Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe kufanelekile ngomKristu ukuvumela ukuba kuhlolwe isidumbu sesihlobo?
IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokuhlolwa kwesidumbu, kodwa kunamaphuzu angokweBhayibheli ahambisana nendaba umKristu angawacabangela. Khona-ke isinqumo somuntu siqu singenziwa ngokucabangela leyomibhalo kanye nemininingwane yesimo.
Ukuhlolwa kwesidumbu kuwukuhlinzwa kwaso okwenzelwa ukuthola imbangela yokufa, Kunganikeza futhi ukwaziswa ngemiphumela noma ukuwohloza kwesifo. Umbono wezinye izinkolo ngokuhlolwa kwezidumbu uye wabangelwa izimfundiso ezingezona ezingokombhalo. Ngokwesibonelo, iencyclopedia yamaKatolika ithi: “Umzimba womuntu ofile kumelwe uphathwe ngobungcwele njengekhaya lomphefumulo wakhe lesikhathi esidlule, . . . Umiselwe ukuvuka nomphefumulo wawo, phakathi nenkathi yovuko lukawonk’ uwonke, uvukele ekuphileni okuphakade . . . Kungase kube nesikhawu phakathi kokufa okushiwo udokotela nokuhamba komphefumulo.” Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi lapho umuntu (umphefumulo ophilayo) efa, uba umphefumulo ofile. (Genesise 2:7; 7:21-23; Levitikusi 21:1, 11) Kuthiwani ngomzimba wakhe? Ngokuqondene ‘namadodana abantu’ “nezilwane,” siyafunda: “Konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.” (UmShumayeli 3:18-20) Ovukweni, uNkulunkulu ngeke avuse umzimba osukade waba uthuli, kodwa uyolungiselela umzimba njengokubona kwakhe.—Bheka eyoku-1 Korinte 15:38, 47, 48.
Esinye isici sombono weBhayibheli ngabafileyo singacatshangelwa ngokuqondene nokuhlolwa kwesidumbu. UNkulunkulu wayala uIsrayeli: “Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova,” (Levitikusi 19:28; Duteronomi 14:1, 2; Jeremiya 47:5; Mika 5:1) Yebo, abantu bakaNkulunkulu babengenakulingisa izizwe ezazibazungezile ekonakaliseni inyama yabo njengesibonakaliso sokudabuka ngenxa yofileyo noma ngenxa yokunye ukucabanga okungokwenkolo. Lomyalo kumelwe futhi ukuba wakhuthaza amaisrayeli ukuba abonise inhlonipho ngemizImba yawo njengendalo kaNkulunkulu.—IHubo 100:3; 139:14; Jobe 10:8.
AmaKristu ngokufanayo kumelwe abe nenhlonipho efanayo ngokuphila nangemizimba yawo, ayinikezele kuNkulunkulu. (Roma 12:1) Abanye baye baphetha ngokuthi lombono wenhlonipho ngomzimba kumelwe ulolonge ukucabanga kwabo ngokuhlolwa kwezidumbu. Banomuzwa wokuthi ngaphandle kokuba kube nesizathu esiphoqelelayo, bebengathanda ukuba umzimba wesihlobo sabo esithandekayo ungahlolwa ngemva kokufa. Kungenzeka bayazi ukuthi kwezinye izindawo igazi elithathwe kwezinye izidumbu liye lampontshelwa noma lasetshenziswa ngezinye iZinjongo, okuyinto abebengenakuyi funa.a
Kungani-ke, amanye amaKristu eye avumela ukuhlolwa kwezidumbu? Ayaqaphela ukuthi iBhayibheli alisho lutho ngokuqondile ngalenqubo yokwelapha. Kungenzeka futhi aye aphawula ukuthi amaisrayeli eGibithe avumela odokotela baseGibithe ukuba bagqumise ngemithi ujakobe noJosefa, okungenzeka ukuthi kwahiIela izinyathelo zokuhlinza ukuze kukhishwe izitho zangaphakathi. (Genesise 50:2, 3, 26) Ezimweni ezithile namuhla, umthetho wezwe udinga ukuba isidumbu sihlolwe. Ngokwesibonelo, uma umuntu omusha, onempilo enhle efa ngaphandle kwesizathu esisobala, ukuhlolwa kwesidumbu kungaba okudingeka nakanjani. Ngokusobala, lapho umthetho ufuna ukuba kuhlolwe isidumbu, amaKristu akhumbula iseluleko ‘sokuzithoba kubabusi.’—Roma 13:1, 7; Mathewu 22:21.
Ngisho nasendabeni yomuntu obekade engaphansi kokunakekela kukadokotela, futhi ngaleyondlela lokho okungenzeka ukuthi kuyimbangela yokufa kwaziwa, ukuhlolwa kwesidumbu kunganikeza ukwaziswa okuwusizo, Abantwana abasele bangase bathande ukwazi okuyiyona mbangela ukuze bandise ukwaziswa ngomlando wokwelashwa komkhaya. Ukwaziswa okunjalo kungathinta indlela yabo yokuphila noma yokwelapha yekusasa labo siqu, Futhi, kunezinye izizathu ezenza abanye bakwamukele ukuhlolwa kwesidumbu. Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu oqinisekiswa ngokuhlolwa kwamatissue ungenza umkhaya ufanelekele izinzuzo zabasele, njengokunikeza ubufakazi besifo sephaphu elishile okuhlangene nokumbiwa kwamalahle. Abanye baze babe nomuzwa wokuthi ukuhlolwa kwesidumbu kungandisa ukuthula kwengqondo yabo ngokubasiza baqonde lokho okwabangela nokungabangelanga ukufa kothandekayo. Abantu abangaphandle komkhaya nabo bangahileleka. Izihlobo zingaba nomuzwa oqotho wokuthi ukuvumela ukuhlolwa kwesidumbu kungasiza udokotela aqonde imbangela yesifo, futhi kanjalo angase ahlonyiselwe kangcono ukwelapha abanye.
Ngokomphumela, kufanelekile ngamaKristu ukuba abonise inhlonipho ngemizimba yawo, kodwa kunezinye izici angazicabangela ekunqumeni ukuthi ayakuvumela yini ukuhlolwa kwesidumbu esimweni esithile.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuqondene nendlela okungasetshenziswa ngayo izitho zomzimba womuntu ngezinjongo zokuzidlulisela kwabanye, bheka INqabayokulinda kaNovember 1, 1980, ikhasi 30.