Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Lama-83 LaseGileyadi Umkhosi Ojabulisayo Ngempela
“BONGANI uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.” (IHubo 136:1) Lowo kwakuwumuzwa oqotho wabayizi-4 391 ababekhona esimisweni sokuthweswa iziqu kwekilasi lama-83 leWatchtower Bible School of Gilead kulekwindla. Izinkulumo, okuhlangenwe nakho, nedrama yeBhayibheli okwanikezwa phakathi nesimiso kwabangela ukuba bonke bahambe bevutha emoyeni. Ukuthweswa iziqu kwenzeka ngoSeptember 6, 1987, eHholo LoMhlangano elihle eliseDolobheni laseJersey, ngaphambili elalaziwa ngokuthi iStanley Theater.
Ngemva kwengoma yokuvula, nomthandazo ngoJohn Booth weNdikimba Ebusayo, usihlalo, uAlbert Schroeder, elinye ilungu leNdikimba Ebusayo, wemukela bonke kulesisenzakalo esijabulisayo. Abafundi abangama-24 babevela emazweni ayisihlanu, futhi manje babethunyelwa emazweni ahlukahlukene ayisishiyagalombili. UMzalwan’ uSchroeder waqokomisa ukuqiniseka abantu bakaJehova abanakho ngenxa yokuthi ukholo lwabo lusekelwe ezintweni ezingangatshazwa. Ngokwesibonelo, bayazi ukuthi uJehova unguMbusi weNdawo Yonke nokuthi iZwi lakhe, iBhayibheli eliNgcwele, liyiqiniso ngokuphelele. Lokhu kwehluke ngokuphelele kufilosofi yabantu esekelwe ezintweni okungaqinisekwa ngazo nezicatshangelwayo.
Isikhulumi sokuqala kwakunguMartin Poetzinger, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo, owaqeda iminyaka eyisishiyagalolunye esemakamu okuhlushwa amaNazi. Isihloko sakhe sasithi, “Uthembele Kubani?” esasisekelwe kuzAga 3:5, 6. Wagcizelela kubafundi isidingo sokuthembela ngokuphelele kuJehova nasenhlanganweni yakhe ebonakalayo, nokubonakalisa ukwethembeka ngokomuntu siqu. Ukuqeqeshwa kwabafundi kwaseGileyadi kwakumane nje kuyisisekelo; manje kwakumelwe bakhele kukho ngokulandela iseluleko sikaPawulu esikwabase-Efesu 5:15, 16. ‘Ningami ndawonye,’ kunxusa isikhulumi. ‘Niyoba nazo izinkinga zenu esabelweni senu sezithunywa zevangeli ngokuphathelene nolimi, isimo sezulu, ukudla, nokunye; kodwa ngokuthembela kuJehova, ningazixazulula zonke lezozinkinga. Uthando ngabantu luyisihluthulelo senu sokuphumelela. Konke ukukhuthaza kuvela kuNkulunkulu; konke ukudumaza kuvela kuSathane.’
Isikhulumi esilandelayo kwakunguEldor Timm, ilungu leKomiti yoMnyango Wezokunyathelisa, owasekela ukukhulumela kwakhe kweyesi-2 Korinte 13:5: “Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini.” Wathi, abafundi base beziphothulile izivivinyo ezilotshwayo, kodwa bayoqhubeka bebhekana nolunye uvivinyo oluhlukahlukene ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli. Indlela ababhekana ngayo nalolovivinyo iyonquma ukuphumelela kwabo njengezithunywa zevangeli. Kumelwe baqaphe ukuzethemba ngokweqile ngokulalela lesiseluleko: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:12) Bayoqhubeka benza ubungcono uma belondoloza isimo esihle sengqondo.
Kwalandela ilungu leKomiti yoMnyango Wenkonzo, uJoel Adams. Wakhuluma ngesihloko esithi: “Cabanga NjengoJesu, Bonisa Isithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye.” Yeka isibonelo esihle uJesu asibeka kulokhu! Isibonelo sakhe sokungabi nabugovu nokuzithoba sisiqokonyiselwa kwabaseFilipi 2:3-5. Uma abanye beyisilingo kithi ngenxa yokushiyeka kwabo noma ukuntula ukuhlakanipha, masizidele ukuze sibabonise umusa. Phakathi nemfundo yeSikole saseGileyadi, abaningi babonisa isithakazelo kubafundi; manje kwakukubo ukuba benze okufanayo kwabanye. Izithunywa zevangeli eziphumelela kakhulu yilezo ezibonisa isithakazelo emasikweni abanye, ulimi, izidingo, nokunye.
Ngokulandelayo, abafundi bakhuthazwa omunye owayeyisithunywa sevangeli iminyaka eminingi, uLloyd Barry, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo. Wakhuluma ngesihloko esithi “Hlabelelani KuJehova,” esisekelwe kumaHubo 96:1. Abantu bakaJehova bayakujabulela ukuhlabelela. Ukuhlabelela kuhambisana nenjabulo, ngakho-ke wakhuthaza abafundi ukuba bangalokothi balahlekelwe yinjabulo yokuletha iqiniso kwabanye. Weluleka, ‘uma kumelwe ufunde ulimi olusha, gxilisa inhliziyo yakho kukho zisuka nje. UDeveli uyozama ukunidumaza, anenze nikhumbule emakhaya, abangele ukwehlukana phakathi kwenu. Ningamniki ithuba!’ UMzalwan’ uBarry wabhekisela “kumqeqeshi wezithunywa zevangeli,” uEdwin Skinner, obelokhu esesebalweni sakhe sakwelinye izwe eNdiya iminyaka engama-60, futhi manje eneminyaka engama-93 usalokhu enza umsebenzi wosuku olugcwele. NgokukaMzalwan’ uSkinner, isihluthulelo sokuphumelela njengesithunywa sevangeli sakhiwa amagama amabili: “Ukuzithoba kuyisihluthulelo!”
