Cabanga Ngezwe Elingenakho Ukuhaha
INGABE ungalibona ngeso lengqondo izwe lapho abantu bebambisana khona kunokuba bancintisane? Lapho abantu bephatha abanye ngendlela bona ngokwabo abangathanda ukuphathwa ngayo? Lezi izici zezwe elingenakho ukuhaha. Yeka izwe okungaba yilo! Ingabe liyoke lifike? Yebo, liyofika. Kodwa ukuhaha—into egxile kangaka esintwini—kungasuswa kanjani?
Ukuze sithole impendulo, kumelwe siqale siqonde indabuko yokuhaha. IBhayibheli libonisa ukuthi kwakungesona isici sohlanga lwesintu ngaso sonke isikhathi. Umprofethi uMose uyasikhumbuza ukuthi akukho sici esinjengokuhaha esasikhona ekuqaleni kumuntu wokuqala, oyindalo ephelele yoMdali ongenakho ukuhaha: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke ezindlela zakhe zingukulunga.” Ngakho-ke, ukuhaha kwavelaphi? Abantu ababili bokuqala bakuvumela ukuba kube khona kubo—uEva elindele ngokuhaha lokho ayezokuthola ngokudla isithelo uNkulunkulu ayesenqabele, uAdamu ngokuhaha engafuni ukulahlekelwa umkakhe omuhle. UMose wanezela lokhu, okungamazwi ayeyiqiniso futhi ngoAdamu noEva: “Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo.”—Duteronomi 32:4, 5; 1 Thimothewu 2:14.
Ngesikhathi sikaZamcolo wosuku lukaNowa, ukuhaha nokufisa kwase kukhule kwafika ezingeni lokuthi “ububi bomuntu [base bu]bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe [zi]zimbi njalo.”—Genesise 6:5.
Lesimo sengqondo sokuhaha esibusayo kumuntu siye saqhubeka kwaze kwaba manje, futhi kubonakala sifinyelela izinga eliphakeme emphakathini wanamuhla ongabongi nohahayo.
Ukuqeda Ukuhaha Ngemfundo
Njengoba nje ukuhaha kuye kwakhula phakathi kwabantu, kanjalo okuphambene nakho kungenzeka. Ukuhaha kunganqotshwa. Nokho, ukuze lokhu kwenzeke, kudingeka imfundo nokuqeqeshwa okufanele, kulandelwa iziqondiso noma imithetho eqinile yokuziphatha. Lokhu kungazwakala kunengqondo, kodwa ubani onganikeza uhlobo olunjalo lwemfundo futhi aqiniseke ukuthi lokho okufundwayo kuyenziwa—futhi kuyaphoqelelwa nokuphoqelelwa uma kudingekile?
Imfundo enjalo kufanele ivele emthonjeni ongenakho ukuhaha. Akumelwe kube khona izisusa ezingafanele, noma okuthile okulindelwe njengenkokhelo ngenxa yokuqeqesha okunjalo. Ngaphezu kwalokho, ukubaluleka nokuba nokwenzeka kokungabi nabugovu kumelwe kufundiswe futhi kuboniswe. Ofundayo udinga ukuqiniseka ngokuthi indlela enjalo yokuphila akukhona nje ukuthi ingenzeka kodwa futhi iyindlela engcono, ezuzisa yena nabamzungezile.
UNkulunkulu wezulu kuphela onganikeza loluhlobo lwemfundo, ngoba imuphi umuntu noma inhlangano emhlabeni engaba nezimfanelo nolwazi olufanele? Bonke abantu abafaneleki ngenxa yaleliqiniso leBhayibheli: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
Ngokujabulisayo, uJehova, uNkulunkulu wezulu, uyayinikeza imfundo enjalo encwadini yakhe ebhaliwe, iBhayibheli EliNgcwele. INdodana yaKhe, uJesu Kristu, yalumelela loluhlobo lokufundisa ngesikhathi ingumuntu emhlabeni. Phakathi neNtshumayelo kaJesu edumile YaseNtabeni, wakhuluma ngendlela yokuphila eyazwakala ingavamile kwabaningi balabo ababelalele, ngoba yayihlanganisa ukungabi nabugovu ngisho nasezitheni noma abaphikisi bakhe umuntu. UJesu wathi: “Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe-ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?”—Mathewu 5:44-46.
Ingxenye yomsebenzi uJesu ayethunywe ukuba awenze emhlabeni yayiwukuba aqeqeshe abafundisi abangenabugovu ukuze nabo bafundise abanye lendlela yokuphila engenabugovu. Esikhathini esithile ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, umphostoli uPawulu waba ngomunye wabafundisi abanjalo. Kweziningi zezincwadi zakhe eziphefumlelwe, uPawulu wakhuthaza ukususwa kokuhaha. Ngokwesibonelo, wabhalela abase-Efesu: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe [“ukuhaha,” NW], makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.”—Efesu 5:3.
Ngokufanayo namuhla, oFakazi BakaJehova bafundisa amadoda nabesifazane ukubamba ukuthambekela kokuhaha. Ngemva kwesikhathi laba nabo baba ngabafanelekayo ukuba baye kofundisa abanye izindlela ezinjalo zokwesaba uNkulunkulu.
Lapho Amaqiniso EBhayibheli Esebenza
Kodwa ungase ubuze: ‘Ingabe abantu abangaphelele, abanokuhaha okugxilile kubo, bangakusiphula ngempela ebuntwini babo?’ Yebo, bangakusiphula. Yiqiniso, hhayi ngokuphelele, kodwa ngezinga eliphawuleka ngempela. Make sicabangele isibonelo salokhu.
Othile owayeyisela elaziwayo wayehlala eSpain. Ikhaya lakhe laligcwele izinto ezebiwe. Khona-ke waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, unembeza wakhe waqala ukumhlupha, ngakho wanquma ukubuyisela izinto ayezebile kubaninizo. Waya kowayengumqashi wakhe wavuma ukuthi wayemebele umshini omusha wokuwasha. Umqashi, ehlabeke umxhwele kakhulu ngenxa yesimo esishintshile, wanquma ukungawatsheli amaphoyisa kodwa wamane wamvumela lona owayeyisela ukuba akhokhe imali yalowomshini wokuwasha.
Ngokulandelayo, lona owayeyisela oseguqukile wazimisela ukuvakashela bonke abanye abantu ayekhumbula ukuthi wayebebele nokuba abuyisele izinto ayezebile. Wonke umuntu amvakashela wamangala ukuthi ngenxa yokusebenzisa kwakhe izimiso zeBhayibheli, wayesenalesimo sengqondo esishintshe kangaka.
Manje wabhekana nobunzima bangempela. Wayengabazi abanikazi bezinto eziningi ayesenazo. Ngakho, ngemva kokuthandaza kuJehova, waya ekomkhulu lamaphoyisa wayisa imisakazo yezimoto yestereo eyisithupha ayeyebe ezimotweni. Amaphoyisa amangala, njengoba ayengakaze abe necala emaphoyiseni. Anquma ukuthi kufanele akhokhe inhlawulo adonse isigwebo esifushane.
Lona owayeyisela manje usenonembeza ohlanzekile, njengoba eseshiye impilo yakhe yobugebengu nokuhaha ukuze abe ingxenye yebandla lomhlaba wonke loFakazi BakaJehova.
Kunganikezwa izinkulungwane zezibonelo ezinjalo. Nakuba labo abenze izinguquko ezinjalo ekuphileni kwabo bakha inani elincane kakhulu labantu abasemhlabeni, iqiniso lokuthi baye benza kanjalo libonisa amandla abangela okuhle atholakala ngokwazi nangokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.
Njengoba unyaka ngamunye udlula, abantu abengeziwe bathatha lendlela yokuphila. Kunikezwa imfundo yeBhayibheli emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-60 000 emhlabeni wonke. OFakazi abakulindele ukuguqula lonke izwe manje, basuse ukuhaha ezinkulungwaneni zezigidi eziphila manje. Noma kunjalo, isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi ngokushesha manje, indlela yokuphila engenakho ukuhaha ngokushesha iyoba khona emhlabeni wonke!
Izwe Elisha Elingenakho Ukuhaha
Ngeke ibe khona indawo yokuhaha nobugovu ezweni elisha elizayo. Umphostoli uPetru usiqinisekisa ngokuthi ukulunga ngeke kube isici esiphawula “amazulu amasha” kuphela kodwa futhi siyophawula “nolomhlaba omusha.” (2 Petru 3:13) Ukuhaha kuyoba phakathi kwezinto ‘zokuqala’ eziyobe zidlulile, kanye nokugula, ukudabuka, ngisho nokufa.—IsAmbulo 21:4.
Ngakho, uma ukhathazwa ukuhaha okukhulayo kanye nendlela yokuphila yobugovu ebonakala isizungezile namuhla, khuthazela! Qala manje ukuphilela izwe elisha elizayo elizoba khona ngokoqobo ngokushesha. Ngosizo lukaNkulunkulu, lwela ukususa ukuhaha ekuphileni kwakho siqu. Hlanganyela ekusizeni abanye ukuba babone izinzuzo ezingajatshulelwa njengamanje ngenxa yokuphila kobuKristu. Kholelwa futhi uthembele ezithembisweni zikaJehova uNkulunkulu zokuthi ukuhaha ngokushesha okukhulu kuzoba phakathi kwezinto eziningi ezingathandeki ‘ezingasayikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.’—Isaya 65:17.
[Isithombe ekhasini 5]
UJesu wakhuluma ngendlela yokuphila ethuthukisa ukungabi nabugovu, hhayi ukuhaha
[Isithombe ekhasini 7]
Ngokushesha—izwe elingenakho ukuhaha