Ukufuna Abangane Beqiniso
INSIZWA yayilimele kabi engozini yesithuthuthu. Amasonto amaningi yayingakwazi ukukhuluma khona-ke yayisiqala ukululama kancane kancane. Yathi: “Ukuba nganginabangane abahle abaningi ngangabantu engijwayelene nabo ngangiyolulama ngokushesha kakhulu.” ‘Abangane abaningi enganginabo ngaphambi kokuba ngilimale baye bangishiya. Kodwa abangane abahle bangelapha kakhulu.’
Lesimo siyisibonelo sezwe lanamuhla elingenabungane. Labo okuthiwa abangane bangaba baningi lapho konke kuhamba kahle. Kodwa lapho kuvela amashwa, bayanyamalala. Ngokuvamile kunzima ukuthola abangane beqiniso.
Nokho, ukuba nomngane weqiniso oyedwa nje noma ababili, abafudumele kwenza umehluko omkhulu ekuphileni. Izazi ngale ndaba zithi: “Ukulangazelela ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu kuyisihloko esikhulu sezikhathi zethu.” Futhi njengoba isisho sakudala sikubeka: ‘Ubucwibi obuhle buhamba ngabubili.’
Esikhathini esidlule, abantu babekhathalela abanye kakhulu futhi bezimisele ukusiza abangane babo nomakhelwane. Kodwa inkathi yenguquko yeMpi Yezwe I yaletha ukuwohloka kobuhlobo babantu. Isimo sokungabongi, sokungabi nandaba, sobumina manje siyindinganiso evamile.
Lesimo esidabukisayo sabikezelwa emakhulwini ayi-19 eminyaka edlule ngalamazwi: “Ngezinsuku zokugcina kuzokuba nzima kakhulu ukuba wumKristu. Ngoba abantu bazokuzithanda bona kuphela nemali yabo; bazokuba ngabaqhoshayo nabazidlayo, abaklolodela uNkulunkulu, abangalaleli abazali babo, bengababongi, futhi ababi kakhulu. Bazokuba namakhanda alukhuni futhi bangazithobi kwabanye; bazoba abaqambimanga njalo nabacuphi bochuku bangacabangi lutho ngokuziphatha okuhle. Bayoba nobudlova nonya, futhi baklolodele labo abazama ukwenza okuhle. Bazokhaphela abangane babo.”—2 Thimothewu 3:1-4, The Living Bible.
Yeka umbono ongenathemba nokho oqondile wezwe namuhla! Futhi ngokusobala awusinikithemba lokuthola abangane beqiniso. Nokho, ngisho kwamanje bangatholakala abangane beqiniso. Futhi yeka indlela abayigugu ngayo! Ngaso sonke isikhathi ungaphendukela kubo ngosizo, iseluleko, induduzo, nobungane obufudumele. Kodwa kubalulekile ukuhlukanisa phakathi kwabangane beqiniso nabamanga.
Akubona Bonke “Abangane” Abangabangane Beqiniso
Insizwa eyalimala engozini okukhulunywe ngayo ekuqaleni yayiyilungu leqembu lebhola likanobhutshuzwayo futhi ‘yayinabangane’ abaningi. Amalungu amaqembu noma ezinhlangano ezincane ngokuvamile akha ubuhlobo obuhle. Kodwa “ubungane” obunjalo abunakuba obuhlala njalo. Futhi ukuba ‘nabangane’ abaningi futhi bakuhlamuke bonke kudumaza kakhulu, njengoba lensizwa yathola. Ukuthola abantu ojwayelene nabo kulula; ukuthola abangane beqiniso akulula.
Abantu abacebile noma labo abasezikhundleni eziphakeme bangathola “abangane” abaningi kalula. Njengoba iBhayibheli lisho: “Ocebileyo unabaningi abamthandayo.” “Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.” (IzAga 14:20; 19:6) Kodwa bangaki kubo abanezisusa ezinhle? Futhi uma abantu abanabangane abaningi bephelelwa yingcebo noma isikhundla, ngokushesha bangaphelelwa abangane ngokuphelele.
Futhi abantu abahle ngokomzimba ngokuvamile ‘banabangane’ abaningi—abaningi babo bathonywa yizici ezingokomzimba. Kodwa “ubungane” obunjalo bungalimaza kakhulu futhi ngesikhathi sosizi olunzima bunganyamalala njengenkungu. Ngakho kunesidingo sangempela sokuba . . .
Ube Ngokhethayo
Yebo, kuwukuhlakanipha ukubakhetha abangane. Abangane bamanga ngokuvamile bangabakhohlisi abakhulu abafuna ukwenzelwa umusa ngokungathi banezisusa ezinhle. “Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.”—IzAga 29:5.
Ngakho-ke, cabangisisa ngabangane bakho manje. Ingabe bakuthonyela kokuhle noma kokubi? Ingabe banobugovu, bashiqela imibono yabo, noma bayazazisa? Ingabe banamawala futhi bayakuthokozela ukuzifaka ezingozini? Siyini isimo sabo ngakulabo bobulili obuhlukile? Ingabe babaphatha ngokufanele futhi bayabahlonipha noma babajwayela ngokweqile, mhlawumbe baziphethe kabi ngempela? Ingabe abangane bakho baye babonakala bengabantu abangathembekile, abangenakwethenjelwa? Ingabe basebenzisa imilaliso? Bayadakwa? Uma kunjalo, usengozini. Ungase uthembeke, uhlanzeke, uzithobe, kodwa khumbula: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.
Ingozi enkulu ekubeni nabangane ababi iwukuthi uzobalingisa. Kancane kancane, mhlawumbe ungaqondile, bazokuthelela ngezindlela zabo nezimo. Njengoba iBhayibheli lisho: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20.
Kulula ukuthatha isinyathelo esiyiphutha ekutholeni abangane. Kodwa ungadumali. Kusenezinkulungwane zabantu abakahle, abanobungane emhlabeni. Ngakho ungabathola kanjani abangane beqiniso abanjalo?
[Isithombe ekhasini 4]
Abangane bakho bangakuthonya ngokunamandla