Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 8/15 kk. 3-4
  • Ukusetshenziswa Kabi Kwamandla—Ingabe Kuyoke Kuphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusetshenziswa Kabi Kwamandla—Ingabe Kuyoke Kuphele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwaqala Nini?
  • Isizathu Sokuqiniseka Ngokuphela Kokusetshenziswa Kabi Kwamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Bayajabula Labo Abasebenzisa Amandla Ngokufanele!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukukuvimbela Ekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Qaphela Ukusebenzisa Kabi Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 8/15 kk. 3-4

Ukusetshenziswa Kabi Kwamandla—Ingabe Kuyoke Kuphele?

PHAKATHI kwezindlela abantu abangaphelele ababonisa ngazo indlela abanobugovu ngayo kuwukulangazelela kwabo amandla. Umlobi owaziwayo oyiNgisi uMalcolm Muggeridge waphawula ukuthi abantu bathanda amandla “ngoba abakaqapheli ukuthi isisekelo sokuphila komuntu siwuthando . . . Kodwa ngokuyisisekelo isifiso samandla siyingozi kakhulu. Siyileso uJesu Kristu enqaba ukuba naso.”

Ngenxa yokuchuma kwalokhu kulangazelelwa kwamandla, kanye nomonakalo okungawubangela, amaLungu Omkhandlu Womthetho-sisekelo aseUnited States aqamba umthetho-sisekelo owahlukanisa ukubusa kukahulumeni kwaba yizingxenye ezintathu: isigungu sokuphatha, isishaya-mthetho, nesigungu sokwahlulela. Lezingxenye kwakumelwe zihlole ukuze kungabibikho ukusetshenziswa kabi kwamandla.

Naphezu kwezinhloso eziphakeme zaloMkhandlu, kuye kwaba nokusetshenziswa kabi kokubusa okusakazekile kulelozwe. Kodwa ungase wazi kokuhlangenwe nakho kwakho kanye nakulokho okubonayo ukuthi kuye kwaba nokusetshenziswa kabi kwamandla kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Umlando ugcwele imibhalo egciniwe yabantu abasebenzisa kabi amandla kwaphumela ekuzikhukhumezeni kwabo nasekulimaleni kukamakhelwane wabo. Ngokwesibonelo, cabanga ngoAlexander oMkhulu, uCharlemagne, uNapoleon, noHitler.

Kwaqala Nini?

Nokho, unesizathu esihle sokubuza ukuthi kwaqala nini konke lokhu kusetshenziswa kabi kwamandla? Impendulo enokwethenjelwa itholakala encwadini yomlando omdala kakhulu womuntu, eyiBhayibheli. Ungafunda kulo ngezenzakalo zasensimini yase-Edene. USathane uDeveli, lowo iBhayibheli elibonisa ukuthi uyisidalwa soqobo, walangazelela amandla. Walinga uhlanga lwesintu ukuba luqale indlela yesono. Okunye ukubonakaliswa kwesono kuwukulangazelela komuntu amandla okuvamile, ukuze awasebenzise kabi. (Genesise 3:1-19; Roma 5:12) Esikhathini eside esidlule uSathane wabangela ukuba izizwe zibe ngaphansi kokulawula kwakhe, ngalokho wakwazi ukunikeza uJesu Kristu ukubusa phezu kwazo. (Mathewu 4:8-10) UDeveli uye wakhohlisa cishe bonke abantu, ngalokho kungashiwo ukuthi “izwe lonke lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19, NW; IsAmbulo 12:9.

Nanti iphuzu elingase likushaqise: Abaholi abaningi benkolo baye baba abavelele phakathi kwalabo abaye basebenzela injongo kaDeveli. Kungani kunjalo? Nokho, baye basebenzisa kabi amandla abo ngokufundisa izimfundiso ezingamanga, ngaleyondlela benza abantu izigqila. Abaholi bamanga benkolo baye futhi basebenzisa kabi amandla abo ngokushushisa izinceku zeqiniso zikaNkulunkulu. UStefanu, umfel’ ukholo wokuqala ongumKristu, wakhomba emlandweni odabukisayo wabaholi benkolo bakwaIsrayeli: “Nina-bantamo-zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni . . . Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe.”—IzEnzo 7:51, 52.

UStefanu wayengomunye wabokuqala bohlu olude lwamaKristu athembekile aye ashushiswa. Amazwi kamphostoli uPawulu aye abonakala eyiqiniso ngempela: “Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.” (2 Thimothewu 3:12) Umlando woFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla uyakufakazela lokhu. Ngisho kwamanje, emazweni angama-40 lamaKristu ezwa ukusetshenziswa kabi kwamandla ngokuthi iziphathimandla zivimbela inkonzo yawo.

Futhi yeka indlela okunye ukusetshenziswa kabi kwamandla okuningi ngayo! Noma kuphi lapho sibheka khona, sibona abantu bebubula ngenxa yakho. Ukusetshenziswa kabi kwamandla ngabaqashi kwaveza izinhlangano zezisebenzi. Kodwa namuhla kusobala ukuthi abanye abaholi bezinhlangano zezisebenzi nabo banecala lokusebenzisa kabi amandla. Iqembu lohlanga lwabantu abambalwa lihlushwa ukusetshenziswa kabi kwamandla yiqembu labantu abaningi. Enye indlela yokusetshenziswa kabi kwamandla iwukuba amadoda asezikhundleni zokuphatha azinikeze inkululeko ngabaqashwa besifazane, abangase bazizwe becindezelekile ukuba bavume ngenxa yokwesaba ukulahlekelwa imisebenzi yabo. Ngokwesibonelo, omunye umdansi wesifazane weballet ozimisele wathenjiswa ingxenye eholayo lapho kwenziwa iballet uma ayezolala nomphathi wayo.

Yebo, umhlaba ugcwele abantu abasebenzisa amandla abo ngokungeyikho. Bonke abenza kanjalo ngobugovu banikeza ubufakazi bokuthi abamesabi uNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngoba, njengoba iZwi likaNkulunkulu lisho, “Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi.” (IzAga 8:13; IHubo 97:10) Ukusebenzisa kabi amandla noma ngokungeyikho ngempela kuyinto embi, kodwa ngeke kube khona phakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela