Owayenesithembu Futhi Eyinyanga Uthola Iqiniso
INDODA eNsundu ethiwa uIsaac, kanye namanye amadoda ambalwa, yashiya iSonto Labaphostoli elisedolobhaneni lakubo ngenxa yokuthi lalingakwenzi lokho elikushumayelayo. Kamuva onke, kuhlanganise nomkawo, aba ngoFakazi BakaJehova—ngaphandle kukaIsaac. Anquma ukuba amvakashele futhi amtshele ukuthi ayeselitholile iqiniso. Ngalesosikhathi, uIsaac wayeyinyanga ephumelelayo futhi enabafazi abaningana. Ngemva kokufunda incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ekhuluma ngendlela yakhe yokuphila, uIsaac wayeka umkhuba wakhe wokuba inyanga owawumzuzisa kakhulu futhi washiya nabafazi bakhe ngaphandle komdala. Washada ngokomthetho nomfazi wakhe omdala, ngalesosikhathi owayeneminyaka engama-63 (yena enengama-68). Uthi uzizwa “ejabule kakhulu futhi ekhululekile, akasayesabi neze imimoya.”