Ingabe Uyoba UFakazi KaNkulunkulu Weqiniso?
“Ningofakazi bami, usho uJehova, mina nginguNkulunkulu.”—ISAYA 43:12.
1. Kungani kumelwe sidumise uNkulunkulu weqiniso?
NGOKUSHESHA ngaphambi kokuba uJesu afe, ‘waphakamisela amehlo akhe ezulwini’ ukuze athandaze. Wabiza Lowo ayethandaza kuye ngokuthi “wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo.” (Johane 17:1, 3) Ngokunengqondo, kungaba noNkulunkulu oyedwa kuphela ophilayo noqinisileyo, uMbusi wendawo yonke, uMdali. Njengoba sikweleta uNkulunkulu weqiniso ukuba khona kwethu, kufanele simnikeze udumo alufanele. Njengoba isAmbulo 4:11 sikubonisa: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.”
2. (a) Ikuphi okunengqondo ukukukholelwa ngoNkulunkulu weqiniso? (b) Ukhuluma kanjani nalabo abafuna ukumkhulekela?
2 Kuyoba okunengqondo ukulindela ukuthi uNkulunkulu weqiniso ngeke abekezelele phakade izimo ezimbi eziye zonakalisa indalo yakhe yasemhlabeni. Futhi kuyoba okunengqondo ukukholelwa ukuthi uyogcina abakhulekeli bakhe benokwaziswa ngalokho azokwenza nalokho afuna ukuba bakwenze ngaphambi kokuba akhiphe izahlulelo zakhe. (Amose 3:7) Ukhuluma kanjani nabafuni beqiniso? Usebenzisa abantu abathandayo njengabakhulumeli bakhe. “Ningofakazi bami, usho uJehova . . . ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba-khona. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.” (Isaya 43:10, 11) Kodwa umuntu angababona kanjani labo uNkulunkulu weqiniso abasebenzisa njengofakazi bakhe? Bona, nesigijimi sabo, bahluka kanjani kubakhulekeli babanye onkulunkulu?
Inselele Kwabanye Onkulunkulu
3. Iyiphi inselele uJehova ayicela bonke abanye onkulunkulu?
3 UJehova waphefumlela uIsaya ukuba alobe lenselele eya kubo bonke abanye onkulunkulu: “Ngubani phakathi kwabo [onkulunkulu bezizwe nabantu] ongamemezela lokhu [isiprofetho esishaya emhloleni], asizwise izinto zakuqala [ezizokwenzeka esikhathini esizayo]; mabalethe [njengonkulunkulu] ofakazi babo ukuba balungisiswe [njengonkulunkulu], bezwe [abantu bezizwe], bathi: Kuyiqiniso.” (Isaya 43:9) Ngakho uJehova ucela bonke onkulunkulu abakhulekelwa abantu inselele yokuthi bazibonakalise ukuthi bangonkulunkulu. Ofakazi babo kumelwe beveze ubufakazi bokuthi onkulunkulu babo bathembekile futhi bafanelwe ukukhulekelwa.
4. Sazi kanjani ukuthi onkulunkulu bezizwe zamandulo babengasizi lutho?
4 Kodwa baye bavezani labonkulunkulu nabakhulekeli babo? Ingabe baye basiholela ekuthuleni kweqiniso, inhlala-kahle, impilo, nokuphila? Umlando ufakaza ukuthi onkulunkulu abaningi bezizwe zamandulo babonakala bengasizi lutho futhi bangenamandla. Abakwazanga ngisho nokuqhubeka beyizinto zokukhulekelwa, njengoba bengasekho namuhla. Onkulunkulu abaningi baseGibithe lasendulo, eAsiriya, eBabiloni, bamaMede namaPheresiya, bamaGreki, baseRoma, nabezinye izizwe babonakala bengabamanga. Batholakala ezincwadini zomlando kuphela noma kumamnyuziyamu lapho izithombe zabo zimane nje ziyizinto ezimangalisayo.
5. Yini esingayibuza ngonkulunkulu bezikhathi zanamuhla?
5 Nokho, ingabe onkulunkulu banamuhla nabakhulekeli babo bangcono kunabamandulo? Inkolo yamaHindu iyodwa inonkulunkulu abayizigidi. AmaBuddha, amaKatolika, abalandeli bakaConfucius, amaJuda, amaProthestani, amaShinto, abalandeli bakaTao, nabanye abaningi banonkulunkulu babo. EAfrika, eAsiya nakwezinye izindawo, amandla emvelo, izilwane, nezinto ezingaphili zikhulekelwa njengonkulunkulu. Ubuzwe nokuthanda izinto ezibonakalayo, ngisho nobumina, kuye kwaba onkulunkulu, ngenxa yokuthi abantu abaningi bakunikeza ukuzinikezela kwabo okuyinhloko. Iyiphi indlela yokukhulekela emelela ngempela lowo othi: “Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu”?—Isaya 45:5.
“Niyakubazi Ngezithelo Zabo”
6. Singakuhlukanisa kanjani ukukhulekelwa kweqiniso ekukhulekeleni kwamanga?
6 UJesu wabeka umthetho onokwethenjelwa wokubonakalisa lokho okuyiqiniso noma amanga ngokuphathelene nenkolo. Wathi: “Niyakubazi ngezithelo zabo. . . . Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi . . . Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.” (Mathewu 7:16-19) Ngakho, ukuze sihlukanise uNkulunkulu weqiniso kwabamanga, nabakhulekeli beqiniso kwabamanga, sidinga ukuhlola lokho abakuvezayo. Ingabe isithelo sabo ‘sihle,’ noma ingabe ‘sibi’?
7. Umlando walelikhulu leminyaka usitshelani ngezinkolo zalelizwe?
7 Ngokwesibonelo, iyiphi inkolo ezinkolweni zezwe eye yaletha ukuthula kweqiniso phakathi kwabalandeli bayo kuwo wonke umhlaba? Ngokuqinisekile, amalungu enkolo yeqiniso, abazalwane, akufanele babulalane. Kodwa izigidi eziyikhulu zabantu ziye zabulawa ezimpini zalelikhulu lama-20 leminyaka, futhi zonke lezozimpi ziye zasekelwa yizinkolo zalelizwe. Ngenxa yalokho, abantu benkolo baye babulala abanye abantu benkolo. Ezikhathini eziningi, baye babulala abantu benkolo yabo. AmaKatolika aye abulala amaKatolika, amaProthestani abulala amaProthestani, amaSulumane abulala amaSulumane, nabezinye izinkolo baye balandela inkambo efanayo.
8. Izingqapheli zikukhulumela kanjani ukwehluleka kwenkolo esikhathini sethu?
8 Ohlelweni lwephephandaba olunesihloko esithi “Ubudlova Obenziwe EGameni LikaNkulunkulu,” uMike Royko, ekhuluma sengathi ubhekise kuNkulunkulu, wathi ngezinkolo zalelizwe: “Babonisa ukuzinikela kwabo kuwe ngokubulalana bodwa ngamakhulu. Ngicabanga ukuthi bacabanga ukuthi uma olunye uhlangothi lungaqothula olunye, kuyobonisa ukuthi indlela yalo yokukukhulekela ilungile.” Wathi lapho upapa eziveza njengomuntu onokuthula, “abalandeli bakhe baziwa ngokuthi baye bachitha izigidi ezimbalwa zamalitha egazi lapho bethukuthele.” Futhi, lapho owayenguMongameli waseUnited States uCarter ephawula ukuthi “izwe seliyahlanya,” wathi: “Inkolelo ejulile engokwenkolo, okumelwe ihlanganise abantu ngothando, ngokuvamile ibonakala iyingxenye yobuhlanya nokubulala.”
9. Kungani kungafanele silandele “izithombe”?
9 Isithelo esinjalo esibi siphambene nalokho okumelwe kuvezwe yilabo abakhulekela uNkulunkulu weqiniso. (Galathiya 5:19-23) Ngakho-ke, labo abasekela izinkolo ezilwayo namafilosofi bayingxenye yokukhulekela kwamanga njengoba nabaseGibithe lasendulo, ama-Asiriya, nabaseBabiloni ngokuqinisekile babenjalo, nabanye ababethemba “izithombe eziyizimungulu.” (Habakuki 2:18) Futhi njengoba nje izwi eliyisiprofetho likaNkulunkulu weqiniso lagcwaliseka ekukhulekeleni kwamanga kwamandulo, kuyoba-njalo nasesikhathini sethu: “Ziphele izithombe, zithi nya.” (Isaya 2:18) Sithembekile isixwayiso sakhe: “Ningaphendukeli kuzo izithombe.”—Levitikusi 19:4.
