Ikusasa Lakho—Indlela Engcono Kakhulu Yokufunda Ngalo
NGO-1962 abafundi bezinkanyezi baseNdiya babikezela inhlekelele yomhlaba wonke “ngenxa yokuhlangana okungavamile konozungezilanga abayisishiyagalombili esinqamwini somkhathi wezulu iCapricorn.” Nokho, akwenzekanga lutho. Muva nje, ekupheleni kuka-1980, abafundi bezinkanyezi abaningi baseFrance babenombono wokuthi umongameli waseFrance wangaleso sikhathi, uGiscard d’Estaing, wayezokhethwa futhi ngokwesibili. Kodwa ayephikisana naye, uFranc;ois Mitterrand, wathola ukhetho. Ukwehluleka okunjengalokhu kusikhumbuza ukuthi ukufundwa kwezinkanyezi akunikezi indlela eqinisekile yokwazi ikusasa.
Khona-ke, ingabe ikhona enye indlela? Ngokwesibonelo, ingabe iyokusiza yini imizamo yososayensi yokubikezela ikusasa? Nokho, nakhu ukubikezelwa okwenziwa iMcGraw Hill Institute (eUnited States) ngo-1970 ngalokho okwakuyokwenzeka ngo-1980: “Imilaliso yokunqoba umdlavuza, umkhumbimkhathi owenziwe ngabantu oya kuMars nakuVenus, indawo yokuhlala yasikhathi sonke enyangeni, izimoto ezihamba ngogesi, ukufakwa kwamacomputer asemakhaya, ithuba lokuzikhethela ubulili bomntwana wakho, namathelevishini namabhayisikobho aveza ubude, uhlonze nobubanzi bomfanekiso.”
Emuva ngo-1970 ososayensi balo mnyango bathi: “Lendlela [yokubikezela] ihlose ukufi-nyelela ukubikezela okunokwethenjelwa kombono onobunye weqembu lochwepheshe.” Kodwa lezibikezelo zochwepheshe ziye zabonakala zingelona iqiniso kulezindima nakwezinye eziningi, njengezombangazwe nezomnotho.
UMthombo Oqinisekile Wokwaziswa
Uma abafundi be zinkanyezi nososayensi bengenakubona kusengaphambili ngokuqiniseka okuzokwenzeka, ingabe lokho kusho ukuthi akunakwenzeka ukuthola ukwaziswa okunokwethenjelwa ngekusasa? Ngaphambi kokuba siphethe ngalokho, kumelwe sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba. Khumbula, uJehova, uMlobi weBhayibheli, uchazwa ‘njengomemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa.’—Isaya 46:10.
IZwi likaNkulunkulu liqukethe iziprofetho eziningi. Zihluke kanjani ezibikezelweni zabafundi bezinkanyezi? Nansi impendulo yencwadi enesihloko esithi The Great Ideas: “Kodwa ngokolwazi lwabantu abafayo ngezinto ezingakenzeki, abaprofethi abangamaHeberu babonakala behlukile. Ngokungafani nabaprofethi noma ababikezeli abangamaqaba, . . . akudingeki ukuba basebenzise izinto zobuciko noma amasu ukuze baqonde izimfihlo zaphezulu. . . . Ngokwengxenye enkulu izinkulumo zabo ezingokwesiprofetho, ngokungafani nalezo zababoni, zibonakala zicacile. Okungenani inhloso ibonakala iwukwembula, hhayi ukufihla, icebo likaNkulunkulu ezindabeni ezinjalo njengoba Yena ngokwaKhe efisa ukuba abantu babone kusengaphambili indlela yokuqondisa kwaphezulu.”
Ngokwesibonelo, ukwaziswa okuningi ngoJesu kwabhalwa eBhayibhelini emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kokuzalwa kwakhe. Kwaprofethwa ukuthi wayeyozalwa emzini waseBetlehema futhi emndenini wohlu lukaJese, uyise weNkosi uDavide. (Mika 5:2; Isaya 11:1, 10) ImiBhalo futhi yabikezela ukuthi wayeyobulawa esigxotsheni kodwa ukuthi kwakungayikwaphulwa nelilodwa lamathambo akhe, njengoba kwakuyisiko ngababebulewe kanjalo. Lemininingwane yabonakala iyiqiniso, futhi iyizibonelo ezimbalwa nje zalokho esinye isazi seBhayibheli esakulinganisela ekuthini kungaphezu kweziprofetho eziyi-120 ezagcwaliseka kuJesu.—IHubo 22:16, 17; 34:20.
Isiprofetho Esigcwaliseka Namuhla
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liqukethe iziprofetho ezibhekisela osukwini lwethu. Ake sicabangele esisodwa sezibaluleke kakhulu kulezi. Sichaza uchungechunge lwezehlakalo ezaziyophawula isikhathi esandulela eduze ukungenela koMbuso kaNkulunkulu ezindabeni zomhlaba. Lezizehlakalo zihlangani sa izimpi zezwe, ukuzamazama komhlaba, izifo, indlala, nokungabi-namthetho okwandayo. Ingabe ukudlanga kwalezizinto akuzange yini kube okuvelele ezindabeni zezwe phakathi nekhulu lethu lama-20?—Mathewu 24:3, 7-14; Luka 21:7, 10, 11; 2 Thimothewu 3:1-5.
UJesu wachaza ukuthi ukugcwaliseka kwaleziprofetho kwakuyobikezela ukufika koMbuso wakhe ngokuqinisekile njengoba ukuhluma kwemithi kubikezela ukufika kwentwasahlobo. Waze waqinisekisa ngokuthi kwakuyofuneka zigcwaliseke esizukulwaneni esisodwa nje kuphela. Zonke izici zesibonakaliso, kuhlanganise nemininingwane eshiwo ngenhla, ziye zagcwaliseka phambi kwamehlo ethu kusukela ngo-1914.a Khona-ke singaba nethemba eliphelele lokuthi uMbuso uzosebenza ngokushesha.—Luka 21:29-33.
Esinye isici sale sikhathi esaprofethwa ‘kwakuwusizi oluyakwehlela izizwe zixakeke.’ (Luka 21:25) Manje, kungani kunokuthatheka okungaka namuhla ngokufundwa kwezinkanyezi nezinye izinhlobo zobuthakathi? Iphephandaba laseFrance iLe Monde Dimanche liyaphendula: “Bebhekene nezikhathi ezinzima, akukho lapho abantu beyoma khona ukuze bathole ukuqiniswa. Isayensi yokuhlolwa kwezinto ezihlangene nobuthakathi inikeza induduzo enkulu ngomzamo omncane, futhi kulenkathi yezenzo zesayensi ezisabekayo njengezikhali zenuzi nokuhlangani swa kwezici zofuzo, abantu balingelwa ukuba babalekele kokungaziwa nokungaqondakali, bezama ukuthola kabusha injongo ekuphileni.” Ngakho akumelwe simangale ngesithakazelo esigcwele yonke indawo emikhubeni yobuthakathi, njengokufundwa kwezinkanyezi. Kungolunye lwezimpawu ‘zosizi’ abantu abanalo namuhla ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu.
‘Phakamisa Ikhanda Lakho’
Yini amaKristu okumelwe ayenze lapho ebona zonke lezizinto? Esabe, njengabantu abawazungezile? UJesu wanikeza iseluleko esilandelayo: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:28.
Ubungathanda yini ukwazi ikusasa lakho ngokwengeziwe? Khona-ke yiba nesikhathi sokuhlola iBhayibheli ngokujulile futhi ‘uhlole omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini.’ (1 Johane 4:1) Ungakwenza lokhu ngosizo lukamagazini INqabayokulinda, okhuluma njalo ngeziprofetho zeBhayibheli futhi uchaze ukusebenza kwazo osukwini lwethu. Khona-ke, njengoba uqiniseka ukuthi ukuphela kwezwe lamanje elinezinkinga kuseduze nawe futhi, uyokwazi ‘ukuphakamisa ikhanda lakho.’ Uyokwazi futhi okumelwe ukwenze ukuze ujabulele izibusiso zoMbuso wobuMesiya, lowo ngokushesha ozongenela ezindabeni zezwe ngokwenzuzo yabo bonke abantu abanezinhliziyo ezilungile.
[Umbhalo waphansi]
a Ngemininingwane eyengeziwe yokugcwaliseka kwalesiprofetho kusukela ngo-1914, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ekhishwe yiWatch Tower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 5]
“Isibonakaliso . . . Besesenzeka”
‘Yini engalungile ngokuya kumbikezeli wenhlanhla noma ngokufunda inkanyezi yakho ephephandabeni? Ingabe lokhu akukhona nje ukuzijabulisa okungenangozi?’
IBhayibheli aliyithathi kalula kanjalo indaba. Eqinisweni, liyasiqaphelisa ngokumelene nemimoya nababhuli. Encwadini kaDuteronomi, uJehova unikeza isixwayiso esilandelayo: “Uma . . . umprofethi noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: Masilandele abanye onkulunkulu . . . awuyikulalela amazwi alowomprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho.”—Duteronomi 13:1-3.
Phawula ukuthi imiBhalo ayilingabazi iqiniso lokuthi ezinye izibikezelo zemimoya nabafundi bezinkanyezi zingagcwaliseka. Kunalokho, iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi, uma lezizibikezelo zisekelwe emifanekisweni esezulwini noma kwezinye izindlela zokubhula, zivela emademonini, ziyakhohlisa, futhi zingadedisela abantu kude noNkulunkulu weqiniso.—Bheka IzEnzo 16:16-18.
Ukubhekisela ukunakekela kubafundi bezinkanyezi noma abanye abathi babikezela ikusasa kuwukuzifaka engozini yokuzibangela izinkinga ezingokomoya ezingathi sína futhi sigcine siyizigqila ‘zawomoya bobubi emkhathini.’ (Efesu 6:12) Ngakho-ke, ukuya kubantu abanjalo uNkulunkulu ukubheka njengesono esingathi sína; labo abenza izinto ezinjalo bayanengeka emehlweni akhe futhi abayikulidla ifa loMbuso wakhe.—IsAmbulo 22:15.
Khona-ke kungokwenzuzo yethu siqu ukuthi iBhayibheli lisiqaphelisa ngokumelene nokufundwa kwezinkanyezi nazo zonke izinhlobo zokubhula.
[Ibhokisi ekhasini 6]
IBHAYIBHELI LABIKEZELA KUSENGAPHAMBILI UKUTHI:
◆ UJesu wayeyozalelwa eBetlehema.—Mika 5:2
◆ Wayeyozalwa emndenini kajese, uyise weNkosi uDavide.—Isaya 11:1, 10
◆ Wayeyobulawa esigxotsheni.—IHubo 22:16, 17
◆ Kwakungayikwaphulwa nelilodwa lamathambo akhe.—IHubo 34:20