Ukudalula “Umuntu Ongenamthetho”
“Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.”—ISAMBULO 18:4.
1, 2. (a) Angabonakala kanjani umuntu ongenamthetho? (b) Uyini umbono kaNkulunkulu ngalabo abazisholo ukuthi bayamkhonza kodwa benecala legazi? (Mathewu 7:21-23)
IZWI likaNkulunkulu labikezela ngokuza ‘komuntu ongenamthetho.’ Labikezela futhi nokuthi lengxenye engenamthetho ‘iyakudediswa futhi iqedwe’ uMahluleli wasezulwini kaNkulunkulu, uKristu Jesu. (2 Thesalonika 2:3-8) Njengoba izihloko ezandulelayo zibonisile, lowomuntu ongenamthetho ungabefundisi beLobukholwa. Esikhathini eside esidlule balahla amaqiniso eZwi likaNkulunkulu futhi bamukela izimfundiso zobuqaba, njengoZiqu-zintathu, isihogo somlilo, ukungafi komphefumulo. Ngaphezu kwalokho, baye bakhiqiza imisebenzi ephambene nemithetho kaNkulunkulu. Njengalabo uPawulu axwayisa uThithu ngabo, “bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi-lutho.”—Thithu 1:16.
2 UJesu wathi: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo.” Abaprofethi bamanga babeyokhiqiza “izithelo ezimbi.” (Mathewu 7:15-17) Ubufakazi bezithelo ezimbi zabefundisi icala labo elikhulu legazi. Emakhulwini amaningi eminyaka baye basekela izimpi zokholo, ukuqulwa kwamacala ezihlubuki, nezimpi eziye zachitha igazi lezigidi zabantu. Baye bathandazela futhi babusisa zombili izinhlangothi ezimpini lezo amalungu ezinkolo zabo siqu aye abulalana wodwa kuzo. Ngokuphambene, umphostoli uPawulu wakwazi ukuthi: “Anginacala egazini labo bonke.” (IzEnzo 20:26) Abefundisi abakwazi. Kwabanjalo uNkulunkulu uthi: “Lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.”—Isaya 1:15.
3. Yiziphi izenzakalo ezibaluleke emhlabeni wonke ezisondela ngokushesha?
3 Isikhathi sokuba uNkulunkulu akhiphe isahlulelo sakhe kumuntu ongenamthetho sisondela ngokushesha. Ngokushesha, njengoba uJesu abikezela, “ku[zo]ba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Lesosikhathi senhlupheko esingakaze sibonwe siyoqala ngokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, ohlanganisa izinkolo zeLobukholwa. Ezombangazwe “zi[yosenza] incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo.” (IsAmbulo 17:16) Usizi olukhulu luyophetha ngokubhujiswa kwezinsalela zezwe likaSathane eArmagedoni, “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”—IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21.
Banesibopho Sokuthanda Abanye
4. Yini labo abakhulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso” okumelwe bayikhumbule?
4 Njengoba lezenzakalo ezizamazamisa umhlaba ngokushesha zizofikela umhlaba owakhiwe, yiziphi izibopho labo ‘abakhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso’ abanazo? (Johane 4:23) Okokuqala, kumelwe bakhumbule ukuthi uJesu wathi: “Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. . . . Yiló umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.”—Johane 15:10-14; 1 Johane 5:3.
5, 6. (a) Yini uJesu ayala abafundi bakhe ukuba bayenze eyayiyobabonakalisa? (b) Kungamuphi umqondo lona kwakungumyalo omusha?
5 Kanjalo amaKristu eqiniso anesibopho sokuthanda abanye abantu, ikakhulukazi abafowabo nodadewabo abangamaKristu kuwo wonke amazwe. (IzEnzo 10:34; Galathiya 6:10; 1 Johane 4:20, 21) Ngempela, amaKristu kumelwe abe “nokuthandana okunganqamukiyo.” (1 Petru 4:8) Lolohlobo lokuthandana ngezinga lomhlaba wonke luwabonakalisa njengabakhulekeli beqiniso, ngoba uJesu wathi: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:34, 35.
6 Yini eyayiyintsha kulowomyalo? Ingabe amaJuda ayengaphansi koMthetho kaMose ayenganikezwanga umyalo othi, “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena?” (Levitikusi 19:18) Yebo, kodwa uJesu wabonisa okuthile okwengeziwe lapho ethi, “Njengalokho nginithandile.” Uthando lwakhe lwahlanganisa nokudela ukuphila kwakhe ngenxa yabanye, nabafundi bakhe kufanele bazimisele ukwenza okufanayo. (Johane 15:13) Lelo kwakuyizinga eliphakeme lothando, njengoba ukuzidela okunjalo kwakungadingeki eMthethweni kaMose.
7. Iyiphi inkolo eye yalalela umyalo wothando kulelikhulu leminyaka?
7 Ekhulwini lethu leminyaka, iyiphi inkolo eye yalalela lomyalo wothando? Ngokuqinisekile akuzona izinkolo zeLobukholwa, ngoba ziye zabulalana ngesilinganiso samashumi ezigidi ezimpini zezwe ezimbili nakwezinye izingxabano. OFakazi BakaJehova abaye balalela umyalo wothando emhlabeni wonke. Baye balondoloza isimo esingaguquki sokungathathi-hlangothi ezimpini zezizwe, ngoba uJesu wathi abalandeli bakhe akumelwe babe “abezwe.” (Johane 17:16) Kanjalo, bangasho, njengoba kwasho uPawulu, bathi “anginacala egazini labo bonke.” Njengesibonelo, phawula ingxenye eyisethulo sezwi lesinqumo elamukelwa izinceku zikaJehova emhlanganweni waseWashington, D.C., ngoNovember 27, 1921:
“NjengamaKristu akulwela ngobuqotho ukulandela izimfundiso zikaKristu Jesu iNkosi yethu nabaPhostoli bakhe, sibambelela ekutheni: impi iyinsalela yobuqaba, yinto ebhubhisa ukuziphatha okuhle neyisihlamba kubantu abangamaKristu; ekutheni izimiso ezafundiswa iNkosi uJesu Kristu zivimbela amaKristu azinikezele ekuhlanganyeleni empini, ekuchitheni igazi noma kunoma yiluphi uhlobo lobudlova.”
8. Umlando uthini ngoFakazi BakaJehova phakathi neMpi Yezwe II?
8 Lowombono wasetshenziswa kanjani phakathi neMpi Yezwe II? Kuleyompi embi kunazo zonke emlandweni wesintu, kwabulawa abantu abacishe babe izigidi ezingu-50. Kodwa akekho noyedwa owabulawa omunye woFakazi BakaJehova! Ngokwesibonelo, cishe bonke abefundisi baseJalimane basekela ubuNazi ngezenzo noma buthule. Ngokuphambene, oFakazi BakaJehova ngaphansi kokubusa kobuNazi balondoloza isimo sabo esingaguquki sokungathathi-hlangothi futhi benqaba ukudumisa uHitler noma babe yingxenye yenhlangano yakhe yezempi. Ngakho, abazange babulale noma yimuphi wabafowabo abangokomoya abakwamanye amazwe, noma nanoma ubani omunye. Futhi oFakazi BakaJehova kuwo wonke amanye amazwe bahlala bengathathi-hlangothi.
9 .Yini eyenzeka koFakazi BakaJehova eJalimane naseAustria ngaphansi kokubusa kwamaNazi?
9 Abaningi boFakazi BakaJehova baye badela imiphefumulo yabo ngenxa yabangane babo belalela umyalo wothando. Ukubukezwa kwencwadi ethi Kirchenkampf in Deutschland (Ukulwa KwamaSonto EJalimane), kaFriedrich Zipfel, isho lokhu ngoFakazi: “Amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa amalungu aleliqembu elincane lenkolo ayeyizisulu zokushushiswa ngamaNazi. Ingxenye yesithathu yabo yabulawa, ngokunqunywa, noma ngezinye izenzo zobudlova, ngendlala, ngokugula noma ngomsebenzi wokugqilazwa. Impatho ebuhlungu kangako yayingakaze ibe khona emlandweni futhi yayiwumphumela wokholo lokungahlehli olwalungenakuvunyelwaniswa nemibono yobuNazi.” EAustria, amaphesenti angu-25 oFakazi BakaJehova abulawa, ashaywa aze afa, noma afa ngenxa yezifo noma ngenxa yokukhahlanyezwa emakamu obuNazi.
10. Labo abafela ukulalela umyalo wothando babenakuphi ukuqiniseka?
10 Labo ababulawelwa ukholo ngenxa yokulalela umyalo wothando babeqiniseka ukuthi “uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi [wabo] nothando [aba]lubonakalisa ngakulo igama lakhe.” (Heberu 6:10) Babazi ukuthi “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) Babenethemba eliqinisekile lokuvuswa bebheke ukuphila okuphakade.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.
11. Iyiphi indlela izinceku zikaJehova ezihluke ngayo, futhi isiphi isiprofetho esigcwaliseka kuzo?
11 Izinceku zikaJehova zihlukile ngokulalela umthetho uPetru nabanye abaphostoli abawutshela inkantolo ephakeme: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova benza lokhu, basekelwa ‘uMoya oNgcwele uNkulunkulu awunike labo abamlalelayo.’ (IzEnzo 5:32) Yilawomandla abenza bakwazi ukugcwalisa isiprofetho esikuIsaya 2:2-4. Sabikezela ukuthi esikhathini sethu ukukhulekela kweqiniso kwakuyomiswa kabusha nokuthi abantu abavela kuzo zonke izizwe nezinkolo babeyogobhozela kukho. Omunye umphumela wawuyoba ukuthi: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Ngenxa yokuthi izinceku zikaJehova zilungiselela ukuphila ezweni elisha elinokuthula, ngeke zisayifunda impi. Zifunda umyalo wothando.—Johane 13:34, 35.
12. Yini okumelwe labo abalalela umyalo wothando bayenzele abanye?
12 Njengoba uthando lobuKristu luhlanganisa ‘nokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda,’ izinceku zikaJehova azinakuba nobugovu ngalokho ezikwaziyo. (Mathewu 22:39) Kusenabanye abaningi abayofuna ukukhonza uNkulunkulu futhi baphile ezweni lakhe elisha. Lapho kusenesikhathi, nabo laba badinga ukufunda ngomyalo wothando nangamanye amaqiniso amaningi aphathelene noMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Kumelwe bafundiswe ukuthi uJehova kuphela ofanelwe ukuba simkhulekele nokuthi iyiphi indlela lokho kukhulekela okufanele kwenziwe ngayo. (Mathewu 4:10; IsAmbulo 4:11) Labo asebezifundile kakade lezinto banesibopho sokutshela abanye ngazo ukuze nabo bamukelwe uJehova.—Hezekeli 33:7-9, 14-16.
Ukudalula Umuntu Ongenamthetho
13. Njengengxenye yobufakazi bethu bomhlaba wonke, yini okumelwe sazise ngayo, futhi ngani?
13 UJesu wathi “lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Njengengxenye yalobufakazi obunikezwa emhlabeni wonke, izinceku zikaNkulunkulu zinesibopho sokwazisa ngesahlulelo sikaNkulunkulu enkolweni yamanga, ikakhulukazi kubefundisi beLobukholwa. Laba yibona abanecala ngokwengeziwe emehlweni kaNkulunkulu ngoba bazisholo ukuthi bangamaKristu. Kumelwe badalulwe ukuze labo abafuna ukukhonza uNkulunkulu bakwazi ukukhululwa ethonyeni labo futhi bathathe izinyathelo ezifanele zokusinda. Njengoba uJesu asho: “[I]qiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:32.
14. Yisiphi isigijimi esicacile okumelwe simenyezelwe ngenkolo yamanga?
14 Ngakho, oFakazi BakaJehova kumelwe basenze saziwe lesigijimi esiphefumlelwe ngokuqondene nenkolo yamanga: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo. . . . Kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.”—IsAmbulo 18:4-8.
15. Unyaka ka-1914 waba nayiphi ingxenye esimisweni sikaJehova sezikhathi, futhi yini eyaba umphumela ngemva kweMpi Yezwe I?
15 Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zalesimiso sezinto zaqala ngonyaka obucayi ka-1914. (2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24:3-13) Kusukela ngalowonyaka ‘besisesikhathini sokugcina.’ (Daniyeli 12:4) Ngemva nje kweMpi Yezwe I, ngokuvumelana nesimiso sikaJehova sezikhathi, izinceku zakhe zaqala ukukwandisa ngentshiseko ukumemezela kwazo ngoMbuso kaNkulunkulu njengoba kwabikezelwa kuMathewu 24:14. Futhi zaqala ukudalula inkolo yamanga ngokunamandla ngokwengeziwe, ikakhulukazi isigaba sabefundisi esingenamthetho seLobukholwa eliyisihlubuki.
16. Ukudalulwa komuntu ongenamthetho kuye kwaba nomfutho kangakanani eminyakeni engaphezu kwengama-70?
16 Iminyaka engaphezu kwengu-70 manje, ngamandla anda njalo, izinceku zikaNkulunkulu ziye zaqaphelisa abantu ngezenzo ezidukisayo zomuntu ongenamthetho. KwakunoFakazi abayizinkulungwane ezimbalwa kuphela ababenza lokhu ngemva kweMpi Yezwe I. Kodwa manje sebebe “isizwe esinamandla” esingaphezu kwezigidi ezintathu nengxenye zezikhonzi ezishisekayo ezihlelekile ezisemabandleni angaphezu kuka-60 000 emhlabeni wonke. (Isaya 60:22) Ngezinga elandayo, izinceku zikaNkulunkulu zimemezela uMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko njengowukuphela kwethemba lesintu, futhi ngesikhathi esifanayo, zidalula abefundisi ngenxa yalokho abayikho—umuntu ongenamthetho okhohlisayo.
Kungani Benamandla Kangaka?
17. Kungani izinceku zikaJehova ziye zamdalula ngamandla umuntu ongenamthetho?
17 Kungani izinceku zikaJehova ziye zamdalula ngamandla umuntu ongenamthetho kuyo yonke leminyaka? Ngoba izigidi zesixuku esikhulu sezimvu zikaJehova kakade esezisendleleni eya ensindisweni kumelwe zivikelwe ezweni likaSathane nasenkolweni yalo yamanga. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9-14) Ngaphezu kwalokho, uma abefundisi bengadalulwa, abantu abanhliziyo-ziqotho abangakabi ingxenye yomhlambi kaNkulunkulu ngeke bayazi indlela yokugwema inkambo engalungile. Ngakho kumelwe baziswe, njengoba nje uJesu azisa abantu lapho esho lokhu ngokuqondene nabaholi benkolo abazenzisayo bosuku lwakhe: “Bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”—Mathewu 15:14; bheka nesiyesi-2 Korinte 4:4; 11:13-15.
18. Yini abafuni beqiniso abadinga ukuyazi?
18 Abefundisi bayingxenye yezwe likaSathane. (Johane 8:44) Kodwa yizwe uNkulunkulu azolibhubhisa ngokushesha. (2 Petru 3:11-13; 1 Johane 2:15-17) Ngakho iZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.” (Jakobe 4:4) Abefundisi basishaya indiva lesosixwayiso futhi bayaqhubeka begxambukela ezindabeni zezombangazwe. Batshela abalandeli babo ukuthi izwe elingcono liyoza ngemizamo yosombangazwe. Kodwa lelo ithemba elingamanga, njengoba lelizwe elingaphansi kukaSathane limuka. Ngakho abantu abalindele ukuthola ithemba kulelizwe bayakhohliswa. Badinga ukutshelwa iqiniso ngendawo lelizwe eliya kuyo nokuthi yini ezothatha isikhundla salo.—IzAga 14:12; 19:21; Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 21:4, 5.
19. Ukuthanda izwe kwabanye abefundisi kuye kwadalulwa kanjani ezindabeni zamuva nje?
19 Ukuthanda izwe kwabanye babefundisi kuye kwadalulwa ngisho nasezindabeni zamuva nje, ngokwesibonelo njengezindlela zokuphila zokuyelekelela nezokutamasa zabanye abefundisi bakumaTV. Omunye umbhali wezingoma wanamuhla waqamba ingoma enesihloko esithi: “Would Jesus Wear a [$10 000] Rolex [watch] on His Television Show?” (“Ingabe UJesu Wayengafaka [iwashi] iRolex [elibiza R28 000] Embukisweni Wakhe Wethelevishini?”) Lengoma iyaqhubeka ithi: “Ingabe uJesu ubengaba onengxenye kwezombangazwe ukuba ubengabuya emhlabeni, abe nomuzi waKhe wesibili ePalm Springs [yokunethezeka] futhi azame ukufihla ingcebo yaKhe?” Ngaphezu kwalokho, abefundisi abaningi ngokwandayo bayabuthethelela ubungqingili noma bayabenza. Ngisho namanje iSonto lamaKatolika eUnited States lisakhokha imali yenhlawulo eyizigidi zamarandi ngenxa yabefundisi abanamacala okunukubeza izingane ngokobulili.—Roma 1:24-27; 1 Korinte 6:9, 10.
20. Kungani izinceku zikaNkulunkulu kumelwe ziqhubeke zidalula umuntu ongenamthetho?
20 Izinceku zikaNkulunkulu azikwazi ukungakunaki ukona okunjalo kodwa kumelwe kudalulwe ukuze kuzuze abanye. Isixuku esikhulu sezinye izimvu kumelwe sivikelwe kulabo abazama ukusiholela ekwephuleni imiyalo kaNkulunkulu. Futhi labo “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa[yo]” kudingeka bafunwe futhi baqoqelwe esiqondisweni esivikelayo sikaMalusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, ‘noMalusi omuhle,’ uKristu Jesu.—Hezekeli 9:4; Johane 10:11; IzAga 18:10.
21. Yini oFakazi BakaJehova abayoqhubeka beyimemezela?
21 Ngakho, abantu bakaNkulunkulu ngeke banqikaze ukumemezela impindiselo yakhe ezweni likaSathane, kuhlanganise nomuntu walo ongenamthetho, abefundisi beLobukholwa. Bayosimemezela ngentshiseko isigijimi sengelosi esikusAmbulo 14:7: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” Futhi kulokhu kumemezela bayohlanganisa nesixwayiso esiphuthumayo esikusAmbulo 18:4 ngokuqondene nenkolo yamanga: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.”
Imibuzo Yokubukeza:
◻ Siyoba yini isiphetho somuntu ongenamthetho, futhi ngani?
◻ Yisiphi isibopho izinceku zikaJehova ezinaso ngabanye?
◻ Abantu bakaJehova baye bazigcina kanjani bengenacala egazini labo bonke abantu?
◻ Yini okumelwe siyenze ngokuqondene neBabiloni Elikhulu?
◻ Kungani sizoqhubeka nesigijimi sethu esinamandla ngokuqondene nomuntu ongenamthetho?
[Isithombe ekhasini 23]
Abaphostoli batshela inkantolo ephakeme: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu”
[Isithombe ekhasini 24]
Abantu abaqotho badinga ukwazi ukuthi lelizwe kanye nenkolo yalo kuyaphi