Ngemva kwalokhu kukhulumela, usihlalo wafunda izincwadi zocingo eziningi zokuhalalisela abafundi nezokubamukela. Kwemukelwa imibiko evela eBolivia, eCanada, e-Ecuador, eHonduras, eSpain, eSweden, naseTrinidad.
UJack Redford, omunye wabaqeqeshi beSikole saseGileyadi, wakhuluma ngesihloko esithi “Qhubeka Ungumngane KaJehova.” Waqala ngokuphawula ukuthi kunezinhlangano eziningi zezentengiselwano ezinikeza ukuqeqesha ngokuphathalene nokufinyelela impumelelo kwezamabhizinisi ngokuzuza abangane nokuthonya abantu. Nokho, abafundi njengezithunywa zevangeli zesikhathi esizayo, nabo baye bafundiswa indlela yokuzuza abangane nokuthonya abantu, hhayi ngokwenzuzo yobugovu, kodwa ukuze abantu abanjalo babe abangane bakaNkulunkulu. ‘Ukuphila kwenu kungokokuzidela,’ kusho isikhulumi. ‘Namukela ngesihle, yiphani ngesihle. Akukho ukwaneliseka noma injabulo edlula ukuphumelela ekusizeni abantu ukuba babe abangane bakaNkulunkulu. Ubungane noNkulunkulu buwudumo olukhulu kakhulu noma yisiphi isidalwa esingaba nalo. UJakobe 2:23 ukhuluma ngokuthi uAbrahama waba umngane kaJehova ngenxa yokuba nokholo kuNkulunkulu. Waya kwelinye izwe futhi akazange abheke emuva; nani zithunywa zevangeli akumelwe nibheke emuva, kodwa, kunalokho, bhekani phambili ezibusisweni ezweni elisha likaNkulunkulu.’
U-Ulysses Glass, umqeqeshi waseGileyadi nombhali owamukela abafundi esikoleni, manje wakhuluma ngesihloko esithi “Isifundo Sokugcina.” Waphawula ukuthi abafundi babefunde indlela imithetho kaJehova ngempela efinyelela kude neqondisa ngayo. Ngokwesibonelo, waphawula imininingwane eminingi eyayihlobene neminikelo eyayinikelwa ngoSuku Lokubuyisana nezilwane eziningi ezazihilelekile. (Levitikusi, isahluko 16) Watusa abafundi ngokubonakalisa kwabo ukwazisa okujulile futhi wathi iHubo 145:7 lisichaza kahle isimo sabo sengqondo: “Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.” Ekuphetheni kwakhe, wacaphuna futhi izAga 3:5-7, egcizelela isidingo sabo ‘sokuthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yabo.’
UMzalwan’ uF. W. Franz, umongameli weSikole saseGileyadi oneminyaka engama-94 ubudala nowumongameli weWatch Tower Bible and Tract Society, wanikeza inkulumo yokuphetha ekuseni. Kuyo walandisa umlando weNhlangano kusukela ngesikhathi sikamongameli wokuqala, uC. T. Russell, kuze kube yilapho kusungulwa iSikole saseGileyadi. Inkulumo yakhe enomfutho neyentshiseko yaziswa kakhulu yibo bonke. Ngemva kwenkulumo yakhe, abafundi abangama-24 bemukela iziqu zabo kanye nezipho ezithile, khona-ke omunye wabafundi wafunda incwadi enhle ezwakalisa ukwazisa kwabafundi ngalo lonke usizo ababelwamukele eNdikimbeni Ebusayo nasemkhayeni waseBethel.
Ngemva kwekhefu elicishe libe amahora amabili, uPhil Wilcox, ilungu leKomiti yamaPulazi eWatchtower, waqhuba isifundo esifushanisiwe seNqabayokulinda lapho imibuzo yesifundo yaphendulwa abafundi. Lokho kwalandelwa isimiso sabafundi ababenza kuso ngokoqobo okuhlangenwe nakho ababekujabulele lapho befakaza njalo ngoLwesithathu ntambama eDolobheni laseNew York. Lokhu kwakuyingxenye yokuqeqeshwa kwabo kwaseGileyadi. Benza futhi ngokukhanyayo imiboniso yezinkinga ezihlukahlukene ababengalindela ukuhlangabezana nazo lapho befika ezabelweni zabo zakwamanye amazwe.
Njengesiphetho esifanelekile saso sonke isimiso, abafundi benza idrama yeBhayibheli ehlukaniswe izingxenye ezimbili begqoke izingubo zayo, eqokomisa ukungathi sína kwezikhathi esiphila kuzo. Ledrama yakwenza lokhu ngokuqhathanisa izinsuku zethu nezikhathi zokwahlulela zangaphambili. Isimiso esimnandi kakhulu saphetha ngo-4:15 ntambama, ngokuhlabelela ingoma ethi “Ukwanda KoMbuso Wasezulwini” nomthandazo ngelungu leNdikimba Ebusayo uMilton Henschel.
[Isithombe ekhasini 23]
Ikilasi elithweswe iziqu lama-83 leWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva futhi amagama ahlelwe kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye. (1) Melin, D.; Goode, M.; Ramos, M.; Chow, N.; Hermanson, A.; Dagostini, D. (2) David, E.; DiPaolo, A.; Neiman, D.; Shephard, J.; Foster, M.; Ramos, R. (3) Foster, W.; Melin, D.; Fristad, D.; Fristad, R.; White, L.; Dagostini, F. (4) Neiman, D.; Ness, S.; Shephard, D.; Goode, J.; White, K.; Hermanson, L.