Isahluko 52
UJesu Usuthisa Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
ABAPHOSTOLI abangu-12 baye bajabulela uhambo oluphawulekayo lokushumayela kulo lonke elaseGalile. Manje, ngokushesha ngemva kokubulawa kukaJohane, babuyela kuJesu futhi balandisa okuhlangenwe nakho kwabo okumangalisayo. Ebona ukuthi bakhathele nokuthi kufika futhi kuhambe abantu abaningi kangangokuthi abanaso ngisho nesikhathi sokudla, uJesu uthi: ‘Masiye thina sodwa endaweni eyihlane lapho ningaphumula khona.’
Begibela isikebhe sabo, cishe ngaseKapernawume, baqonda endaweni eyihlane, ngokusobala empumalanga yeJordani ngalé kweBetsayida. Nokho, abantu abaningi bayababona behamba, futhi abanye bayezwa ngakho. Bonke laba babagijimela ngaphambili ngasogwini, futhi lapho isikebhe sifika, abantu sebekhona bazobahlangabeza.
Ehla esikebheni futhi ebona isixuku esikhulu, uJesu ushukunyiswa yisihe ngoba labantu banjengezimvu ezingenamalusi. Ngakho uphulukisa abagulayo babo futhi uqala ukubafundisa izinto eziningi.
Isikhathi sidlula ngokushesha, futhi abafundi bakaJesu beza kuye bathi: “Lendawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
Nokho, ephendula uJesu uthi: “Bapheni nina ukudla.” Khona-ke, njengoba kakade uJesu azi ukuthi yini azoyenza, uvivinya uFiliphu ngokumbuza: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?”
Ngokombono kaFiliphu lesimo asinalo ikhambi. Phela, cishe kunamadoda angu-5 000, futhi cishe abantu abangaphezu kuka-10 000 uma kubalwa nabesifazane nabantwana! UFiliphu usabela ngokuthi “izinkwa zawodenariyu [ngalesosikhathi udenariyu kwakuwumholo wosuku] abangamakhulu amabili zingebanele, kube-yilowo nalowo athole ingcosana.”
Mhlawumbe ukuze abonise ukuthi akunakwenzeka ukondla abantu abaningi kangaka, uAndreya uyaphawula: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili,” enezela, “kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”
Njengoba kusentwasahlobo, ngaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E., kunotshani obuningi obuluhlaza. Ngakho uJesu uyala abafundi bakhe ukuba batshele abantu ukuba bahlale otshanini ngamaqembu abangu-50 nabangu-100. Uthatha lezozinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, abheke ezulwini, abese ebusisa. Khona-ke uqala ukuhlephula izinkwa nokwahlukanisa izinhlanzi. Ukunikeza abafundi bakhe, bona bakwabele abantu. Ngokumangalisayo, abantu badla baze basuthe!
Kamuva uJesu utshela abafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki-lutho.” Lapho bebutha, bagcwalisa obhaskidi abangu-12 ngemvuthuluka yalokho abakudlile! Mathewu 14:13-21; Marku 6:30-44; Luka 9:10-17; Johane 6:1-13.
▪ Kungani uJesu efunela abaphostoli bakhe indawo engasese?
▪ UJesu ubayisaphi abafundi bakhe, futhi kungani isidingo sabo sokuphumula singagcwaliseki?
▪ Lapho selishona, yini abafundi abayicelayo, kodwa uJesu ubanakekela kanjani abantu?