“Ukuthembela KuJehova” Umhlangano Wesigodi—Ungaphuthelwa!
Izinsuku ezintathu ezigcwele, ezivuzayo zemfundo yeBhayibheli nokuhlangana okuhle kwamaKristu kukulindele eMhlanganweni Wesigodi woFakazi BakaJehova “Wokuthembela KuJehova.” Phakathi noDecember 1987 noJanuary, 1988, kuhlelwe imihlangano engaphezu kweyi-15 kulo lonke elaseNingizimu Afrika lilodwa, ngakho kukhona oyoba seduze nekhaya lakho. Hlela ukuba khona kusukela engxenyeni yokuvula eyoqala ngo–10:20 ekuseni ngoLwesihlanu, futhi uhlale kuze kube ingxenye yokuphetha ngeSonto ntambama.
Ingxenye yokuvula iyoqokomisa inkulumo efundisayo enesihloko esithi “Abantu Abahlukanisiwe Nezwe.” Ntambama, kuyonikezwa iseluleko esiqotho nesiqondile esiqondiswe kubazali nasentsheni. Intsha iyosizwa ukuba iqaphele ukuba ingaphili lokho okungabizwa ngokuthi “ukuphila okumbaxambili.” Kamuva lendaba iyoqokonyiswa edrameni yesimanje eshukumisa inhliziyo.
NgoMgqibelo ekuseni kuyoba nenkulumo yokuzinikezela nobhapathizo, kanye nesiyalo ngezindlela esingabonisa ngazo ukuthembela kwethu kuJehova, ngokuvumelana nesihloko somhlangano. Inkulumo ethi “Ukuzala Okunomthwalo Wemfanelo Kulesikhathi Sokuphela” iyoba ngeyinhloko esimisweni santambama, esiyophetha ngochungechunge lwezinkulumo ngesihloko esithi “IZwi LikaNkulunkulu Liyaphila.”
Isimiso sangeSonto siyoqokomisa inkulumo ethi “Zonda Ngokuphelele Indlela Yezwe Eyihlazo,” nedrama yeBhayibheli egqokelwe ngokuphelele ebonisa ukuphuthuma kwezikhathi zethu. Ntambama, inkulumo yeningi enesihloko esithi “Ezikhathini Zethu Ezisabisayo, Ubani Ongamethemba Ngempela?” iyoba enye yezinkulumo ezivelele zomhlangano.
Buza koFakazi BakaJehova endaweni yakini isikhathi nendawo yomhlangano oseduze nawe.