Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 8/1 k. 9
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuziphatha Okuwohlokayo
  • Ukukhokhela Owonakalelwe
  • Ziyasebenza Naphezu Kokuvinjelwa
  • Owayenesithembu Futhi Eyinyanga Uthola Iqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukuzingelwa Kwabathakathi EYurophu
    I-Phaphama!—2014
  • Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Umbono Wakho Ngobulili—Wenza Mehluko Muni?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 8/1 k. 9

Ukuqondisisa Izindaba

Ukuziphatha Okuwohlokayo

Ukuziphatha kobulili nokonakala kuqhubeka kuwohloka kakhulu. Manje, “izazi zobulili” ezithile zithi abantwana abancane kumelwe bavunyelwe ukuba babe nobuhlobo bobulili, kuhlanganise nokuba nabo nabantu abadala. Omunye ogqugquzela lombono uthi: “Kumelwe babe nelungelo lokuveza imizwelo yabo ngobulili, okush’ ukuthi bangase babe nabo noma bangase bangabi nobuhlobo bobulili nabantu abadala kunabo.” Omunye uthi: “Sikholelwa ukuthi abantwana kumelwe baqale ubulili kwasekuzalweni. Kubangela izinkinga eziningi ukungajwayeli ubulili.”

Ekuphenduleni lokhu, umhleli uNancy Walker uthi le“zazi zobulili” kumelwe “okungenani zisho ukuthi luyini udaba lwangempela: ukuthi zifuna [ukuba nobulili] nabantwana.” Umagazini i“Time” wathi: “Imibono enjalo kusele kancane nje ibe ngeyenhlangano emelela ukuphathwa kabi kwabantwana.”

Esinye isizathu sokuba yonke imiphakathi yabantu abaphucukile ibe nemithetho emelene nobuhlobo bobulili nabantwana ukulimala emzimbeni nasengqondweni okungenziwa kubona. Isazi sezifo zengqondo yabantwana uLeon Eisenberg uthi: “Ukuziphatha kobulili kusengaphambili phakathi kwabantwana kulomphakathi cishe ngaso sonke isikhathi kuholela ebunzimeni obungokwengqondo ngoba uba nomntwana owenziswa into angayazi noma angakayilungeli ngokomzwelo.” USam Janus isazi sezokwelashwa ngemithi uthi abantu aboniwa besebancane “banomzwelo wokuphila futhi bangase babonakale bekahle, kodwa balimele. Ngibona labantu unyaka ngemva konyaka endaweni yokwelapha.” Futhi isazi sezifo zengqondo uEdward Ritvo uyaphetha: “Ubuhlobo bobulili bomntwana bufana nokudlala ngesibhamu esinezinhlamvu.”

UMdali wesintu ubheka bonke ubuhlobo bobulili obungaphandle komshado njengokwephulwa komthetho wakhe. IZwi lakhe ngokusobala lithi: “Ningadukiswa. Nazifebe, . . . naziphingi. . . nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Ngabantu abonakale ngokuziphatha iBhayibheli lithi: “Abenza okunjalo bafanele ukufa.”—Roma 1:32.

Ukukhokhela Owonakalelwe

Emazweni amaningana umqondo wokukhokhisa abantu abenza ubugebengu ihlawulo bekhokhela abonakalelwe esikhundleni sokuya ejele uyasekelwa. Ngokwesibonelo, eOntario, eKhanada, iVictim Offender Reconciliation Project esebenza ezindaweni ezihlukahlukene ehlangene nokunye ukubuyisana okubangelwa inkantolo kwaphumela ekutheni abephuli bomthetho abayizi-5 000 bakhokhele ababonele ingqikithi engaba yi-R3 400 000. Ezimweni ezithile ihlawulo okwavunyelwana ngalo phakathi kwesisulu nomuntu owonelwe sasiwukuba asebenze ukuze kulungiswe ukulimala okwenzekile.

Eminyakeni eyizinkulungwane ezithile edlule, esizweni sakwaIsrayeli wasendulo, umthetho kaNkulunkulu wawungawalungiseleli amajele. Abonile kwakufanele bakhokhele isisulu ihlawulo, ngezinye izikhathi ngokuphindwe kane noma kahlanu kuxhomeke ohlotsheni lwempahla elahlekile ehilelekile. (Eksodusi 22:1-15) Ubugebengu obukhulu kakhulu, njengokubulala babujeziswa ngokufa. (Eksodusi 21:12-17) Lapho nje isizwe sasilalela lemithetho enikezwe uNkulunkulu sasichuma. Kodwa lapho siyibekela eceleni, sonke isizwe sahlupheka njengoba ubugebengu nobudlova kwanda ngokushesha.

Ziyasebenza Naphezu Kokuvinjelwa

Nakuba kukhona ukuvinjelwa kwezinyanga emazweni athile aseAfrika, inani elikhulu labantu abagulayo baya kuzo ukuze belashwe kunokuba baye kodokotela. Kwelinye izwe eAfrika lapho izinyanga zivinyelwe khona, ngokwemibiko zimatasa kakhulu, kangangokuba ngisho nabadlali bebhola bayenqaba ukuyodlala kuze kube yilapho inyanga isiqalekise iqembu okuqhudelwana nalo. Odokotela bezokwelapha ababili bamaJalimane muva nje bavakashela lelizwe futhi bathwebula lomfanekiso wefilimu womsebenzi wokuhlinza ubuchopho owenziwa ngaphandle kokudambisa imizwa yesigulane.

Umfana omncane wayenobuhlungu obukhulu ngemva kokushaywa ekhanda okwabangela ukucindezeleka ebuchosheni. Wacindezelwa phansi amadoda amahlanu ngenkathi inyanga ichitha amahora ayisihlanu izama ukubhoboza ikhanda lakhe ngensinjana ebukhali. Kamuva, kwathelwa uwoyela phezu kwenxeba futhi ikhanda laboshwa ngebhandeshi. Ngokumangalisayo umfana wasukuma futhi waya ekhaya.

Kodwa izinyanga nabalumbi bawathola kuphi amandla abo? IBhayibheli ngokucacile libonisa ukuthi avela kumademoni, imimoya emibi, futhi, yingakho “noma ngubani oya kulabantu uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:9-12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela