Imibuso Emikhulu Yezwe Yomlando WeBhayibheli Iya Ekupheleni Kwayo!
UNGACABANGA yini ngomlando obhalwe kusengaphambili? ‘Akunakwenzeka,’ uyasho? Nokho, kukhona incwadi eyawubikezela ngempela umlando—amakhulu, mhlawumbe ngisho nezinkulungwane zeminyaka ngaphambi kokwenzeka kwezehlakalo! Leyoncwadi iBhayibheli.
IBhayibheli alibikanga nje kuphela izehlakalo zasendulo ngendlela eqondile kodwa ngendlela emangalisa kakhulu labikezela ngisho nohlu oluvelele lomlando wezwe njengoba wawuzothinta abantu bakaNkulunkulu, kusukela esikhathini seBabiloni lasendulo, eminyakeni engaphezu kwezi-2 500 edlule, kwehle kuze kube sosukwini lwethu lwanamuhla ngisho nangalé kwalo.
UDaniyeli, umprofethi owaphila ekhulwini lesithupha leminyaka ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, wanikezwa izambulo ezine ezihlukene ezaziphathelene nesikhathi esizayo somlando wezwe. Wakutholaphi ukwaziswa kwakhe? UDaniyeli wathi: “Kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo.” (Daniyeli 2:28) Abavubukuli, lapho bevubukula izinsalela ezashiywa yimibuso yezwe yasendulo, baye bathola ubufakazi obumangalisayo bokuba yiqiniso kokubili komlando nokwesiprofetho esitholakala eBhayibhelini.
Emibili yemibuso emikhulu yezwe yomlando weBhayibheli, iGibithe neAsiriya, yayikhona kudala ngaphambi kwesikhathi sikaDaniyeli. IBabiloni lalibusa osukwini lukaDaniyeli, futhi umprofethi wembulelwa amagama emibuso yezwe emibili eyayizolandela. (Daniyeli 2:47, 48; 8:20, 21) Eminye emibili eyayizolandela lena, isiletha esikhathini samanje.
Mingaki?
NgokweBhayibheli, mingaki imibuso yezwe enjalo eyayizoba khona? Impendulo yanikezwa umphostoli uJohane osekhulile futhi ibonisa ukuthi sikuphi nesikhathi. Ingelosi yatshela uJohane: “Zingamakhosi ayisikhombisa; ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki.”—IsAmbulo 17:9, 10.
Yimiphi imibuso yezwe eyisihlanu eyayisifikile kakade futhi yadlula osukwini lukaJohane? IGibithe, iAsiriya, iBabiloni, amaMede namaPheresiya, neGrisi. Yimuphi owawusekhona? IRoma. Futhi yimuphi umbuso ‘owawungakafiki’? UMbuso Wezwe wamaNgisi namaMelika wosuku lwethu. Lena imibuso yezwe abantu bakaNkulunkulu, basendulo nabanamuhla abebeyikhathalela kakhulu.
Iqiniso elibaluleke ngokukhethekile yileli: Kwakuzoba khona ukulandelana kwemibuso yezwe enjalo eyisikhombisa kuphela! Umbuso wesishiyagalombili owawuzobusa ngesikhathi esifanayo nowesikhombisa, owawuzohlanganisa insali yowesikhombisa, wabikezelwa ukuthi uyoba khona isikhashana phakathi nezinsuku zowesikhombisa. (IsAmbulo 17:10, 11) Lokhu kusho ukuthi siphila phakathi nesikhathi sowokugcina wemibuso yezwe enamandla ebuswa umuntu. Ayisayikuba khona eminye!
Ngokushesha manje, isikhathi sokubusa kwemibuso yezwe sizobe sesiphelile. UDaniyeli waprofetha ukuthi lezimiso zabantu ziyochotshozwa futhi ‘zisuswe umoya.’ (Daniyeli 2:35) Yini eyozithathela indawo? Okuthile okungcono! UDaniyeli uyabika: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) Ngakho akukho lutho olungaphansi koMbuso kaNkulunkulu oluyothatha indawo yalemibuso yezwe yabantu. Yeka intuthuko enhle kakhulu ekubusweni kwezwe!
Akungabazeki ukuthi wazi okuthile ngemibuso yezwe. Kodwa ingabe ulwazi olwengeziwe lwamasiko ayo, inkolo yayo, nobuhlobo bayo nabantu bakaNkulunkulu nesiprofetho seBhayibheli luyokusiza ukuba uqonde okwengeziwe ngomlando wesintu ngokukhanyiselwa imiBhalo?
Yebo, ngempela. Ngakho kusukela kulesi, siyajabula ukukhipha uchungechunge lwezihloko eziyisishiyagalombili ezikhuluma ngemibuso yezwe. Lezihloko kumelwe zikusize ubone ukuthi umlando okukhulunywa ngawo eBhayibhelini unokwethenjelwa futhi uthembekile. Futhi kumelwe ziqinise ukholo lwakho eqinisweni lokuthi iziprofetho zeBhayibheli zithembekile futhi ziyiqiniso!