Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 4/15 k. 3
  • Inkolo Yamanga Iyisifebe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkolo Yamanga Iyisifebe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubufebe Obungokomoya Bubi Nangokwedlulele
  • “Ngiyobuqeda Ubufebe Bakho”
    Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
  • Kungani Le Nkinga Idlondlobala?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukwahlulela Isifebe Esinyanyekayo
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Ngokuhambisa INqabayokulinda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 4/15 k. 3

Inkolo Yamanga Iyisifebe

1. Ubufebe buye babhekwa kanjani ngabaningi?

ABANYE bawubiza ngokuthi umsebenzi omdala kunayo yonke—lowo wesifebe,noma unondindwa. Njengoba esetshenziswa ngokuvamile, lamagama asho into eyodwa, abhekisela kowesifazane oziphethe kabi othengisa ngomzimba wakhe emadodeni. Kodwa, kunesikhathi lapho lokhu kwakubhekwa njengobizo oluhloniphekile!

2, 3. Indima abapristikazi ababenayo eBabiloni lasendulo yayiphambene kanjani nomthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli ngokuqondene nobufebe babesilisa nabesifazane?

2 Ekhuluma ngobupristi baseBabiloni lasendulo, uProfesa S. H. Hooke, isazi semivubukulo engokweBhayibheli, wathi: “Ubupristi babungebona obamadoda kuphela, kodwa nabesifazane babakha ingxenye yezisebenzi zasemathempelini amakhulu. Kwakubhekwa njengokuhlonipheka ukuba sesigabeni sabapristikazi, futhi sizwa ngamakhosi amaningana ayenikela ngamadodakazi awo obizweni lobupristi. . . . Umsebenzi wawo obaluleke kakhulu wawuwukukhonza njengezifebe ezingcwele emikhosini emikhulu yezinkathi zonyaka. . . . Ngokufanelekile, ithempeli likaIshtar [unkulunkulukazi wenzalo nempi] lalinezisebenzi eziningi zabesifazane abanjalo.”

3 Lokhu kwakuphikisana ngokuphelele nokukhulekela okwakumelwe kuyiswe kuJehova uNkulunkulu yisizwe sakwaIsrayeli. UMthetho wawusho ngokucacile: “Makungabikho isifebe sethempeli [esenza ubungqingili] emadodakazini akwaIsrayeli nasemadodaneni akwaIsrayeli. Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.” (Duteronomi 23:17, 18) Ngakho, inkokhelo yesifebe yayingamukeleki njengomnikelo ethempelini likaNkulunkulu. Ngisho nobufebe obabungahlobene nakancane nenkolo babuyihlazo. AmaIsrayeli ayalwa: “Awuyikuyihlambalaza indodakazi yakho ukuyenza isifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, izwe ligcwale ukonakala.” Imithetho emelene nobufebe nobungqingili, okuchazwe ngokuthi “isinengiso,” yayiyisivikelo esizweni, kokubili ngokomoya nangokomzimba.—Levitikusi 19:29; 20:13.

Ubufebe Obungokomoya Bubi Nangokwedlulele

4. Yiluphi uhlobo olubi kakhulu lobufebe?

4 Nokho, ngokubheka kukaNkulunkulu kunohlobo olubi kakhulu lobufebe—ubufebe obungokomoya, noma ukuzisholo ukuthi ukhulekela uNkulunkulu weqiniso kuyilapho eqinisweni ukhulekela futhi uthanda abanye onkulunkulu. IJerusalema lasendulo labuqhubela phambili ubufebe balo. Lazipha izipho lezozizwe ezazifeba nalo ngokomoya, lingcolisa ukukhulekela kweqiniso.—Hezekeli 16:34.

5, 6. Obani abenza ubufebe obungokomoya kulelikhulu leminyaka lama-20, okuholela kumiphi imibuzo?

5 Ngisho nakulelikhulu leminyaka lama-20, ubufebe obungokomoya buvamile esimisweni sezwe senkolo. ELobukholwa liyingxenye evelele kakhulu yalesosimiso—isimiso iBhayibheli elisibiza ngokuthi “IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.”—IsAmbulo 17:5.

6 Kodwa siyini isiphetho seBabiloni Elikhulu? Futhi lowomphumela uyokuthinta kanjani wena nabathandekayo bakho? Uma uNkulunkulu azahlulela kabi izifebe kwaIsrayeli wasendulo, yini azoyenza ngobufebe banamuhla obungokomoya? Izihloko ezilandelayo zizohlola leyomibuzo kanye nehlobene nayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela