Usifuna Kuphi Iseluleko?
INGABE wake wanikezwa othile imali-mbumbulu? Mhlawumbe awukaze, kodwa ubungasabela kanjani uma othile ekutshela ukuthi kukhona imali-mbumbulu esezandleni zabantu? Ingabe ubungacasuka? Ngokuqinisekile ubungeke! Ubungabonga kakhulu ngokuthi uye waqasheliswa bese uqikelela ukuba ungadeli enye yemali yakho yangempela, oyisebenzele kanzima ngeyamanga.
Abaningi bethu bathola izeluleko noma izixwayiso ngezinye izikhathi. Yiqiniso, ezinye izixwayiso ziwusizo kunezinye. Kodwa ngisho noma singayiboni inzuzo kithi qobo yeseluleko esithile, ingabe lokho kuyisizathu sokucasuka ngenxa yokuthi siye sanikezwa?
Iqiniso liwukuthi, wonke umuntu uyaludinga usizo neseluleko ngezinye izikhathi. Akekho umuntu onawo wonke amakhambi. Kulokhu kungaqiniseki okungokwezomnotho nokungokwezombangazwe okusizungezile, wonke umuntu uyalidinga ithemba eliqinile lesikhathi esizayo. Ezweni lapho cishe ingxenye yemishado iphela ngesahlukaniso, lapho ukukhulelwa kwabeve eshumini kudlangile, futhi lapho izifo ezidluliselwa ngobulili zigcwele yonke indawo, kunesidingo esiphuthumayo sesiqondiso esinengqondo, esiyinzuzo. Abazali badinga usizo ekunqumeni indlela engcono yokukhulisa abantwana babo kulesimiso sezinto esididayo. Abeve eshumini badinga usizo lokuxazulula imizwelo yabo engqubuzanayo nokucindezeleka okungabonakala kubanqoba. Wonke umuntu udinga usizo ekuhleleni izindinganiso zokuziphatha eziyinzuzo ezweni lapho ukungathembeki, ukuziphatha okubi, nobudlova kuya kwamukeleka ngokwengeziwe.
Lungatholakalaphi usizo olunjalo? Umthombo ongcono kakhulu weseluleko ngokuphila iBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. Umhubi wasendulo wabhala: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Labo abalifundayo nabalisebenzisayo iZwi likaNkulunkulu bagwema izihibe eziningi ezikhona namuhla. Kungalesosizathu oFakazi BakaJehova bechitha amakhulu ezigidi zamahora unyaka ngamunye bevakashela omakhelwane babo futhi bexoxa nabo ngeBhayibheli. Nokho, abantu abaningi abalaleli, futhi abanye bayacasuka ngisho nokucasuka. Kungani kunjalo?
Imiqondo Evalekile—Ngani?
Nokho, abantu abaningi abathandi ukwamukela iseluleko, ikakhulukazi endabeni yenkolo. Ngisho namalungu amasonto ngokuvamile awafuni ukulalela iseluleko asinikwa abefundisi bawo. Omunye umfundisi waseBrithani wakhala: “Wonke umuntu unemibono yakhe futhi icatshangelwa njengelunge njengeyomfundisi.” Ngakho, akumangalisi ukuthi abantu abafuni ukulalela umuntu abangamazi oseminyango yabo.
Ngaphezu kwalokho, nakuba siphila enkathini yokungaqiniseki, abaningi basenezibopho eziqinile ezingokomzwelo emasontweni abo. Njengoba enye iencyclopedia yaphawula, “inkolo ithinta imizwa ejulile yabantu abangenakubalwa.” Abantu abanjalo bangase bangasiboni isidingo sokukhuluma nomuntu wenye inkolo ngeBhayibheli, ngisho nakuba ingxoxo iphathelene nokuthola ikhambi lezinkinga zabo.
Abanye abafuni ukuxoxa ngeBhayibheli ngenxa yokuthi baye babona ubuzenzisi obuningi nokonakala enkolweni. Bacasulwa ukuthi abanye abaholi benkolo bathethelela ukuziphatha okubi, noma banyanyiswa ubugovu bokungabi namahloni babavangeli abaningi bethelevishini. Mhlawumbe baphelelwa isithakazelo lapho umfundisi esebenzisa igunya lakhe ukuze asekele olunye uhlangothi empini yezombangazwe ngokumelene nolunye. Kubona, inkolo ibonakala ibangela izinkinga ezengeziwe kunezixazululayo.
Izinkinga lezo abanjalo abakhononda ngazo zingokoqobo. Uma sikhuluma ngokwenkolo, kukhona “imali-mbumbulu” eningi esezandleni zabantu. Kodwa ngokuqinisekile, ukwala ukwamukela usizo olunenzuzo oluvela eBhayibheli ngenxa yalesizathu akunangqondo ngendlela efanayo nokwala ukwamukela imali yoqobo ngenxa yokuthi kukhona imali-mbumbulu!
Futhi njengoba sekushiwo kakade, sonke siyasidinga iseluleko kulelizwe okunzima ukukhetha kulo nelinezimo eziyingozi. Ingabe ikhona indlela yokuqondiswa ngokuhlakanipha endabeni yokwamukela iseluleko? Ingabe kudingekile noma kuyinto engalungile ngisho nokulunga ukukhuluma ngeBhayibheli nothile wenkolo ehlukile? Ingabe kungenzeka yini ukuba nomqondo ovuleke ngokwanele ukuba wamukele iseluleko esihle futhi ungadukiswa iseluleko-mbumbulu? IBhayibheli lithini ngalokhu?