Obani Abafakazela UJehova?
10. Ingabe abalandeli bezinkolo zalelizwe bangofakazi bakaNkulunkulu weqiniso?
10 Ufakazi kaNkulunkulu weqiniso kumelwe kube yilowo ofakaza ngaYe. Ingabe abalandeli bezinkolo zalelizwe banikeza ubufakazi obunjalo? Kukangaki abantu balezinkolo bekhuluma nawe ngokukhulekela kwabo? Kunini lapho beye bafika ekhaya lakho ukuzofakaza ngonkulunkulu wabo? Inselele uNkulunkulu weqiniso ayicele kwabamanga yokuthi baveze ofakazi ayinakwa. Abantu bezinkolo zalelizwe ababunikezi ubufakazi obunjalo. Ngeke bakutshele ukuthi uNkulunkulu weqiniso ungubani noma ukuthi ziyini izinjongo zakhe. Abefundisi babo bahlulekile ukubafundisa iqiniso. “Bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”—Mathewu 15:14.
11. Obani kuphela abafakazela igama likaNkulunkulu weqiniso?
11 Obani abavuma ukudela isikhathi, izinto ezibonakalayo, ngisho nokuphila kwabo, ukuze bafakazele uNkulunkulu weqiniso? Obani abatshela abantu ukuthi uNkulunkulu weqiniso uthi: “NginguJehova; yilo igama lami”? (Isaya 42:8) Obani abafundisa ukuthi “nguwe wedwa ogama lakho linguJehova, ungoPhezukonke emhlabeni wonke”? (IHubo 83:18) Esikhathini sakhe, uJesu wayengathi kuNkulunkulu weqiniso: “Ngibonakalisile igama lakho.” (Johane 17:6) Esikhathini sethu, oFakazi BakaJehova kuphela abangasho lokho. Yeka ukuthi lingelifaneleka kanjani igama labo—oFakazi BakaJehova!
Ukufakaza NgoMbuso
12. Yisiphi isifundiso esibalulekile ofakazi beqiniso okumelwe basitshele abanye?
12 Ngaphezu kokwazisa ngegama likaNkulunkulu weqiniso, yini, ngokukhethekile, ofakazi bakhe abayobe beyisho ngezinjongo zakhe? UJesu wabeka isibonelo ngokufundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu weqiniso bathi: “Mawufike umbuso wakho.” (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini unguhulumeni ekugcineni oyobusa wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44) Wawuyisihloko sokufundisa kukaJesu. (Mathewu 4:23) Ngenxa yokuthi uMbuso uwukuphela kwekhambi lezinkathazo zesintu, wanxusa: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.”—Mathewu 6:33.
13. (a) Amaqiniso abonisani ngokushumayela koFakazi BakaJehova mayelana noMbuso kaNkulunkulu? (b) Kukanjani ukushumayela ngoMbuso kuwubufakazi bokuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu wesiprofetho seqiniso?
13 Obani namuhla abafakaza ngoMbuso kaNkulunkulu? UProfesa C. S. Braden, isazi esikhuthele sezinkolo zezwe, wathi: “OFakazi BakaJehova baye bahlanganisa ngokoqobo wonke umhlaba ngokufakaza kwabo. . . . Kungashiwo ngeqiniso ukuthi alikho nelilodwa iqembu lenkolo ezweni elibonise intshiseko eyengeziwe nokuphikelela emzamweni wokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kunoFakazi BakaJehova.” Kodwa lokho wakubhala eminyakeni ecishe ibe ngama-40 edlule! Namuhla kufezwa ubufakazi boMbuso obukhulu kakhulu, ngoba manje kunoFakazi abaningi ngokuphindwe izikhathi ezingaphezu kweziyishumi! Abangaba yizigidi ezintathu nengxenye babo, emabandleni angaphezu kwezi-54 900 kuwo wonke umhlaba, bafakazela uMbuso, futhi amanani abo akhula ngokushesha. Lesithelo esihle siwubufakazi bokuthi uJehova unguNkulunkulu wesiprofetho seqiniso. Nguye owaphefumlela iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibikezele ngokuphathelene nesikhathi sethu: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:14; Johane 8:28.
Ukulingisa Uthando LukaNkulunkulu
14. Iyiphi imfanelo ofakazi beqiniso bakaNkulunkulu okumelwe bayilingise, futhi kusho ukuthini uma bengayilingisi?
14 Ofakazi beqiniso bakaNkulunkulu kumelwe balingise imfanelo yakhe evelele—uthando. “Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Ngempela, “ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe. . . . Sithandane, kungabi njengoKayini owaba-ngowomubi, wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12.
15. Kungani singasho ukuthi oFakazi BakaJehova babonisa uthando lweqiniso?
15 OFakazi BakaJehova kuphela abanalolohlobo lothando. Ababakhonzi onkulunkulu bempi, bobuzwe, nabobuhlanga. Abasekeli noma yiziphi izimpi zalelizwe futhi ngalokho abekho nanini esimweni sokuba basekele ukubulawa kwabafowabo abangokomoya kwezinye izingxenye zomhlaba. Njengoba uJesu asho, ‘abasibo abezwe’ futhi baye ‘bashiya inkemba.’—Johane 17:14; Mathewu 26:52.
16. Abanye basiza kanjani ekubonakaliseni ofakazi beqiniso bakaNkulunkulu?
16 Ukuhlola okwakunesihloko esithi “Okwengeziwe Ngokuthethelela Ubudlova” kwathi: “OFakazi BakaJehova ngobunye baye bagcina ukuma kwabo ‘kokungathathi-hlangothi kobuKristu’ okungenabudlova . . . Ukuma kwabo okuqhubekayo ngokumelene nenkonzo yesizwe yanoma yiluphi uhlobo, eyempi noma yokusebenzela uhulumeni, nokwenqaba kwabo ukudumisa izifanekiselo zobuzwe kuye kwaphumela ezikhathini zokumangalelwa, ukuboshwa, nokuvukelwa amaqembu emazweni amaningi . . . Nokho, oFakazi abakaze nanini basabele ngobudlova.” Iphephandaba laseBrazil iO Tempo lathi ngabo: “Nakuba kunezinkolo eziningi ezihloniphekayo ezinenkulumo-ze yazo kuzo zonke izingxenye zomhlaba, ayikho neyodwa ebusweni bomhlaba namuhla ebonisa uthando olufanayo.” UJesu wathi, loluthando lweqiniso lubonakalisa ofakazi beqiniso bakaNkulunkulu. “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.
Ushushiso Lwandisa Ubufakazi
17, 18. Isiphi isibonelo samuva nje esibonisa indlela ukushushiswa okungenezela ngayo ebufakazini boMbuso?
17 Ukushushiswa kungaholela ngisho nasebufakazini boMbuso obubanzi. Ngokwesibonelo, eNdiya kunofakazi bakaJehova abangaba yizi-8 000. Nokho, muva nje igama likaJehova nezinjongo kwasakazwa kabanzi kulelozwe ngalokho abantwana abangoFakazi abayi-11 abakwenza ekulingiseni amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka abatshela inkantolo ukuthi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Labantwana baseNdiya baxoshwa esikoleni ngenxa yokungahlabeleli iculo lesizwe. Kodwa iNkantolo ePhakeme yaseNdiya yanquma, njengoba kubikwe kuyiDeccan Herald yaseBangalore, ukuthi “asikho isibopho kulelizwe sokuhlabelela iCulo Lesizwe.” INkantolo yaphawula ukuthi labantwana “babonise inhlonipho efaneleyo” nokuthi ukungahlabeleli kwabo “akuzange nangayiphi indlela kuhlanganise indelelo.” INkantolo yayaleza ukuba abantwana bamukelwe futhi esikoleni.
18 Iphephandaba elifanayo laphawula futhi: “Labantwana benqaba ukuhlabelela iCulo Lesizwe ngoba oFakazi BakaJehova bazibheka njengamaKristu futhi bazinikele ngokuphelele eMbusweni kaNkulunkulu. . . . Ngalokho abahlanganyeli kunoma yiziphi izenzo zezombangazwe zoMbuso.” Futhi, iThe Telegraph yaseCalcutta yabika: “Isenzo salabantwana besikole siye futhi sagqamisa . . . oFakazi BakaJehova, ababengaziwa ezweni lakithi kuze kube muva nje.” Yebo, ‘lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa kube ubufakazi ezizweni zonke’ ngaphambi kokuba isiphelo sifike.—Mathewu 24:14.
Ukuqoqwa KoFakazi BakaNkulunkulu Weqiniso
19. Abantu abanhliziyo-ziqotho kudingeka ukuba benzeni uma befuna ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso?
19 Namuhla, uNkulunkulu weqiniso, uJehova, unabantu bakhe abafakazela ubukhosi bakhe nezinjongo. Njengoba bememezela isigijimi sakhe ngamandla amakhulu, ubutha amanani andayo abantu abanhliziyo-ziqotho kuzo zonke izizwe ukuze bahlanganyele nabakhulekeli bakhe. (Isaya 2:2-4) Bashiya onkulunkulu babo bamanga futhi baphendukela ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso, njengoba nje labo ababefuna ukukhulekela uJehova bakhululwa ekuthunjweni kwaseBabiloni lamandulo, lapho ukukhulekelwa konkulunkulu bamanga kwakudlange khona.—Isaya 43:14.
20, 21. Kungani kuphuthuma ukuba sishiye onkulunkulu bamanga manje futhi singabi nje izibukeli?
20 Ingabe uyoba ufakazi kaNkulunkulu weqiniso? Ingabe uyokumelela ukukhulekela kweqiniso futhi ugweme ukuhlanganyela ecaleni legazi nasekuziphatheni okusolekayo kwalelizwe nonkulunkulu balo bamanga? IZwi likaNkulunkulu liyakhuthaza: “Phumani kulo [ukukhulekela kwamanga kwaseBabiloni], bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.” (IsAmbulo 18:4) Yebo, ‘phuma kulo,’ thatha isinyathelo kungakephuzi kakhulu! Ungabi njengendoda, okwathi lapho ibuzwa umagazini wamaKatolika ukuthi ikhetha yiphi inkolo, yathi: “Ngicabanga ukuthi ngiyiSibukeli sabantu bakaJehova. Ngikholelwa kokuningi kakhulu kwalokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo—kodwa angifuni ukuhileleka.”
21 Nokho, ngokushesha wonke umuntu emhlabeni uyohileleka lapho uJehova ebhubhisa onkulunkulu bamanga balelizwe nabakhulekeli babo: “Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.” (Jeremiya 10:11) Ngalesosikhathi kuyobe kungekho zibukeli. Kuyoba khona kuphela labo abangofakazi bakaNkulunkulu weqiniso nalabo abangeyibo. (Mathewu 24:37-39; 2 Petru 2:5; IsAmbulo 7:9-15) Ingabe uyoba ngufakazi kaNkulunkulu weqiniso? Kufanele ube nguye, ngoba “kithina uNkulunkulu [weqiniso] unguNkulunkulu wezinkululo; ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.”—IHubo 68:20.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Iyiphi inselele uNkulunkulu weqiniso ayicela onkulunkulu bamanga?
◻ Kungamuphi umthetho onokwethenjelwa esingahlukanisa ngawo ukukhulekela kweqiniso ekukhulekeleni kwamanga?
◻ Yisiphi isithelo esibonisa ukuthi onkulunkulu balelizwe abasizi lutho njengabamandulo?
◻ Yisiphi isithelo esihle ofakazi bakaNkulunkulu weqiniso okumelwe basiveze, futhi obani abasibonakalisayo?
◻ Kungani kungokuphuthumayo ukuthatha isinyathelo manje sokushiya ukukhulekela kwamanga?
[Izithombe ekhasini 16]
Onkulunkulu bezizwe zamandulo abangasizi lutho abasezona izinto ezikhulekelwayo
[Isithombe ekhasini 17]
Ekhulwini lethu leminyaka abantu abangaba yizigidi eziyikhulu baye babulawa ezimpini ezisekelwa yizinkolo zalelizwe
[Umthombo]
U.S. Army photo
[Isithombe ekhasini 18]
UJesu wathi ofakazi beqiniso babeyokwaziwa ngothando abanalo phakathi kwabo