Ukubikezelwa Kwenhlanhla—Kusesemfashinini
“OMUNYE angase acabange, kulolusuku lokukhanyiselwa nemfundo okugcwele yonke indawo, ukuthi kungaba okungadingekile ukuphikisa izinkolelo ezisekelwe emlingweni nasezinkolelweni eziyize.” Lokhu kwakuyingxenye yenkulumo eyasayinwa ososayensi abavelele abayi-186, kuhlanganise nabayi-18 abazuza umklomelo kaNobel. Babekhuluma ngani? Ngokufundwa kwezinkanyezi, uhlobo oluvamile lokubikezelwa kwenhlanhla kusetshenziswa izinkanyezi, lokho ngokusho kwabo, “okugcwele emphakathini wanamuhla.” Ingabe wena ngokwakho uyakholelwa kwezinye izinhlobo zokubikezelwa kwenhlanhla? Noma ingabe mhlawumbe uyangabaza, noma uze umelane ngisho nangokuqinile nako, njengososayeni abavelele? Umbono wakho ngalendaba ubalulekile. Ake sibone ukuthi kungani.
Lomkhuba ugcwele yonke indawo. Ngokomkhulumeli wenhlangano yababikezeli benhlanhla eParis, “[abantu] baseFrance abayizigidi ezine baya emimoyeni njalo ezinyangeni eziyisithupha.” EUnited States kunabafundi bezinkanyezi besikhashana abalinganiselwa ezi-175 000 nabayizi-10 000 besikhathi esigcwele. Baningi futhi eMbusweni waseBrithani lapho benezikole zabo siqu. Futhi umagazini waseFrance iÇa m’intéresse (Lokho Kuyathakazelisa) uyaphawula: “Yonke indawo, kuhlanganise nasemiphakathini ethuthuke kakhulu, sihlangana nezibalo ezifanayo. Abanemimoya bayachuma ekupheleni kwekhulu lethu leminyaka.”
Obani Abaya Kubo—Futhi Kungani?
Abanye bangacabanga ukuthi abantu abafunde kancane, nabasezingeni eliphansi kuphela abanesithakazelo ‘esayensini’ yobuthakathi, ukufundwa kwezinkanyezi kwayo ngokunokwenzeka okuyikho okugcwele yonke indawo kunakho konke. Kodwa uNkosikazi uSoleil, umfundi wezinkanyezi odumile waseFrance, uthi: “Bonke beza kimi, kungakha thaliseki ukuthi abenelisekile ngohulumeni ophethe noma abafuna uguquko, abezombangazwe bayo yonke imibono, namakhosi akwamanye amazwe. Ngifikelwa ngisho nangabapristi namakhomanisi.” Ngokuvumelana nalokhu, lapho owenza imilingo uFrédéric Dieudonné efa, isihloko esavela kuyiLe Figaro, iphephandaba laseFrance lansuku zonke, sathi waheha “abantu abaningi ababeza kuye abanesimo sabantu baseParis, abefundisi, izikhulu eziphakeme, ababhali nabadlali baseshashalazini.”
Abagembuli baya kwabafunda izinkanyezi ukuze bazi ukuthi bazobheja kanjani. Osomabhizinisi baya kubo ukuze bathole ukuthi bangayilondoloza kanjani imali yabo. Abafunda izinkanyezi bazimisele ngisho nokukutshela ukuthi ungaluthatha nini uhambo noma uphekeni. Futhi ukubikezelwa kwenhlanhla kuye kwangenela nakwezinye izindima. Emazweni ahlukahlukene iminyango yamaphoyisa iphendukela kubabikezeli ukuze ithole izigebengu noma abantu abalahlekile. Futhi ngokweyaseFrance ephuma masonto onke iLe Figaro Magazine, “eZempi zaseU.S. ziqasha abantu abangama-34 abanesipho sokubona ukuze banikeze ukwaziswa ngokwenzeka ezikhungweni ezifihlekile zempi eU.S.S.R.” Umagazini ofanayo ubika ukuthi oyilungu lenhlangano yaseU.S. uCharles Rose uthi abantu baseRashiya nabo baphendukela emandleni abantu abanemimoya.
Kungani ukufundwa kwezinkanyezi kusesemfashinini kangaka? Ingabe kuwukuzilibazisa okungenangozi? Ingabe kuyindlela engcono kakhulu yokuthola ukuthi ikusasa liphetheni—noma ingabe ikhona indlela engcono? Ake sibone ukuthi singazithola yini izimpendulo zalemibuzo ebalulekile.