Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 14
  • Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • UJesu—Lokho Abantu Abakushoyo Ngaye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ingabe Uhamba Ezinyathelweni ZoMsindisi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ungubani UJesu Kristu?
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 14
UJesu wenza okuhle, uphulukisa umuntu

Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?

Impendulo YeBhayibheli

UJesu wayengeyena nje kuphela umuntu olungile. Wazibonakalisa enethonya kunabo bonke abantu emlandweni wesintu. Phawula ukuthi lezi zazi-mlando ezidumile nabalobi bathini ngaye:

“UJesu waseNazaretha . . . ungumuntu ovelele kunabo bonke emlandweni.”—UH. G. Wells, isazi-mlando esiyiNgisi.

“Ukuphila [kukaJesu] kunethonya kunanoma ikuphi okomunye kule mbulunga futhi imiphumela yethonya lako isaqhubeka yanda.”—UKenneth Scott Latourette, isazi-mlando nomlobi waseMelika.

IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani uJesu ayenethonya elikhulu kunanoma ubani omunye umuntu olungile owake waphila. Lapho ebuza abalandeli bakhe ayesondelene nabo ukuthi bacabanga ukuthi ungubani, omunye wabo waphendula ngokuqondile: “UnguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Mathewu 16:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela