Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 12/1 kk. 8-9
  • Izinkwa Nemvubelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinkwa Nemvubelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkwa Nemvubelo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wandisa Izinkwa, Axwayise Nangemvubelo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Wondla Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Usuthisa Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 12/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Izinkwa Nemvubelo

IZIXUKU ezinkulu ziye zathutheleka kuJesu eDekapholi. Abaningi bahambe indlela ende beza kulesifunda esihlalwa ikakhulukazi abezizwe ukuba bazomlalela futhi baphulukiswe ebuthakathakeni babo. Baphathe obhasikidi abakhulu, labo ngokuvamile ababasebenzisela ukuphatha imiphako lapho behamba ezindaweni zabezizwe.

Nokho, ekugcineni, uJesu ubiza abafundi bakhe athi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”

Abafundi bayabuza: “Umuntu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”

UJesu uyabuza: “Ninezinkwa ezingaki na?”

Bayaphendula: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”

Eyala abantu ukuba bahlale phansi, uJesu uthatha izinkwa nezinhlanzi, uthandaza kuNkulunkulu, uyazihlephula, futhi uqala ukuzinikeza abafundi bakhe. Bona, bazinika abantu, bonke badla basuthe. Emva kwalokho, lapho kuqoqwa imvuthuluka, igcwala obhasikidi abayisikhombisa bomphako, ngisho nakuba kuye kwadla amadoda acishe abe izi-4 000, nabesifazane nabantwana!

UJesu umukisa izixuku, ungena emkhunjini nabafundi bakhe, futhi uwelela ogwini olungasentshonalanga yoLwandle lwaseGalile. Lapha abaFarisi, ngalesikhathi abahambisana namalungu ehlelo lenkolo yabaSadusi, bazama ukulinga uJesu ngokumcela ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini.

Eqaphela imizamo yabo yokumlinga, uJesu uyaphendula: “Kusihlwa nithi: Loba lisile, lokhu izulu libhejile; kuthi kusasa nithi: Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?”

Ngalokho, uJesu ubabiza ngokuthi babi futhi bayaphinga futhi ubaxwayisa ngokuthi, njengoba atshela abaFarisi ngaphambili, abazukunikwa sibonakaliso ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona. Ehamba, yena nabafundi bakhe bangena emkhunjini futhi baya ngaseBethsayida ogwini olungasenyakatho-mpumalanga yoLwandle lwaseGalile. Endleleni abafundi bathola ukuthi bakhohlwe ukuphatha izinkwa, banesinkwa esisodwa kuphela.

Ekhumbula ukuhlangana kwakhe nabaFarisi nabasekeli abangabaSadusi bakaHerode, uJesu uyabayala: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.” Njengoba abafundi bekholelwa ukuthi uJesu ubhekisele ekukhohlweni kwabo ukuphatha izinkwa, ngokusobala imvubelo isikisela ezingqondweni zabo umqondo wesinkwa, baqala ukuphikisana ngendaba. Ephawula ukungezwani kwabo, uJesu uthi: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na?”

Muva nje, uJesu ngokuyisimangaliso unikeze izinkulungwane zabantu izinkwa, enza lesimangaliso sokugcina mhlawumbe usuku olulodwa noma ezimbili ngaphambili. Kufanele bazi ukuthi akakhathazekile ngokungabikho kwezinkwa ezingokoqobo. Uyabakhumbuza “Anikhumbuli yini mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?”

“Ishumi nambili,” bayaphendula.

“Mhla ziyisikhombisa kwabayizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?”

“Isikhombisa,” bayaphendula.

UJesu uyabuza: “Anikaqondi na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”

Ekugcineni abafundi bayalithola iphuzu. Imvubelo, okuthile kokubilisa nokokukhukhumalisa isinkwa, kwakuyigama elalivame ukusetshenziselwa ukubonisa ukonakala. Ngakho manje abafundi bayaqonda ukuthi uJesu usebenzisa isifanekiso, ukuthi ubaxwayisa ukuba baqaphele “isifundiso sabaFarisi nabaSadusi,” isifundiso esonakalisayo. Marku 8:1-21; Mathewu 15:32–16:12.

◆ Kungani abantu bephethe obhasikidi abakhulu bomphako?

◆ Emva kokuhamba eDekapholi, yiluphi uhambo lomkhumbi uJesu aluthathayo?

◆ Yikuphi ukungezwani abafundi ababa nakho mayelana nenkulumo kaJesu ngemvubelo?

◆ Wayesho ukuthini uJesu “ngemvubelo yabaFarisi nabaSadusi”?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela