Ukuthula Kwezwe—Kuyosho Ukuthini Ngempela?
UKUTHULA kwezwe uNkulunkulu anakho engqondweni kuyohilela okungaphezu kakhulu kokuyeka ukudubulana embulungeni yonke noma ukuma nsé kwenuzi. Lokhu kubonakala ngendlela iBhayibheli elisebenzisa ngayo igama elithi “ukuthula.”
Ngokwesibonelo, emiBhalweni YesiHeberu (“iTestamente Elidala,”) igama elihunyushwe ngokuthi ukuthula elithi sha·lohmʹ. Uhlobo lwaleligama lusetshenziswe kuGenesise 37:14, lapho inzalamizi uJakobe itshela indodana yayo uJosefa: “Ubone ukuthi basahlezi kahle [baphephile futhi basaphilile, NW] yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.”a Igama elithi sha·lohmʹ lisetshenzisiwe futhi kuGenesise 41:16 (NW), lapho lihunyushwa khona ngokuthi “inhlala-kahle.”
Ngakho-ke, ngomqondo weBhayibheli ukuthula kwangempela akuhileli nje ukuphela kwenzondo kodwa futhi kuhilela nempilo, ukuphepha, nenhlala-kahle. Umagazini wethu owandulelayo wabonisa ukuthi abantu abakwazi ukuxazulula indida yokuthi bangakuletha kanjani ukuthula. UJesu Kristu kuphela, “iNkosi yokuthula,” oyohlanganisa izingcezu abese eletha ukuthula kwangempela emhlabeni. (Isaya 9:6, 7) Ngokwesibonelo, ake ucabange ngalokho iBhayibheli elikuprofethayo kumaHubo 72:7, 8 ngokubusa kwalowo muntu: “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” Ake ucabange—impilo enhle, ukulondeka, nenhlala-kahle ngesilinganiso somhlaba wonke! Asikho isivumelwano sezombangazwe esingake sikufeze lokho. UMbuso kaNkulunkulu kuphela ongakufeza, futhi uyofinyelela nokunye okwengeziwe. IBhayibheli lisinikeza imibono engokwesiprofetho eminingana evusa amadlingozi yalokhu kuthula kwezwe kwesikhathi esizayo. Ake sihlole eminye yayo.
Ukupheliswa Kwezikhali Embulungeni Yonke—Indlela KaNkulunkulu!
IHubo 46:8, 9 lithi: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” Amagama athi “umnsalo,” “umkhonto,” nelithi ‘inqola yempi,’ ayizimpawu zanoma iyiphi inhlobo yesikhali sempi noma imishini yempi. Ngaleyondlela uJehova udlulela ngalé kokunciphisa izikhali noma ngisho nokuqedwa ngokuphelele kwezikhali. Uziqeda ngokuphelele izikhali zenuzi, izinganono, ombayimbayi, imishini ekhipha izikhali ezitshuzayo, amabhomu ajikijelwayo, iziqhumane zepulasitiki, izibhamu, amavolovolo—noma yini engasongela ukuthula kwembulunga yonke!
Nokho, izikhali zizodwa aziyibangeli impi. Ngokuvamile, impi isuka esimweni senzondo, sobugovu, noma sobudlova sabantu abangaphelele. (Qhathanisa noJakobe 4:1-3.) Ngakho-ke uMbuso kaNkulunkulu uyohlasela lembangela ewumsuka yempi ngokuqeda izici ezinjalo ezimbi zobuntu kubantu. Kanjani? Ngesimiso semfundo sembulunga yonke. “Umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
Njengoba isintu siyobe ‘sesifundiswé nguJehova,’ ngeke sisakubona ukwehluka ngokohlanga njengesisekelo sempi, ubutha, noma ukuqhosha. (Johane 6:45) “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,” futhi izakhamuzi zomhlaba ziyobonisa ukungakhethi kwakhe. (IzEnzo 10:34) UMbuso futhi uyoqeda noma yikuphi ukuba nokwenzeka kwezimpi zobuzwe ngokuqeda imingcele yobuzwe. ‘Kusukela olwandle kuze kube-solwandle, kuze kube-semikhawulweni yomhlaba,’ bonke bayofunga ukuzinikela kwabo kokuzimisela nokokubonga ekubuseni kukaKristu.—IHubo 72:8.
Ukuze ukuthula okunjalo kuhlale njalo, uMbuso uyoqeda namandla ahlukanisa kakhulu emlandweni wesintu: inkolo yamanga. (Zefaniya 2:11) Isintu siyoba nobunye ekukhulekeleni kwaso okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Isaya 2:2, 3) Ubuzalwane bomhlaba wonke buyochuma!
Ukuthula Ekhaya
Nokho, ukuthula kwezwe bekuyozuzisa ngani uma amakhaya abantu eyinkundla yempi lapho kujikijelwana khona njalo ngokuhlambalaza, amazwi alimazayo, nezinsongo. Okunjalo kuyenzeka emikhayeni eminingi namuhla. Eminye imikhaya igubuzela izinzondo ezijulile ngesembozo sokuthula kokungabi namzwelo.
Ngakho-ke ukuthula kweqiniso kumelwe kuhlanganise nokuthula kwasekhaya. Ngaphansi kwesimiso sokufundisa soMbuso, amadoda namakhosikazi ayofundiswa ukuphathana ngothando nangenhlonipho. (Kolose 3:18, 19) Abantwana bayofundiswa ukuba ‘balalele abazali babo ezintweni zonke.’ (Kolose 3:20) Ngeke kube nentsha ehlubukayo ukuze ikhungathekise futhi ikhathaze abazali bayo. Ukulalela kuyoba isimiso, ukubambisana kube umthetho. Kuyoba injabulo ukubona abantwana futhi kube intokozo ukuba khona kwabo.
Namuhla, ukucindezela kwezomnotho kukukhulisa kakhulu ukucindezeleka komkhaya, njengoba ngokuvamile bobabili abazali bephoqeleka ukuba bathwale imithwalo enzima yemisebenzi yokuziphilisa. Kodwa ngaphansi kokubusa kukaKristu, imikhaya iyokhululwa emithwalweni engokwezimali ecindezelayo—izintela eziphakeme zezindlu, izinkokhelo eziphakeme kakhulu zezindlu, izintela eziphakame, ukungasebenzi. Umsebenzi owanelisayo, obeka inselele uyoba mningi. Futhi akekho okuyodingeka angabi nakhaya. Phawula indlela isiprofetho esikuIsaya 65:21-23 esiwaqokomisa ngayo lamaqiniso: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo . . . Abayikwakha, kuhlale omunye; abakuyikutshala, kudle omunye, . . . nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba-nabo.”
Ake uzicabange uphila endaweni engakusongeli ngokubukeka kwayo okubi, imisindo, namaphunga ezinto ezonakele zasemadolobheni! Ake ucabange uphila endaweni eluhlaza—indawo yakho—ehlakuliwe, yalinywa, yalungiswa ngokuphelele. Ake ucabange uphefumula umoya ohlanzeke ngokuqabulayo; ungawuzwa umsindo omubi wempucuko yanamuhla, kodwa imisindo eqabulayo, yemvelo. Yiqiniso, abanye abantu abanenhlanhla kakade bajabulela isilinganiso esithile sezinye zalezizinto. Kodwa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, izimo zokuphila ezinokuthula ziyojatshulelwa yibo bonke. Ngeke kube khona abampofu, abalambile, nabaneshwa.—IHubo 72:13, 14, 16.
IBhayibheli lithembisa futhi ukuthi “ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:22) Lokho kusho ukuqedwa kobugebengu. Uma umntwanyana wakho eyodlala, ngeke kudingeke ukhathazeke ngabanukubezi noma abathumbi babantwana abacashe emathunzini, izimoto ezishayelwa abashayeli abadakiwe ziphaphalaza, noma amaqembu entsha azulazulayo adakwe izidakamizwa. Abantwana bakho bayodlala endaweni ephephe futhi elondeke ngokuphelele.
Ukuthula Nenhlala-kahle Yakho Siqu
Okokugcina, kunesici senhlala-kahle yomuntu siqu. Ngisho nezimo zePharadesi azibudambisi ubuhlungu bomdlavuza noma izinhlungu zesifo samathambo (arthritis). Ngakho-ke ukuthula kweqiniso kumelwe kuhlanganise nokuqedwa kwezifo, ukugula, nokufa. Ingabe into enjalo ingenzeka? Lapho esemhlabeni, uJesu Kristu wakubonisa ngokuphindaphindiwe ukuba namandla kwakhe ezifweni zabantu. (Mathewu 8:14-17) Esendaweni yasezulwini, engcono uKristu uyokwazi ukwenza izimangaliso emhlabeni wonke! IBhayibheli liyathembisa: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 33:24; 35:5, 6.
Nokho, umkhankaso kaKristu wokuqeda usizi lwabantu ngeke ugcine lapho. Umphostoli uPawulu uyachaza ngokuqondene nokubusa kukaKristu: “Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.” (1 Korinte 15:25, 26) Lokhu kusho ukulungisa wonke umonakalo ukufa okuye kwawubangela esintwini kusukela khona kanye ekuqaleni. Njengoba uJesu Kristu ngokwakhe echaza: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi [likaKristu], . . . baphume.” (Johane 5:28, 29) Ngakho-ke izigidi ezingenakubalwa eziye zaphila futhi zafa osizini ziyoba nethuba lokuhlanganyela ekuthuleni kwezwe okuzayo.
Ingabe wena uyohlanganyela kukho? OFakazi BakaJehova bakunxusa ukuba ufunde okwengeziwe ngalokho iBhayibheli elikufundisayo mayelana nalokhu.b Ithemba lokuthula kwezwe alive livusa amadlingozi, alive lingokoqobo, ukuba linganganakwa. Qiniseka ngokuthi uma uzikhandla ekufundeni nasekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu, “uNkulunkulu wokuthula uyakuba-na[we]”—phakade!—Filipi 4:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwezwi nezwi, “Bheka ukuthula kwabafowenu nokuthula komhlambi.”
b Isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala singahlelwa ngokubhalela abanyathelisi balomagazini.
[Isithombe ekhasini 5]
UJehova uyophelisa izimpi “kuze kube-semikhawulweni yomhlaba”
[Umthombo]
USAF Official Photo
[Isithombe ekhasini 6]
Amadoda namakhosikazi ayofundiswa ukuphathana ngokuthula