Ubuhle Bungase Bube Obangaphandle Kuphela
UEVA, owesifazane wokuqala nowukuphela kwakhe owadalwa uNkulunkulu, ngokunokwenzeka wayengowesifazane omuhle kakhulu owake waphila. Kodwa yena nomyeni wakhe, uAdamu, bahlubuka kuJehova. Ngakho uEva walahlekelwa ubuhlobo bakhe obuseduze noNkulunkulu futhi wahlanganyela ekuletheni inhlekelele eyesabekayo ohlangeni lwesintu. Kamuva, ngokungangabazeki wayesemuhle, kodwa ubuhle bakhe babungobangaphandle kuphela.
Ngokuyisisekelo, ubuhle buyisipho sikaNkulunkulu, futhi abanye baye bazuza obuningi babo njengefa ngaphezu kwabanye. Abanye bafisa sengathi ngabe babebahle kakhulu kunokuba benjalo, futhi abanye bachitha isikhathi nemali eningi benza okwengeziwe ngokubukeka okuhle abanakho. Kodwa njengoba isibonelo sikaEva sibonisa, ngokuhamba kwesikhathi ubuhle bubodwa abunambuyiselo ngaphandle kokuba buhambisana nezinye izimfanelo. Ziphi ezinye izimfanelo? Okuhlangenwe nakho emuva le ezinsukwini zeNkosi uSolomoni kuyasisiza ukuba siphendule lokho.
Okuthile Okungaphezu Kobuhle
Incwadi yeBhayibheli yesiHlabelelo SeziHlabelelo isitshela ngentombazane esentsha yasemaphandleni, umShulamiti, eyayithandana nomalusi wakuleyondawo. Ubuhle bayo bakhanga inkosi, futhi yayiletha eJerusalema ngamathemba okuyenza umkayo. Yeka ithuba ngentombi! Lapho, yayingasebenzisa ukubukeka kwayo okuhle futhi izuze isikhundla sokuceba, amandla, nethonya embusweni. Kodwa lentombazane esentsha yakwenqaba ngesibindi ukweshela okuthophayo kwenkosi. Yabenqaba ubukhazikhazi nomcebo waseJerusalema futhi yahlala ithembekile kumalusi wayo. Endabeni yayo, ubuhle babungebona obangaphandle kuphela. Yayingeyena ongajulile, osebenzisa amathuba ngobugovu, noma ohahayo. Kunalokho, yayinobuhle bangaphakathi ukhokho wayo uEva ayengenabo.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:15; 4:1; 8:4, 6, 10.
Izingibe Zobuhle Obungokomzimba
Nakuba bufiseleka, ubuhle obungokomzimba bungaholela ezinkingeni ubuhle bangaphakathi obungazibangeli neze. Ngokwesibonelo, cishe eminyakeni eyizi-4 000 edlule, inzalamizi uJakobe yayinendodakazi eyayibizwa ngokuthi uDina leyo ngokungangabazeki eyayiyinhle kakhulu. Lapho ichitha isikhathi ngokungahlakaniphi ihlangana ‘namantombazane alelozwe,’ insizwa egama layo linguShekemi yakhangwa kakhulu yiyo kangangokuba yayona.—Genesise 34:1, 2.
Ngaphezu kwalokho, uma ukubonakala okuhle kwangaphandle kungahambisani nobuhle bangaphakathi kungakhulisa ukuzazisa konakho. INkosi uDavide yayinendodana egama layo linguAbisalomu, esifunda lokhu ngayo: “KwaIsrayeli wonke kwakungekho-muntu omuhle njengoAbisalomu owababazeka kakhulu.” (2 Samuweli 14:25) Kodwa ubuhle obungokomzimba buka-Abisalomu bafihla ububi bangaphakathi: Wayeyize, ehaha, futhi enonya. Ngobuqili lensizwa yasebenzisa ukubukeka kwayo siqu ukuze izitholele abalandeli kwaIsrayeli yase yakhela uyise oyinkosi uzungu. Ekugcineni yabulawa kodwa hhayi ngaphambi kokuba lensizwa enhle kakhulu ihlome umbuso empini yangaphakathi.
Ubuhle Besilisa
Njengoba indaba kaAbisalomu ibonisa, iBhayibheli likhuluma ngamadoda nangabesifazane njengabahle. Isibonelo sendoda engazange ibanjwe ugibe lobuhle bayo besilisa kwakunguJosefa, umfowabo omncane kaDina ngamzali oyedwa. (Genesise 30:20-24) Lapho eseyinsizwa, abafowabo bakaJosefa ngenxa yomona bamthengisa njengesigqila ukuze ayiswe eGibithe. Lapho, wathengwa isikhulu sempi esigama laso linguPotifari, futhi ngenxa yokuthi wayethembekile futhi ekhuthele, waba ngumbonisi wendlu kaPotifari. Ngesikhathi esifanayo, “uJosefa wayengumgembeleza [enomzimba omuhle], eyigeza.”—Genesise 39:6.
Inkosikazi kaPotifari yamkhanuka uJosefa futhi ngokungenamahloni yazama ukumyenga. Kodwa lensizwa yabonisa ukuthi yayinobuhle bangaphakathi kanye nokukhanga okungokomzimba. Yenqaba ukona enkosini yayo, uPotifari, futhi yambalekela lowesifazane. Ngenxa yalokho, yafakwa etilongweni. Ngani? Inkosikazi kaPotifari edumazekile yammangalela ngamanga ngokuthi wayezama ukuyidlwengula! Nokho, ngisho nalokhu okuhlangenwe nakho okubuhlungu akuzange kubone ubuntu bukaJosefa, futhi isibonelo sakhe esihle ngokuvelele ngaphansi kobunzima obudlulele siye sakhuthaza abantu abanezinhliziyo ezilungileyo kuze kube manje.
Njengoba lezibonelo zibonisa, ubuhle bangaphakathi—ubuhle bobuntu ikakhulukazi lapho busekelwe okholweni kuNkulunkulu—bubaluleke kakhulu kunokubonakala okuhle okungokomzimba. Abantu abasha abacabangela ukushada badinga ukukuqaphela lokhu. Abaqashi abafuna izisebenzi kufanele bakukhumbule. Futhi sonke kumelwe sikhumbule ukuthi kungakhathaliseki ukuthi siye sabusiswa ngobuhle obungokomzimba noma cha, singabakha lobuhle bangaphakathi obubaluleke kakhulu. Kodwa lobuhle buhlanganisani? Futhi singabakha kanjani? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.