Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 9/1 k. 3
  • Ingabe Uhamba Ezinyathelweni ZoMsindisi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uhamba Ezinyathelweni ZoMsindisi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Qhubeka Uhamba Njengoba UJesu Kristu Ahamba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • ‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 9/1 k. 3

Ingabe Uhamba Ezinyathelweni ZoMsindisi?

ENYE inhlonipho enhle kakhulu ongayinikeza umuntu iwukumlingisa. Izingane ngokuvamile zilingisa abazali bazo. Intsha ingase ilingise abadlali abayizilomo, abadala balingise abaholi abavelele kwezamabhizinisi nakwezombangazwe. Kodwa bangaki abazama ukulingisa umholi omkhulu kunabo bonke emlandweni wesintu—uJesu Kristu?

Ukuhlola kwamuva okwenziwa inhlangano iGallup kwembula: “Abantu abayisishiyagalombili kwabayi-10 laseMelika bathi okungenani benza umzamo othile ukuze balandele isibonelo sikaJesu.” ‘Abangamaphesenti ayishumi nambili kuphela bathi benza umzamo omkhulu ngangokunokwenzeka.’

Nokho, yini eyenza uJesu afaneleke ngokwengeziwe ukuba alandelwe kunabanye abantu abanethonya? Phakathi kokunye, njengoba iThe World Book Encyclopedia yaphawula, uJesu Kristu “ngokunokwenzeka uye wathonya isintu ngaphezu kwanoma ubani omunye owake waphila.” Kodwa ngokungafani nabanye abantu abanethonya, uKristu akazange aholele amabutho enkundleni ukuze aguqule abantu ngokubaphoqelela. Akazange athembele ezinkulumweni eziyize njengoba kwenza abavangeli abaziwayo namuhla. Futhi akazange asekele noma iyiphi inhlangano yezombangazwe. Ithonya lakhe lalingenxa yamandla amsulwa esigijimi sakhe nendlela yakhe yokusikhuluma.—Mathewu 7:28, 29; Johane 7:46.

UJesu washukumisela abantu ekwenzeni izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo, ngokomoya nangokokuziphatha. Imuphi omunye umuntu onethonya oye wathonya abantu abaningi kangaka ngokunenzuzo ngalendlela? Futhi, imuphi omunye umholi ongumuntu ongachazwa ‘njengongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni’? (Heberu 7:26) Ngakho-ke isibonelo sikaJesu siphelele—ngokungafani nesanoma yimuphi omunye umuntu owake wahamba emhlabeni!

‘Nokho, umuntu obuthakathaka futhi ongaphelele angasilandela kanjani isibonelo esinjalo?’ kucabanga abanye. Isazi-mlando uH. G. Wells encwadini yakhe ethi The Outline of History uphawula ukuthi kusukela ekuqaleni abantu benqaba ukulandela uKristu. “Ngoba ukuthatha [uKristu] ngokungathi sína,” kusho uWells, “kwakuwukungenela ukuphila okungajwayelekile futhi okwethusayo, ukuyeka imikhuba, ukulawula imizwelo engokwemvelo nezisusa, ukulinga [ukuzama] injabulo engakholeki.” UWells uyaphetha: “Ingabe kuyamangalisa ukuthi kuze kube namuhla lomuntu waseGalile [uKristu] akanakungena ezinhliziyweni zethu ezincane?”

Kodwa ingabe lokho kuyiqiniso ngempela? Kuyiqiniso, akunakwenzeka ukulandela uKristu ngokuphelele. Nokho umphostoli uPetru wathi uKristu ‘wasishiyela isibonelo sokuba silandele ezinyathelweni zakhe [“ngokuseduze,” NW].’ (1 Petru 2:21) Phawula, akashongo ukuthi “ngokuphelele” kodwa wathi “ngokuseduze.” Khona-ke, luhlobo luni lwesibonelo uJesu asishiyela sona? Singasilingisa kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela