“Inkathi Yokuhaha”
UMA UMUNTU enobunzima ekuqedeni umkhuhlane ovamile, yiliphi ithuba analo lokuqeda isifo esiyinkimbinkimbi kakhulu sokuhaha?
Kubonakala sengathi ukuhaha nobugovu akudingeki ngisho nokuba kufundwe—ngokusobala kukumuntu kusukela ebuntwaneni. Ungabukela abantwana ababili bedlala ngamathoyizi abo futhi ukubone lokho.
Ukuhaha komuntu ngamunye kuvame kakhulu futhi kubi ngokwanele, kodwa uma sekuziwa ekuhaheni kwesizwe noma kwezizwe zonke, izigidi ziyalimala. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuthengiswa kwezidakamizwa ezizweni zonke. Umagazini wesiPanishi uthi leli ibhizinisi elikhulu kunawo wonke emhlabeni—lenza amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-780 ngonyaka. Ukuphila okuyizigidi kucekelwa phansi, futhi ukufa ngaphambi kwesikhathi okungenakubalwa kubangelwa ukusebenzisa kabi izidakamizwa. Iyini imbangela eyinhloko yalokhu kuchuma okwethusayo kwebhizinisi lezidakamizwa? Ngokungangabazeki, ukuhaha.
IWorld Press Review iyasiveza lesisusa esiwukuhaha. Icaphuna umagazini wezindaba waseMadrid iCambio 16, ogomela ngokuthi “amaphesenti ayi-10 kuya kwama-20 kuphela ayo yonke inzuzo etholakala ngokuthengiswa kwezidakamizwa aya emazweni azikhiqizayo. Amanye amaphesenti ayi-10 abuyiselwa emuva kubathengisi ngokuba asekela ukwakhiwa kwezindawo zokucwaninga kwezesayensi, ukuthengwa kwezimoto, nezikhali. . . . Esalayo igcina isemazweni athengiselwayo nasenteleni yesimiso somhlaba sokugcina imali.”
Lokhu kuphikisana nombono wokuthi ukuntula kuyimbangela yokuhaha, ukuthi ukuhaha kuyisici esikubantu abampofu kuphela noma abangenawo amalungelo. Ngokusobala, ukuhaha kuwubuthakathaka bomuntu obande kakhulu obuhilela zonke izingxenye zomphakathi, kuhlanganise nalabo abangantuli neze. Esinye sezici eziyinqaba zokuhaha ukuthi akuve kungabonakali—ngisho nabantu ngokuvamile abaneliswa abanakho ekuphileni bangabonisa ukuhaha uma bengase banikezwe ithuba bengazelele.
Umhleli wephephandaba uMeg Greenfield uyabubula: “Uma uvula iphephandaba lakho nganoma yiluphi usuku ufunda ngamajaji nangabashushisi abakhethekile nangokufunwa kwezimali okungabazisayo, ukukhwabanisa nokukhohlisa, futhi kuyacindezela ngempela. Ngisho nokuvuma ukuthi amanye amacala alethwayo awanasisekelo futhi amanye achithwe, kusobala kimi ukuthi abantu bebelokhu benza izinto futhi bengajeziswa ngokwenza izinto obekungafanele neze zivunyelwe. . . . Nakhu lapho sesikhona: ngisho neziningi zezenzo zethu zokukhathalela abanye ziwukuzanelisa thina siqu, ziwukuhaha.”
Kwande Kangakanani?
Ukuhaha akuyona into entsha phakathi kwesintu, nakuba ngokungangabazeki kuye kwakhula ngenxa yokucindezela kokuphila kwekhulu leminyaka lama-20. Ukuhaha kwande kangangokuthi isihloko esithile kuyiChristian Century setha ishumi leminyaka lawo-1980 igama esinomuzwa wokuthi lifanelana namagama anjengokuthi “INkathi Yokukhathazeka” yawo-1950 noma “INkathi YobuMina” yawo-1970. Sibiza iminyaka yawo-1980 ngokuthi “INkathi Yokuhaha”!
Namuhla, ukuhaha kungabonakala kuzo zonke izindawo lapho abantu behlangana khona ndawonye—emisebenzini, ezikoleni, nasemphakathini wonkana. Kuye kwafaka ithonya lakho elonakalisayo kwezentengiselwano, kwezombangazwe, ngisho nasezinkolweni ezinkulu zomhlaba.
Kaningi, ukuhaha kukhula kube ukonakala noma ukukhohlisa. Ngokwesibonelo, iCanberra Times, ibhuqa iAustralia ngokuyinika udumo lokuba ngehola izwe ekukhohliseni emishuwalenseni yezimoto. ILaw Society Journal yaseAustralia ibonakala ikusekela lokhu, ithi: “Izitatimende/ukubiza izimali kokukhohlisa okwenziwa abantu abanemishuwalense kukhokhisa izinkampane zemishuwalense, nabantu abangenayo imishuwalense ngokuqondile, izigidi zamadollar unyaka ngamunye.” Lomagazini wenezela ngokuthi “kuyinkinga engathi sína ngokwandayo, ikakhulukazi ezindabeni zokushiswa kwezakhiwo ngamabomu, ukuphangwa kwempahla echwebeni, nemishuwalense yezimoto neyempahla yasendlini.”
Ngakho kulula ukuqonda ukuthi kungani abantu abaningi bewuhleka usulu umqondo wokuthi ukuhaha kuyoke kuphele. Phela, banomuzwa wokuthi ukuhaha kuyohlala kukhona phakathi kwethu nokuthi izwe elingenakho ukuhaha limane nje liyiphupho elingenakufezeka.
Ukuhaha Kuyosuswa
Lokhu kugomela okungenhla okuzwakala kungenakwenzeka kungenziwa ngasiphi isisekelo? Kusekelwe eqinisweni lokuthi izwe elingenakho ukuhaha seliyakhiwa kwamanje. Nakuba lokhu kwakha kungaphelele, kuyabonisa ukuthi yini engenziwa uma kunemfundo efanele namandla ashukumisayo. Isihloko esilandelayo sizobonisa indlela elingaba khona ngayo izwe lonke elingenakho ukuhaha.