Isizathu Sokuqiniseka Ngokuphela Kokusetshenziswa Kabi Kwamandla
INKOSI yasendulo uSolomoni yaphawula ngokusetshenziswa kabi kwamandla osukwini lwayo: “Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela [ukusetshenziswa kabi kwamandla] okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothi lwabacindezelayo kwakukhona amandla.”—UmShumayeli 4:1.
Ungase ubuze ukuthi, ‘Njengoba ukusetshenziswa kabi kwamandla sekuye kwaba khona isikhathi eside kangaka, ingabe kuyoba khona phakade?’ Cha! akunjalo. Ngoba, njengoba uSolomoni ngokwakhe abhala ngaphansi kokuphefumlelwa, kukhona uMuntu okuqaphele konke: “Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlwithwa ngobudlova kokwahlulela nokulunga ezweni ungamangali ngalokho, ngokuba omkhulu kunomkhulu uqaphele, yebo oPhezukonke ungaphezu kwabo.”—UmShumayeli 5:8, Rotherham.
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli eliNgcwele, libonisa ukuthi uJehova, oPhezukonke, unamandla nokuhlakanipha okungapheliyo, futhi uphelele ekwahluleleni ngokulunga, futhi uluthando. Ngoba unguNkulunkulu onjalo, ngeke azibekezelele kuze kube phakade lezimo zokungalungi. Umhubi uDavide wabhala: “Ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.”—IHubo 37:8, 9.
Sithola esinye isiqinisekiso emazwini omprofethi uIsaya: ‘Ngiyakubajezisa . . . ababi ngezono zabo, ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo, ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli [abasebenzisa kabi amandla].’—Isaya 13:11.
Kodwa sekudlule amakhulu eminyaka lawomazwi abhalwa, ngakho kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu usazosigcwalisa isithembiso sakhe sokuphelisa konke ukusetshenziswa kabi kwamandla? Ngoba ezikhathini ezidlule uye wakubonisa ukuzimisela kwakhe ukwenza kanjalo. Ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, kwakunokusetshenziswa kabi kwamandla okukhulu. Sifunda ukuthi “umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” (Genesise 6:5, 11) Futhi buyini ubudlwangudlwangu ngaphandle kokuba ukusetshenziswa kabi kwamandla? Kwakungokufanayo futhi ngemizi emibi yaseSodoma neGomora ngosuku lukaLoti. (Genesise 18:20, 21; 19:4-29) Kuzo zombili izibonelo uJehova wakuphelisa ukusetshenziswa kabi kwamandla. Ngakho siyabona ukuthi uJehova uNkulunkulu akayena ongabekezelela ukusetshenziswa kabi kwamandla kuze kube phakade.
Isisekelo esengeziwe sokuba siqiniseke ukuthi uJehova uyothatha isinyathelo iqiniso lokuthi unomhawu ngegama lakhe, futhi konke ukusetshenziswa kabi kwamandla kuwukuhlambalaza ubukhosi bakhe. Phawula lokhu kuhlangana kulemibhalo: “Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe.” “Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe.”—IzAga 14:31; 17:5.
Khona-ke, singaqiniseka ukuthi oPhezukonke ngeke akubekezelele njalo ukusolwa. Lokho kushiya umbuzo owodwa nje: Kuyophela nini ukusetshenziswa kabi kwamandla?
Kuyophela Nini?
IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi “konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.” (UmShumayeli 3:1) Abanye bangase bangalubekezeleli uhlelo lukaNkulunkulu lwesikhathi, kodwa siyatshelwa: “INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, . . . kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye.”—2 Petru 3:9.
Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalomhlaba omubi, noma isimiso sezinto. Lesizukulwane siye sabona ukugcwaliseka kwesiprofetho esikhulu sikaJesu ngokuqondene nokuba khona kwakhe nokuphela kwalesimiso sezinto: izimpi, ukuzamazama komhlaba, indlala, izifo, ukwanda kokungabi namthetho, nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:1-35; Luka 21:10, 11) Lokho kukhomba isikhathi sethu njengezinsuku zokugcina zalelizwe elibi.
Ngenxa yokuthi lezi izinsuku zokugcina, singathemba ukubona ngokushesha isiprofetho esikuZefaniya 3:8 sigcwaliseka: “Ngilindeleni, usho uJehova, kuze kube-lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.”
Ngokuqinisekile, lawomazwi ayisiqinisekiso sokuthi uJehova uNkulunkulu uyokuqeda ukusetshenziswa kabi kwamandla.