Omncane Udumisa UJehova
AMATHUBA amaningi oku fakaza abavulekele abancane uma benesifiso esinamandla sokukhonza uJehova. Lokhu kwabonakala kokuhlangenwe nakho komfana oneminyaka eyisihlanu wasentshonalanga yeKenya.—UmShumayeli 12:1.
Unina wambuza: “Ufuna ukuba yini uma usukhulile?” Umfana wayephawule iphayona elikhethekile ebandleni futhi waphendula: “Ngifuna ukuba yiphayona elikhethekile njengoMzalwan’ uF——.” Unina waphendula: “Kodwa lokhu akunakwenzeka; ngeke ube ngisho nayiphayona elivamile ngoba awu naso isifundo seBhayibheli.” Umfana wabuza: “Yini-ke engingayenza?” Unina wasikisela ukuba azame ukufundisa abangane bakhe ngencwadi yakhe ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.
Umfana oneminyaka eyisihlanu wathatha incwadi yakhe ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli futhi wayobiza abangane bakhe, ebamema ukuba bafunde iBhayibheli naye. Waba yini umphumela?
Wakha iqembu labayishumi elalifunda naye. Wasebenzisa kahle imifanekiso, waphakamisa imibuzo eminingi ephenyayo, futhi wabuza imibuzo yokubukeza ekupheleni kwesifundo. Uma bengakhumbUli wayeyiphinda indaba. Umama wachaza ukuthi kwakuyinjabulo ngempela ukubona zonke lezingane zihlezi phambi kwendlu yakhe zifunda ndawonye! Indodana yakhe eneminyaka eyisihlanu yayibuza imibuzo, futhi bonke bephakamisa izandla ukuze baphendule.
Kwaba yinjabulo eyengeziwe futhi kumama, kanye nasebandleni, ukubona abayisishiyagalombili kulezingane beba khona emihlanganweni yebandla. Abanye ababili babeseba ncane kakhulu. Konke lokhu kwenzeka ngoba umfana oneminyaka eyisihlanu wafuna ukudumisa uJehova nokusiza abanye.