Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Oneminyaka Emihlanu Ubudala Uvusa Isithakazelo
PHAKATHI koFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-40 000 eVenezuela kukhona umfanyana oneminyaka emihlanu owaba nokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Wayezilalele kahle izinkulumo zeningi ezazisekelwe encwadini ethi Life—How Did It Get Here?—By Evolution or by Creation? nokuyifunda komkhaya kwakamuva lencwadi. Ngakho, lona oneminyaka emihlanu, owayevela emkhayeni ozinakekelayo izinto ezingokwasezulwini, wayeqonda ukuthi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ithi umuntu wavela “esojeni.” Enye ingxenye kulencwadi ikhuluma ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo yokuthi ukuphila kwavela kokuthile okuthiwa iorganic soup.
Iminyaka engu-14, umkhaya ongumakhelwane (indoda, inkosikazi, amadodana amabili evile eshumini elinambili, nendodakazi eneminyaka eyisikhombisa ubudala) wawungasinaki isicelo somkhaya ongoFakazi sokuba uhlole iBhayibheli nesimemo sawo sokuba uye eHholo LoMbuso.
Ngolunye usuku lapho lenkosikazi enguFakazi igeza izitsha, yezwa ingxoxo ethakazelisayo phakathi kwendodana yayo kanye nentombazanyana yakwamakhelwane, eduze nothango. Lomfanyana wathi: “Uyazi! Abantu bezwe bathi umuntu wavela esojeni!” Intombazanyana yaphendula, njengoba yayihlale yenza: “Uphile kahle?” Umfanyana waphendula: “Yebo, ngiphile kahle. Abantu bezwe bathi umuntu wavela esojeni; kodwa uJehova owenza umuntu.” Umfanyana wawuhleka lombono, ecabanga ukuthi kwakuyisobho elivamile elidliwayo, ayengalithandi. Khona-ke waqhubeka wathi kulentombazanyana: “Ubaba wami kufanele anikeze ubaba wakho incwadi ethi Creation ukuze abone ukuthi uNkulunkulu owadala umuntu.” Nokho, lentombazanyana yathi bangamaKatolika, futhi lokho kwayinqamula ingxoxo.
Lapho umyeni walodade, ongumdala, efika ekhaya evela emsebenzini, lodade wamlandisa lengxoxo ayizwile. Nakuba lesenzakalo phakathi kwalabantwana sabahlekisa, umzalwane wacabanga ukuthi mhlawumbe uJehova wayefuna ukuba aphinde ashumayeze lomakhelwane wakhe. Ngakho ezinsukwini ezimbalwa kamuva, waya kumakhelwane wakhe wamlandisa ngengxoxo yabantwana babo. Wathi egameni lendodana yakhe, wayefuna ukumnikeza incwadi ethi Creation. UFakazi watusa umakhelwane wakhe ukuba ayifunde ngomqondo ongabandlululi, njengoba yayizobonisa imvelaphi yokuphila.
Okwamangaza umzalwane, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, lombhangqwana, owawungalinaki iqiniso isikhathi eside, weza ekhaya lalomzalwane wazwakalisa ukuzisola ngesimo sengqondo owawunaso eminyakeni eminingi. Wathi wamangala ngezinga elimangalisayo lalencwadi ethi Creation.
Umphumela waba ukuthi isifundo seBhayibheli siqaliswe nalomkhaya. Baqala ukuba khona njalo emihlanganweni futhi ngokushesha baba abamemezeli bezindaba ezinhle. Indoda, inkosikazi, namadodana amabili aseve eshumini elinambili babhapathizwa emhlanganweni wesigodi, nentombazanyana ingummemezeli woMbuso. Inkosikazi yaqalisa inkonzo yobuphayona obusizayo basikhathi sonke ngokushesha ngemva kokuba ibhapathiziwe.
UJesu Kristu uyabazi labo abanezinhliziyo ezinhle, futhi angakwazi futhi uyabasebenzisa ngisho nabancane ukuba bafinyelele izinhliziyo ezinhle ezinjalo.—Johane 10:14.