ISAHLUKO 9
Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
NJENGOMMEMEZELI okhuthele wezindaba ezinhle, uJesu wabekela abalandeli bakhe isibonelo. Wathatha isinyathelo sokuya kubantu, ekhuluma futhi efundisa emizini yabo nasezindaweni zomphakathi. (Math. 9:35; 13:36; Luka 8:1) UJesu wakhuluma nabantu ngabanye, wafundisa abafundi bakhe ngasese, wakhuluma nanezixuku ezibalelwa ezinkulungwaneni. (Marku 4:10-13; 6:35-44; Joh. 3:2-21) Wawasebenzisa ngokunenzuzo wonke amathuba afanelekile ukuze akhulume amazwi akhuthazayo nanika ithemba. (Luka 4:16-19) Ngisho nalapho ekhathele futhi omile akazange awayeke amathuba okufakaza. (Marku 6:30-34; Joh. 4:4-34) Lapho sifunda ukulandisa okuphefumulelwe kwenkonzo kaJesu, asizizwa yini sifuna ukumlingisa? Impela sizizwa kanjalo, njengoba nje kwakunjalo nangabaphostoli.—Math. 4:19, 20; Luka 5:27, 28; Joh. 1:43-45.
2 Cabanga ngamathuba avulekele amaKristu namuhla okuhlanganyela emsebenzini owaqalwa uJesu Kristu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule.
UKUSHUMAYELA ENDLINI NGENDLU
3 NjengoFakazi BakaJehova, siyakuqaphela ukubaluleka kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso endlini ngendlu ngendlela ehlelekile. Le ndlela sesiyisebenzise kakhulu kangangokuba isize yaba uphawu esaziwa ngalo. Ukuhlakanipha kokusebenzisa le ndlela ukuze sifinyelele izigidi zabantu ngesikhathi esifushane kuye kwaqinisekiswa imiphumela ejabulisayo. (Math. 11:19; 24:14) Inkonzo yendlu ngendlu iye yabonakala iyindlela ephumelelayo yokubonisa uthando lwethu ngoJehova nangomakhelwane.—Math. 22:34-40.
4 Ukushumayela endlini ngendlu akuyona indlela entsha esungulwe oFakazi BakaJehova. Umphostoli uPawulu ukhuluma ngokufundisa kwakhe emizini yabantu. Echazela ababonisi base-Efesu ngenkonzo yakhe, wathi: ‘Kusukela osukwini lokuqala engangena ngalo esifundeni sase-Asiya, angigodlanga ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa endlini ngendlu.’ Ngale ndlela nangezinye, uPawulu ‘wanikeza ubufakazi obuphelele kumaJuda nakumaGreki ngokuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.’ (IzE. 20:18, 20, 21) Ngaleso sikhathi, ababusi abangamaRoma babekhuthaza ukukhulekela izithombe futhi abaningi ‘bethambekele ekwesabeni onkulunkulu.’ Kwakuphuthuma ukuba abantu bafune “uNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo,” lowo ‘owayetshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke.’—IzE. 17:22-31.
5 Namuhla, isidingo sokufinyelela abantu ngezindaba ezinhle siphuthuma nakakhulu. Ukuphela kwalesi simiso sezinto esibi kusondela ngokushesha. Njengoba sibona lesi sidingo, sishukumiseleka ukuba sandise imizamo yethu. Ayikho enye indlela engcono esitholakele kunalena esinesikhathi eside isebenza, yokucinga abantu abalambele iqiniso endlini ngendlu. Isaphumelela namuhla ngendlela eyayiphumelela ngayo ezinsukwini zikaJesu nabaphostoli.—Marku 13:10.
6 Ingabe uyakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni yendlu ngendlu? Uma ukwazi, qiniseka ukuthi uJehova uyathokoza ngawe. (Hez. 9:11; IzE. 20:35) Kungenzeka ukuthi inkonzo yendlu ngendlu ayilula kuwe. Kungenzeka ukuthi ukhinyabezekile emzimbeni noma kungenzeka ushumayela ensimini enabantu abaningi abangathandi ukulalela. Kungenzeka nokuthi uhulumeni ubeke imingcele evimbelayo. Mhlawumbe unamahloni futhi ukuthola kunzima kakhulu ukuqala ingxoxo nomuntu ongamazi. Ngenxa yalokho, njalo lapho usenkonzweni yendlu ngendlu uyakhathazeka. Ungadikibali. (Eks. 4:10-12) Izimo zakho ziyefana nezabafowenu abakwezinye izindawo eziningi.
7 UJesu wathembisa abafundi bakhe: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Leso sithembiso siyasiqinisa emsebenzini wokwenza abafundi. Sizizwa njengomphostoli uPawulu owathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Fil. 4:13) Hlanganyela ngokugcwele emalungiselelweni ebandla okufakaza endlini ngendlu. Uzothola isikhuthazo nosizo ngokusebenza nabanye. Thandazela usizo lokunqoba noma yiziphi izithiyo ongase uhlangane nazo futhi uzikhandle njengomshumayeli wezindaba ezinhle.—1 Joh. 5:14.
8 Njengoba uxoxa nabanye ngezindaba ezinhle, uzoba namathuba okubanika ‘isizathu sethemba elikuwe.’ (1 Pet. 3:15) Uzoya uwuqaphela ngokwengeziwe umehluko phakathi kwabantu abanethemba loMbuso nalabo abangenalo. (Isaya 65:13, 14) Uzothola ukwaneliseka okubangelwa ukwazi ukuthi uye walalela umyalo kaJesu wokwenza ‘ukukhanya kwakho kukhanye,’ futhi ungase ngisho ube nelungelo lokusiza abanye bazi uJehova neqiniso eliholela ekuphileni okuphakade.—Math. 5:16; Joh. 17:3; 1 Thim. 4:16.
9 Kwenziwa amalungiselelo okushumayela endlini ngendlu ngezimpelasonto naphakathi nesonto. Ezindaweni okunzima kuzo ukuthola abantu emakhaya emini, amanye amabandla ahlela ukuba kufakazwe kusihlwa. Abantu bangase bathande ukwamukela izivakashi ntambama noma kusihlwa kunasekuseni.
UKUFUNA ABAFANELEKAYO
10 UJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bafune’ abafanelekayo. (Math. 10:11) Wayengagcini enkonzweni yendlu ngendlu ukufuna abantu abanesimo esihle sengqondo. Wayefakaza nangawo wonke amathuba afanele, ngendlela ehleliwe nangokwethukela. (Luka 8:1; Joh. 4:7-15) Abaphostoli nabo babefakaza kubantu ezindaweni ezihlukahlukene.—IzE. 17:17; 28:16, 23, 30, 31.
Umgomo wethu uwukufinyelela bonke abantu esingabafinyelela ngesigijimi soMbuso
11 Ngokufanayo nanamuhla, umgomo wethu uwukufinyelela bonke abantu esingabafinyelela ngesigijimi soMbuso. Lokhu kusho ukulingisa uJesu nabaphostoli bakhe endleleni ababewenza ngayo umsebenzi wokwenza abafundi kanye nokuhambisana nezikhathi ezishintshayo nezimo zabantu ezingefani ensimini yethu. (1 Kor. 7:31) Ngokwesibonelo, abamemezeli baye baphumelela ekufakazeni ezindaweni zamabhizinisi. Ukufakaza emgwaqweni kuye kwaphumelela emazweni amaningi, njengoba kube njalo nangokufakaza emapaki, ezindaweni zokupaka izimoto nanoma yikuphi lapho abantu betholakala khona. Amanye amabandla aye abeka amatafula anezincwadi noma izinqola ensimini yawo. Ngaphezu kwalokho, ihhovisi legatsha lingase lihlele ukufakaza okukhethekile emadolobheni amakhulu ezindaweni okudlula kuzo abantu abaningi, lisebenzisa abamemezeli abavela emabandleni ahlukahlukene. Ngenxa yalokho, abantu abasuke bengekho emakhaya lapho kufika abamemezeli bangatholakala kwezinye izindawo baxoxelwe izindaba ezinhle.
12 Lapho sihlangana nabantu abanesifiso sokwazi iqiniso ezindaweni zomphakathi, singabanika okuthile abangakufunda. Ukuze uqhubeke umsiza lowo muntu, ungamnika imininingwane yakho bese uhlela impindelo, ungamtshengisa iwebusayithi ethi jw.org, noma ungamnika ikheli lendawo eseduze okuqhutshelwa kuyo imihlangano yebandla. Ungase uthole ukuthi ukufakaza kubantu ezindaweni zomphakathi kuyindlela emnandi yokwandisa inkonzo yakho.
13 Nokho, umsebenzi owabelwe amaKristu namuhla awuhileli ukumemezela izindaba ezinhle kuphela. Ukuze uphumelele ekusizeni abanye bamukele iqiniso eliholela ekuphileni, kudingeka ubuyele kaningi kulabo abanesifiso sokwazi iqiniso ukuze bathuthukele ekubeni amaKristu avuthiwe.
UKWENZA IZIMPINDELO
14 UJesu wathi kubalandeli bakhe: ‘Nizoba ofakazi bami ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.’ (IzE. 1:8) Kodwa waphinde wathi kubo: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Math. 28:19, 20) Ukwenza izimpindelo kungaba umthombo wenjabulo enkonzweni kaJehova. Abantu ababonisa isifiso sokwazi izindaba ezinhle lapho ubahambela okokuqala cishe bayojabula uma bephinde bekubona. Ngokuxoxa nabo ngamaphuzu engeziwe aseBhayibhelini, ungase ukwazi ukuqinisa ukholo lwabo kuNkulunkulu futhi ubasize baqaphele isidingo sabo esingokomoya. (Math. 5:3) Uma ulungiselela kahle futhi uhlela ukuphindela kubo ngesikhathi esizobalungela, ungase ukwazi ukuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngokuvamile yilokho okuwumgomo wakho lapho wenza izimpindelo. Asigcini nje ngokutshala imbewu yeqiniso, siphinde siyinisele.—1 Kor. 3:6.
15 Ukwenza izimpindelo kungase kube inselele kwabanye. Mhlawumbe usuchwepheshile ekwethuleni intshumayelo emfushane yezindaba ezinhle futhi uyasijabulela leso sici senkonzo. Kodwa uma ucabanga ngokubuyela kumninikhaya ukuze nixoxe kabanzi ngeBhayibheli, leyo nselele ingase ibonakale ingaphezu kwamandla. Ukulungiselela kahle kuyokusiza uzethembe. Zama ukusebenzisa ukusikisela okuxoxwe ngakho emhlanganweni waphakathi nesonto. Ungacela nokuhamba nommemezeli osengumakad’ ebona.
UKUQHUBA IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI ZASEKHAYA
16 Lapho umvangeli uFiliphu ekhuluma nomJuda ongumproselithe owayefunda iZwi likaNkulunkulu, wambuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Le ndoda yathi: “Ngingakwazi kanjani nje nempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” Lokhu kulandisa kweBhayibheli okusencwadini yezEnzo isahluko 8 kube sekusitshela ukuthi uFiliphu waqala ngendima yemiBhalo le ndoda eyayiyifunda, ‘wamemezela kuyo izindaba ezinhle ngoJesu.’ (IzE. 8:26-36) Asazi ukuthi uFiliphu wachitha isikhathi esingakanani enale ndoda, kodwa wayichazela izindaba ezinhle kangangokuthi yaba ikholwa futhi yacela ukubhapathizwa. Yaba umfundi kaJesu Kristu.
17 Abantu abaningi namuhla abajwayelene neBhayibheli, ngakho kungase kudingeke siphindele kaningana kubo futhi sibaqhubele isifundo esingakhi phezulu esingathatha amasonto, izinyanga noma ngisho unyaka nangaphezulu ngaphambi kokuba babe nokholo futhi bafanelekele ukubhapathizwa. Kodwa ukubasiza ngothando nangesineke abanhliziyo ziqotho ukuba babe abafundi kunemivuzo, njengoba nje uJesu asho: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzE. 20:35.
18 Akungatshazwa ukuthi uzofisa ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya usebenzisa enye yezincwadi eyenzelwe leyo njongo ngokukhethekile. Lapho usebenzisa isiqondiso esinikezwe emhlanganweni waphakathi nesonto futhi usebenza nabamemezeli abanekhono ebandleni, uzokwazi ukuqhuba izifundo ezithuthukayo, usize abanye babe abafundi bakaJesu Kristu.
19 Uma udinga usizo lokuqala nokuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, zizwe ukhululekile ukukhuluma nomunye wababonisi noma uFakazi ophumelelayo ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli. Ukusikisela okuvela e-Ncwajaneni YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo nokwenziwa imiboniso ngako esifundweni nako kuzokusiza. Thembela kuJehova futhi uthandaze ngesifiso sakho. (1 Joh. 3:22) Uma kungenzeka, kwenze umgomo ukuqhuba esinye isifundo seBhayibheli sasekhaya ngaphandle kwaleso okungenzeka usiqhubela umkhaya wakho. Ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli, uyokwandisa injabulo oyithola enkonzweni.
UKUQONDISA ABAFISA UKUFUNDA IQINISO ENHLANGANWENI KAJEHOVA
20 Lapho sisiza abantu ukuba bazi uJehova uNkulunkulu futhi babe abafundi bakaJesu Kristu, baba yingxenye yebandla. Abantu abafundelwa iBhayibheli bayothuthuka ngokomoya futhi bakhulele ekuvuthweni uma beqaphela inhlangano kaJehova futhi bebambisana nayo. Kubalulekile ukubafundisa ukuba benze kanjalo. Ama-video nencwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? kulungiselelwe leyo njongo ngokuqondile. Okunye kokwaziswa okungaba usizo kuseSahlukweni 4 sale ncwajana.
21 Kusukela uqala ukuxoxa ngeBhayibheli nomuntu omfundelayo, msize abone ukuthi uJehova usebenzisa inhlangano ukuze kwenziwe umsebenzi wokushumayela emhlabeni namuhla. Mbonise ukuthi zibaluleke ngani izinsiza-kufunda zeBhayibheli, uchaze nokuthi zenziwa futhi zisakazwe kanjani emhlabeni wonke yizisebenzi zokuzithandela ezizinikezele kuNkulunkulu. Mema umuntu ofunda naye iBhayibheli ukuba aye nawe emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso. Mchazele ukuthi imihlangano iqhutshwa kanjani futhi umethule kubafowethu nakodadewethu. Uyofuna nokumsiza ajwayelane nabanye oFakazi emihlanganweni emincane nemikhulu. Kule mibuthano neminye, mdedele azibonele indlela abantu bakaJehova ababonisa ngayo uthando, oluwuphawu lwamaKristu eqiniso. (Joh. 13:35) Njengoba umuntu onesifiso sokufunda iqiniso ekhula ekwaziseni inhlangano kaJehova, uyosondela nakakhulu kuJehova.
UKUSEBENZISA IZINCWADI ZEBHAYIBHELI
22 AmaKristu okuqala aba abamemezeli abashisekayo beZwi likaNkulunkulu. Enza amakhophi emiBhalo ukuze azisebenzisele wona siqu futhi awasebenzise nasesifundweni sebandla. Ayetusa iZwi likaNkulunkulu leqiniso kwabanye. Amakhophi awo abhalwe ngesandla ayembalwa futhi ayewazisa kakhulu. (Kol. 4:16; 2 Thim. 2:15; 3:14-17; 4:13; 1 Pet. 1:1) Namuhla, oFakazi BakaJehova basebenzisa izindlela zesimanje zokunyathelisa amakhulu ezigidi zamaBhayibheli nezinsiza-kufunda zeBhayibheli. Lezi zinsiza-kufunda zihlanganisa amapheshana, izincwajana, izincwadi nomagazini, konke okungezilimi eziningi.
23 Njengoba uxoxela abanye izindaba ezinhle, qiniseka ukuthi usebenzisa izinsiza-kufunda zeBhayibheli ezilungiselelwe yinhlangano kaJehova. Ukwazi ukuthi kungakanani okuzuzile ngokufunda nokutadisha izincwadi zoFakazi BakaJehova kuzokukhuthaza ukuba uzihambisele nabanye.—Heb. 13:15, 16.
24 Bayanda abantu abasebenzisa i-Inthanethi njengendlela yabo eyinhloko yokuthola ukwaziswa. Ngakho-ke, ngaphandle kwezincwadi zeBhayibheli, ithuluzi eliphumelelayo lokusakaza izindaba ezinhle yingosi yethu esemthethweni i-jw.org. Abantu emhlabeni wonke bangasebenzisa amakhompyutha ukuze bafunde noma balalele iBhayibheli nezinye izincwadi ezisekelwe kulo ngezilimi eziningi. Abantu abamathintanyawo ukuxoxa nathi noma abahlala ezindaweni abangawatholi kuzo amathuba okuxoxa noFakazi BakaJehova, bayakwazi ukuhlola izinkolelo zethu besebenzisa i-jw.org emakhaya.
25 Ngakho, sitshela bonke abantu nge-jw.org ngawo wonke amathuba afanelekayo. Uma umninikhaya ebuza ngezinkolelo zethu, singasebenzisa izinto ezinjengomakhalekhukhwini noma ikhompyutha ukuze simbonise impendulo ngaso leso sikhathi. Uma sithola umuntu okhuluma olunye ulimi, kuhlanganise nolimi lwezandla, singamyalela ingosi yethu ukuze athole iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli ngolimi lwakhe. Abamemezeli abaningi baye basebenzisa enye yama-video asengosini yethu ukuze baqale ingxoxo yeBhayibheli.
UKUFAKAZA NGOKWETHUKELA
26 UJesu watshela labo ababelalela izwi lakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe. . . . Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Math. 5:14-16) Labo bafundi babonakalisa izindlela zikaNkulunkulu ngokulingisa uJesu, owathi ngaye ngokwakhe: “Mina ngiwukukhanya kwezwe.” UJesu wabekela amaKristu isibonelo ngokwenza ukuba ‘ukukhanya kokuphila’ kukhanye ukuze kuzuze bonke ababeyolalela.—Joh. 8:12.
27 Umphostoli uPawulu naye wasibekela isibonelo sokuba sisilandele. (1 Kor. 4:16; 11:1) Ngesikhathi ese-Athene, wayefakaza nsuku zonke esigcawini kulabo okwakwenzeka babe khona. (IzE. 17:17) AmaKristu aseFilipi alandela isibonelo sakhe. Ngenxa yalokho, uPawulu wayengawabhalela athi ayephila “phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile,” ekhanya phakathi kwaso “njengezinkanyiso ezweni.” (Fil. 2:15) Nathi namuhla singenza ukuba iqiniso loMbuso likhanye ngamazwi nangezenzo noma nini lapho sinethuba lokuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle. Yiqiniso, isibonelo sethu esihle sokuba abantu abathembekile nabaqotho sisodwa singase senze abantu baqaphele ukuthi sihlukile ezweni. Kodwa uma sixoxa nabo ngezindaba ezinhle, bazokwazi ukuthi kungani sihlukile.
28 Abantu bakaJehova abaningi baxoxa ngezindaba ezinhle nabantu ababathola emsebenzini, esikoleni, ezintweni zokuhamba zomphakathi noma kwezinye izindawo lapho benza imisebenzi yabo yansuku zonke. Lapho sisohambweni singase sibe nethuba lokuxoxa nabantu esihamba nabo. Njengabantu ngabanye, kumelwe siphaphamele amathuba okujika ingxoxo evamile ibe ithuba lokufakaza. Masikulungele ukukhuluma nabantu ngazo zonke izikhathi ezifanelekayo.
29 Siyoshukumiseleka ukwenza kanjalo uma sikhumbula ukuthi ngokwenza kanjalo sisuke sidumisa uMdali wethu, sikhazimulisa negama lakhe. Ngaphezu kwalokho, singase sikwazi ukusiza abanhliziyo ziqotho bazi uJehova ukuze nabo bamkhonze futhi babe nethemba lokuphila elitholakala ngokuba nokholo kuJesu Kristu. Imizamo enjalo iyamjabulisa uJehova futhi uyibheka njengenkonzo engcwele.—Heb. 12:28; IsAm. 7:9, 10.
INSIMU
30 Kuyintando kaJehova ukuba isigijimi soMbuso sishunyayelwe emhlabeni kabanzi, kokubili emadolobheni amakhulu nasemaphandleni. Ukuze kwenzeke lokhu, amabandla kanye nabantu ngabanye abakhonza ezindaweni ezicezile bathola izabelo zensimu ehhovisi legatsha. (1 Kor. 14:40) Lokhu kuhambisana nelungiselelo langekhulu lokuqala elaliqondiswa uNkulunkulu. (2 Kor. 10:13; Gal. 2:9) Njengoba umsebenzi woMbuso wanda ngokushesha kulezi zinsuku zokugcina, kuningi okufezwayo uma amalungiselelo okusebenza insimu yebandla ehlelwe kahle.
31 Leli lungiselelo liqondiswa umbonisi wenkonzo. Inceku ekhonzayo ingase iwabe amasimu. Kunezinhlobo ezimbili zamasimu, insimu yeqembu nensimu yomuntu siqu. Uma insimu incane, ababonisi bamaqembu bayoba namasimu amaqembu abamemezeli abangashumayela kuwo. Ngakolunye uhlangothi, uma insimu inkulu, ummemezeli ngamunye angase athole insimu yakhe siqu.
32 Ummemezeli onensimu yakhe uyoba nendawo ashumayela kuyo ngezikhathi okungahleliwe ngazo imihlangano yenkonzo noma uma kunzima ukuhlangana neqembu. Ngokwesibonelo, abanye abamemezeli bathola insimu eseduze kwalapho besebenza khona bese beshumayela kuyo ngekhefu lasemini noma ngemva komsebenzi. Eminye imikhaya ithola insimu eseduze kwalapho ihlala khona bese ishumayela kuyo ngezinye izinsuku kusihlwa. Ukuba nensimu efinyeleleka kalula kungasiza ummemezeli asisebenzise kahle isikhathi angasichitha enkonzweni yasensimini. Insimu yomuntu siqu ingase isetshenziselwe nokufakaza njengeqembu. Uma ufisa ukuba nensimu yakho ungayicela encekwini yensimu.
33 Kungakhathaliseki ukuthi yinsimu yeqembu enakekelwa umbonisi weqembu noma yinsimu yomuntu siqu enakekelwa ummemezeli, umuntu onakekela insimu uyokwenza imizamo yokuba axhumane nomuntu kuyo yonke imizi. Izinhlelo zokuhlanganisa insimu kufanele zihambisane nemithetho yokuvikela imininingwane yabantu. Noma yimuphi umbonisi weqembu noma ummemezeli onakekela insimu kufanele azame ukuyihlanganisa ngezinyanga ezine. Lapho isihlanganisiwe, kufanele azise inceku yensimu. Umbonisi weqembu noma ummemezeli angayigcina leyo nsimu ukuze aqhubeke eyisebenza, noma ayibuyisele encekwini yensimu, kuye ngezimo.
34 Lapho bonke abasebandleni bebambisana, insimu ingahlanganiswa ngendlela engakhi phezulu. Singakugwema nokuba abamemezeli ababili noma ngaphezulu basebenze endaweni efanayo kanyekanye, okuyinto engacasula abaninikhaya. Ngokwenza kanjalo siyobe sibonisa ukucabangela abafowethu nabantu abasensimini.
UKUBAMBISANA UKUZE SISHUMAYEZE ABANTU BAZO ZONKE IZILIMI
35 Wonke umuntu kudingeka afunde ngoJehova uNkulunkulu, ngeNdodana yakhe nangoMbuso. (IsAm. 14:6, 7) Sinesifiso esijulile sokusiza abantu bazo zonke izilimi ukuba babize igama likaJehova ukuze basindiswe futhi bagqoke ubuntu bobuKristu. (Roma 10:12, 13; Kol. 3:10, 11) Yiziphi ezinye zezinselele eziphakamayo lapho sishumayela izindaba ezinhle ezindaweni okukhulunywa kuzo izilimi eziningi? Zingasingathwa kanjani ngendlela eyenza ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka bathole ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso ngolimi abaluqondayo?—Roma 10:14.
36 Ibandla ngalinye labelwa insimu yolimi lwalo. Ngakho-ke ezindaweni ezinezilimi eziningi, abamemezeli basemabandleni ahlukahlukene bashumayela endaweni efanayo. Ezimweni ezinjalo, kuhle ukuba abamemezeli bebandla ngalinye bagxile ekushumayezeni abantu bolimi lwabo. Lokhu kusebenza nangemikhankaso yaminyaka yonke yokuhambisa izimemo. Nokho, lapho abamemezeli befakaza obala noma ngokwethukela, bangase baxoxe nanoma ubani futhi bamhambisele izincwadi zanoma yiluphi ulimi.
37 Kwezinye izimo, amabandla ezinye izilimi awakwazi ukuyihlanganisa njalo insimu yawo ekude. Ezimweni ezinjalo, ababonisi benkonzo bamabandla ahilelekile kufanele baxoxisane ukuze bathole indlela ezokwamukeleka kubo bonke yokuhlanganisa insimu. Lokhu kuyovulela bonke abantu ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso futhi kuvimbele ukuphindaphindwa okungadingekile kwemizi.—IzAga 15:22.
38 Yini okufanele siyenze uma umuntu ovula umnyango ekhuluma ulimi okungelona olwethu? Akufanele siphethe ngokuthi abamemezeli abakhuluma ulimi lwakhe bazofika bamthole. Abanye abamemezeli baye bafunda isingeniso esilula ngolimi abajwayele ukuluthola ensimini yabo. Singakhombisa umuntu esimtholayo indlela angafunda noma adawunilode ngayo izincwadi ngolimi lwakhe engosini yethu esemthethweni i-jw.org noma singacela ukumlethela izincwadi zolimi lwakhe.
39 Uma umuntu ebonisa isifiso esiqotho sokwazi iqiniso, kufanele sizame ukuthola umuntu ongakwazi ukumsiza ngolimi aluzwayo. Singamtshela nokuthi ikuphi imihlangano eqhutshwa ngolimi lwakhe. Uma efisa ukuba othile okhuluma ulimi lwakhe amthinte, singambonisa ukuthi angayifaka kanjani imininingwane yakhe kuyi-jw.org. Ihhovisi legatsha liyobe selizama ukuthola ummemezeli oseduze, iqembu noma ibandla elingaqhubeka limsiza.
40 Kumelwe siqhubeke simhambela lowo muntu kuze kube yilapho esitshela ukuthi ukhona ummemezeli okhuluma ulimi lwakhe asexhumene naye. Kwezinye izimo ihhovisi legatsha liyokwazisa abadala ukuthi alikwazanga ukuthola ummemezeli okhuluma ulimi lwalowo muntu. Ezimweni ezinjalo, kufanele senze konke okusemandleni ukuze siqhubeke sikhulisa isifiso salowo muntu sokufunda iqiniso. Uma kungenzeka, singamqhubela isifundo seBhayibheli, mhlawumbe sisebenzise incwadi yolimi lwakhe. Uma sizisebenzisa kahle izithombe futhi simcela ukuba afunde imiBhalo ekhonjiwe, uyoluthola ulwazi lweBhayibheli oluyisisekelo. Ilungu lomkhaya wakhe elilwaziyo ulimi lwakhe nolimi lwendawo lingase livume ukunitolikela.
41 Ukuze siqondise umuntu onesifiso sokufunda iqiniso enhlanganweni kaNkulunkulu, kufanele simmemele emihlanganweni yethu ngisho noma engase angakuqondi ngokugcwele okushiwoyo. Lapho kufundwa imiBhalo, singamsiza ayithole eBhayibhelini lolimi lwakhe uma likhona. Ukuba nabanye abantu ebandleni kukodwa nje kungamakha futhi kumsize aqhubeke ethuthuka ngokomoya.
42 Amaqembu angazimele: Iqembu elingazimele lakhiwa abamemezeli abaningana abashumayela ngolimi olungelona olwebandla, ngisho noma lingenaye umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo engaqhuba imihlangano yamasonto onke ngalolo limi. Ihhovisi legatsha lingase libheke ibandla njengelisekela iqembu elingazimele uma lihlangabezana nezimfuneko ezilandelayo:
(1) Uma kunabantu abaningi kuleyo ndawo abakhuluma ulimi okungelona olwebandla.
(2) Uma kunabamemezeli okungenani abambalwa abalwaziyo ulimi noma abazimisele ukulufunda.
(3) Uma indikimba yabadala izimisele ukuhola ekuhleleni umsebenzi wokushumayela ngalolo limi.
Uma indikimba yabadala inesifiso sokuba kumiswe iqembu elingazimele, abadala bayothintana nombonisi wesigodi. Kungenzeka kunamabandla awaziyo azama ukushumayeza abantu balolo limi futhi anganikeza ukwaziswa okubalulekile okungaba usizo ekutholeni ukuthi iliphi ibandla elingakwazi kangcono ukusekela lelo qembu elingazimele. Lapho selitholakele ibandla elinjalo, abadala bayothumela incwadi ehhovisi legatsha bacele imvume yokuqashelwa njengebandla elisekela iqembu elingazimele.
43 Amaqembu azimele: Ihhovisi legatsha lingase libheke ibandla njengelisekela iqembu elizimele uma lihlangabezana nezimfuneko ezilandelayo:
(1) Uma kunabantu abathile abanesifiso sokufunda iqiniso futhi kubonakala ukuthi ukwanda kuzoba khona ensimini yalolo limi.
(2) Uma kunabamemezeli okungenani abambalwa abakwaziyo ukukhuluma lolo limi noma abalufundayo.
(3) Uma kukhona umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo ezohola futhi iqhube okungenani umhlangano owodwa wamasonto onke—noma ingxenye eyodwa yomhlangano othile, njengenkulumo yeningi noma iSifundo Se-Nqabayokulinda—ngalolo limi.
Lapho kuhlangatshezwana nalezi zimfuneko ngezinga elifanelekayo, indikimba yabadala iyothumelela ihhovisi legatsha incwadi enemininingwane ephelele, icele ukubhekwa njengebandla elinakekela lelo qembu. Umdala noma inceku ekhonzayo eholayo bayobhekwa “njengombonisi weqembu” noma “inceku yeqembu” enomthwalo wemfanelo wokunakekela lelo qembu.
44 Lapho iqembu elizimele selimisiwe, indikimba yabadala yebandla elisekela leli qembu izonquma ukuthi kufanele yini libe nezingxenye ezithile zemihlangano yebandla nokuthi imihlangano kufanele iqhutshwe kangaki phakathi nenyanga. Imihlangano yenkonzo yasensimini nayo ingase ihlelelwe leli qembu. Bonke abakulelo qembu basebenza ngaphansi kokuqondisa kwendikimba yabadala enakekela lelo qembu. Abadala bayonikeza isiqondiso esinokulinganisela futhi baphaphamele ukunakekela izidingo zalelo qembu. Lapho umbonisi wesigodi esebenza nalelo qembu phakathi nokuhambela kwakhe ibandla elinakekela lelo qembu, uyothumela umbiko omfushane ehhovisi legatsha mayelana nentuthuko yeqembu futhi asho nezidingo zalo. Ngokuhamba kwesikhathi, lelo qembu lingase limiswe njengebandla. Uma bonke abahilelekile belandela iziqondiso zenhlangano, uJehova uyothokoza.—1 Kor. 1:10; 3:5, 6.
UKUFAKAZA KWEQEMBU
45 AmaKristu azinikezele anomthwalo wemfanelo wokwazisa abanye izindaba ezinhle. Ziningi izindlela zokwenza lokhu, kodwa iningi lethu liyathanda ukuphuma liye enkonzweni yasensimini nabanye. (Luka 10:1) Ngenxa yalokhu, amabandla ayahlangana ngezimpelasonto naphakathi nesonto ukuze aye enkonzweni yasensimini. Amaholidi nawo asinika amathuba amahle okufakaza njengeqembu ngoba abafowethu abaningi basuke bengayile emsebenzini. IKomiti Yenkonzo Yebandla ihlela imihlangano yenkonzo yasensimini ezoba ngezikhathi nasezindaweni ezizolungela abamemezeli phakathi nosuku nakusihlwa.
46 Ukufakaza njengeqembu kwenza abamemezeli bakwazi ukusebenza ndawonye futhi ‘bakhuthazane.’ (Roma 1:12) Abamemezeli abasanda kuqala ukushumayela bangasebenza nabamemezeli abanekhono nabangomakad’ ebona ukuze baqeqesheke. Kwezinye izindawo kungase kutuseke ukuba abamemezeli ababili noma ngaphezulu basebenze ndawonye ukuze baphephe. Ngisho noma uhlela ukusebenza wedwa ensimini, ukuhlangana neqembu kunganikhuthaza nonke. Ukwazi nje ukuthi kunabanye abasebenza ensimini ngalapho usebenza khona nawe, kungakuqinisa idolo. Amaphayona nabanye akufanele bazizwe bebophekile ukuba basekele yonke imihlangano yenkonzo yasensimini ehlelwa yibandla, ikakhulu uma iba khona zonke izinsuku. Noma kunjalo, cishe bangakwazi ukusekela okungenani eminye yayo isonto ngalinye.
47 Kwangathi sonke singalandela isibonelo esabekwa uJesu nabaphostoli bakhe! Singaqiniseka ngesibusiso sikaJehova emizamweni yethu yokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini obaluleke kakhulu wokushumayela lezi zindaba ezinhle zoMbuso.—Luka 9:57-62.