Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 7/15 kk. 3-4
  • Ingabe Ukusebenza Kanzima Kuyayiletha Injabulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukusebenza Kanzima Kuyayiletha Injabulo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izizathu Zokusebenza Kanzima
  • Ukuzikhandla—Lapho Kuyimfanelo Enhle
    I-Phaphama!—1993
  • Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Kungani Kufanele Wamukele Imiqondo Emisha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuzikhandla—Iyini Imiphumela?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 7/15 kk. 3-4

Ingabe Ukusebenza Kanzima Kuyayiletha Injabulo?

“FUTHI-KE, umsebenzi uyikho konke endodeni, akunjalo?” kwabuza uBunpei Otsuki, inkinsela ephambili kwezamabhizinisi zaseJapane. Wayechaza ukuthi kungani ayengafuni ukuthatha iholide lasehlobo. Amazwi akhe afana nawamaJapane akha kabusha lelizwe ngemva kwesiphithiphithi salo sangemva kwempi. AmaJapane aye achazwa ngokuthi angabantu abakhuthele kusukela uCommodore Perry waseUnited States akhipha iJapane enkathini yayo ende yokuzehlukanisa. Futhi ayaziqhenya ngokuba abantu abasebenza kanzima.

Nokho, iJapane manje iyagxekwa ngokusebenza kanzima kakhulu, njengoba inamahora omsebenzi wonyaka amaningi kunawo wonke phakathi kwezizwe okuthiwa zinezimboni. Uhulumeni waseJapane uzama ukuqeda isimo sokuthanda umsebenzi ngokweqile. Esinye isihloko sephephandaba sifundeka kanje: “UMnyango Wezemisebenzi Uthi ‘Yekani Ukusebenza Kanzima Kangaka.’” Esageni sawo somkhankaso wangenkathi yamaholide asehlobo ka-1987, lomnyango waze wathi, “Ukuthatha iholide kuwubufakazi bekhono lakho.” Ngamanye amazwi, uhulumeni ubuza isizwe, “Kungani nisebenza kanzima kangaka?”

Yiqiniso, akubona bonke eJapane abayizisebenzi ezizinikele, ezisebenza kanzima. Ukuhlola kwamuva kweSikhungo Sokukhiqiza SaseJapane izisebenzi ezintsha eziyizi-7 000 kwembula ukuthi amaphesenti ayi-7 kuphela ayebeka umsebenzi ngaphambi kokuphila kwawo siqu. Lokhu kuthambekela kungabonakala nakwamanye amazwe. EJalimane iAllensbacher Institut für Demoskopie yathola ukuthi amaphesenti ayi-19 kuphela amaJalimane aphakathi kweminyaka eyi-18 nengama-29 ayethi asebenza ngamandla awo onke emsebenzini kungakhathaliseki ukuthi iholo lingakanani.

Uma ziqhathaniswa nentsha ethatha kalula, izisebenzi zesikhashana eJapane zisebenza kanzima kakhulu kunayo. Umqashi eTokyo ukhuluma ngesasasa ngomqashwa wakhe waseAlgeria owenza umsebenzi wezandla. Uthi: “AmaJapane ngeke asifake isicelo somsebenzi waloluhlobo, ngisho noma abengasifaka, abengawushiya ngokushesha.” Cha, ngisho namaJapane asebenza kanzima awakhuthele ngokwemvelo. Lapho abantu besebenza kanzima, kumelwe kube nesisusa esinamandla.

Izizathu Zokusebenza Kanzima

“Umcebo, ukuzinza, izimpahla, nokuqhubekela phambili ezweni”—lezi izinto ezifunwa amaJalimane asebenza kanzima, kubika iphephandaba laseJalimane lamasonto onke iSpiegel. Yebo, abaningi basebenza kanzima ukuze bazuze umcebo wezinto ezibonakalayo ukuze bajabulele isilinganiso esithile sokuzinza ekuphileni. Abanye basebenza kanzima ngenjongo ‘yokuqhubekela phambili ezweni’ noma ukuze banyukele ezikhundleni eziphezulu ezinkampanini. Abaningi abashukunyiswa ngamandla isimiso semfundo esikhuthaza ukuncintisana ukuba baphishekele imigomo enjalo ngeshwa bagcina benza imisebenzi eyisicefe yomphakathi wasezimbonini—bezikhathaza futhi bengafiki ndawo.

Nokho, imali nesikhundla akukuphela kwezizathu zokuba abantu basebenze kanzima. Abanye basebenza ngenxa nje yomsebenzi. Kubona, umsebenzi uyikho konke. Abanye bayawujabulela umsebenzi wabo. “Ngangihlatshwa umxhwele kakhulu yilokho engangikwenza elaboratory yami,” kuvuma uHaruo, “kangangokuthi izithakazelo ezingokomoya zaminyaniseka.”

Bese kuba nalabo abazinikezele emisebenzini enenzuzo ukuze bakhonze abanye nenhlala-kahle yabo. Basebenza kanzima ukuze basindise ukuphila. Ngokwesibonelo, umcimi-mlilo usebenza kanzima nsuku zonke ukuze agcine izinto zakhe zokusebenza zihlelekile.

Kodwa ingabe zonke lezi ziyizizathu ezizwakalayo zokusebenza kanzima? Ingabe ziyoholela enjabulweni? Ngempela, imuphi umsebenzi ongakwenza ujabule ngempela?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela