeke avume. Ngathola impendulo eyayicaphuna lamazwi amahle: ‘Zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.” (IHubo 37:4) Izifiso zenhliziyo yami zazingagcwaliswa kanjani njengoba ubaba wayephikisa kangaka? Nokho, ngazindla ngalawomazwi futhi ngaqhubeka ngithandaza.
Ekugcineni ngaceba icebo. Ngatshela ubaba ukuthi lalingekho ikusasa ngami eBonnievale futhi ngangifuna ukuthuthela eKapa. Wathi: “Ngiyasazi isizathu. Ufuna ukuhamba uyodayisa lezozincwadi zeJaji uRutherford!” Kodwa wavuma.
EKapa ngasebenza kanzima ukuze ngithole imali yokuthenga izinto ezimbalwa engangizozidinga ukuze ngiqalise enkonzweni yesikhathi esigcwele. Lapho ngihlangana nombonisi wegatsha, uGeorge Phillips, nganginenkinga. Njengoba ngangivela emphakathini wamaBhunu, isiNgisi sami sasingesihle neze kangangokuba ngangikhuluma naye ngomhumushi. Futhi emihlanganweni ngangizwa okuncane kakhulu kangangokuba ngake ngaphuthelwa umhlangano owawuhlelelwe ukuba seKapa ngoba ngingazange ngisizwe kahle isaziso!
NgoNovember uMzalwane uPhillips wangazisa ukuthi kwakunethuba ngami lokuphayona eKimberley, futhi ngangingaqala ngenyanga elandelayo. Ngaya ekhaya ngayobavalelisa. Kwadingeka ukuba ngilawule imizwa yami ngoba ngangicabanga ukuthi ngangingasenakuphinde ngibabone ngaphambi kweArmagedoni! Kodwa angibatshelanga ukuthi ngangizoba yiphayona.
KwakungoDecember 1, 1941, ngineminyaka eyi-19, ngesikhathi ngiqala umsebenzi wami wobuphayona eKimberley. Ngesikhathi ngilapho ngabhalela abazali bami. Angizange ngimbambele igqubu ubaba ngendlela ayengiphathe ngayo. Umama waphendula ngokuthi wayejabula ngokuthi ngakwazi ukugcwalisa isifiso senhliziyo yami. Ngempela, ‘ngazithokozisa ngoJehova’ ngoba wayenginikeze ‘okufiswa yinhliziyo yami’—inkonzo yesikhathi esigcwele.
Ukuthola Okunye ‘Okufiswa Yinhliziyo Yami’
Ngo-1942, emhlanganweni wezizwe zonke wokuqala engaya kuwo owawuseGoli, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu ngobhapathizo. Eminyakeni emibili kamuva ngabonana nodade omusha oyiphayona, uLina Muller. Sakhangana, kodwa savumelana ngokulinda kuze kube ngemva kosizi olukhulu ngaphambi kokuba sicabange ngokungathi sína ngomshado.
Umkhankaso wemihlangano yeningi waqala ngo-1945. Ngalesosikhathi ngangikhonza eVereeniging namanye amaphayona amabili, omunye wawo kunguFrans Muller, umfowabo kaLina. Lapho siqala ukuzwa ngalomkhankaso, sazitshela ukuthi kwakungewona owethu—sasingenakho okuhlangenwe nakho njengezikhulumi zasobala. Nokho, ngesikhuthazo seNhlangano, sakhetha izinkulumo. Ukuze sizijwayeze ukuzinikeza sakhetha indawo eyayingenamsindo eduze koMfula iVaal, lapho sakhuluma khona ‘nezilaleli’ zethu—umfula! Sazizwa sivuzwe kakhulu lapho, ngemva kwenyanga eyodwa, esikhundleni sabantu aba-4 noma abayisi-5 ababevame ukuba khona emhlanganweni wethu weqembu, abangama-37 beza enkulumweni yokuqala!
Ngo-1947 ngabelwa emsebenzini wesifunda. Ngonyaka olandelayo mina noLina sashada. Kusukela ngalesosikhathi, umkami othandekayo ubelokhu ebambisene nami—umngane othembeke kakhulu. Ngakho nganikezwa esinye ‘isifiso senhliziyo yami.’
Ukufunda Izifundo Ezibalulekile
Ngo-1953 mina noLina saba nelungelo elikhulu lokuba khona emhlanganweni “WeNhlangano Yezwe Elisha” owawuseNew York, eU.S.A.—uhambo lwethu lokuqala lokuya phesheya. Kwakungalesosikhathi lapho omunye wabazalwane bethu abangamaKristu esilanda esikhumulweni semikhumbi esiyisa ekhaya loFakazi abaNsundu esahlala nabo. Yeka indlela esabathanda ngayo labobazalwane nodade abathandekayo!
Lokhu okuhlangenwe nakho kwasisiza kakhulu lapho kamuva ngikhonza njengombonisi wesigodi woFakazi abaNsundu eNingizimu Afrika, lapho esasivame ukwamukelwa emakhaya aphansi, ngezinye izikhathi sihlala phansi futhi saze salala ngisho naphansi.
Kusukela ngo-1966 mina nomkami besilokhu sikhonza eBethel yalapha eNingizimu Afrika. Njengoba ngase ngichithe iminyaka engama-20 njengombonisi ojikelezayo, ngaqale ngakuthola kunzima ukuzivumelanisa nokuphila kwaseBethel. Ngangikuthanda kakhulu ukuba ngaphandle ngishumayela, ngifundisa, futhi ngiqeqesha abanye. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngafunda ukuyazisa ngokujulile inkonzo yaseBethel. Ngesikhathi esifanayo nganikezwa ilungelo lokusebenza eMnyangweni WeNkonzo futhi sengineminyaka eminingi manje ngikhonza njengelungu leKomiti yeGatsha.
Uma ngibheka emuva, ngikhumbula ukuthi ngo-1942, lapho siseseKimberley, sezwa ngokufa kukamongameli weNhlangano, uJ. F. Rutherford. Umbiko wezindaba waphawula: ‘Manje njengoba umholi woFakazi BakaJehova esefile, inhlangano izobuna futhi ife, njengezintanga elangeni elishisayo.’ Esikhundleni salokho, yeka indlela enhle iNhlangano eye yaqhubeka ichuma ngayo phakathi naleminyaka—ngisho naphakathi kokudlanga okukhulu koshushiso! Futhi yeka ukukhula okumangalisayo okuye kwenzeka eNingizimu Afrika kusukela kuleyominyaka yokuqala eBonnievale! Ngalesosikhathi kwakunoFakazi abayi-1 000 eNingizimu Afrika; manje kunabangaphezu kwezi-36 000.
Uma ngikhumbula lokho uJehova nenhlangano yakhe aye wangenzela khona futhi wakuhlosa ngami phakathi naleminyaka, ngikhuthaza ngokuvela enhliziyweni bonke oFakazi engikanye nabo abasebasha ukuba bahlele ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele uma kunokwenzeka. Iletha imivuzo ecebile. Ngiyazi ukuthi uma ngiqhubeka ngizithokozisa ngokwenza intando kaJehova, uyonginikeza okufiswa yinhliziyo yami—inkonzo ejabulisayo yaphakade.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Sabejwayela futhi sabathanda abantu abamnyama esasihlala kubo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
“Uhleli lapho njengengelosi engumzenzisi,” kubhavumula ubaba. “Manje ngifisa sengathi ngabe wahamba futhi wabulawa!”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Yeka indlela enhle inhlangano eye yaqhubeka ichuma ngayo phakathi naleminyaka—ngisho naphakathi kokudlanga koshushiso!
[Isithombe ekhasini 10]
UP. J. Wentzel nomkakhe uLina