‘Gxila’—Ungakhubeki
IMPIKISWANO enkulu kunazo zonke ebhekene nesintu namuhla eyobukhosi bendawo yonke. UJehova usimema ukuba sithathe ukuma futhi sibalwe kulendaba ngokuzithoba eNkosini yakhe emisiwe, uKristu Jesu. Kunesidingo esiphuthumayo sokusabela kulesimemo, futhi eminyakeni emihlanu nje edlule, abantu abangaphezu kwesigidi baye benza kanjalo. Kodwa laba baye bathola ukuthi kuhileleke okwengeziwe ekuthatheni ukuma kunesinqumo esenziwa ngezikhathi ezithile sokukhonza uJehova. Kumelwe kube nokuzinikezela kwesikhathi sokuphila konke. Ingabe siyokulondoloza ukuma kwethu lapho kuba nzima? Noma ingabe siyoba buthaka kancane kancane, ngemva ‘kokugxila’ ekuqaleni?—1 Korinte 16:13; Heberu 2:1.
Uma uthola inkambo yobuKristu inzima, duduzeka ngokwazi ukuthi kwakunjalo nangoJesu Kristu. Yebo, ngisho neNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa kwakudingeka ithandazele amandla ukuze ilondoloze ukuma kwayo, ikakhulukazi lapho ukuvivinywa kwayo okukhulu kusondela. Ake uyibone ngeso lengqondo isensimini yaseGetsemane, ithandaza ngobuqotho: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesisitsha, kepha kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” (Marku 14:36) Yayazi ukuthi inkambo eyayiza ngaphambili yayinzima. Yayikuqaphela ngokukhethekile ukuthi igama likaYise laliyothinteka. Ngenxa yalokho, umuntu okunguye yedwa owayephelele emhlabeni wayengenamahloni okucela usizo.
Lapho kuba nzima ngathi, sinomthombo ofanayo wamandla uJesu ayenawo. Singathandazela usizo kuJehova ukuze singakhubeki noma siwe. Kodwa luhlobo luni lwezingozi olungase luvele ukuze lusikhube? Ukwazi lokhu nokulungiselela kusengaphambili mhlawumbe kungasisiza ukuba sigweme ukukhubeka.
Ushushiso Lungasikhuba
IBhayibheli liyaxwayisa: “Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa [bayoshushiswa, NW].” (2 Thimothewu 3:12) Ushushiso lungasenza ukuba sikhubeke, futhi luza luyizinhlobo eziningi. (Marku 4:17) Lungase lube ukuvinjelwa okungokomthetho—okuletha ingozi yokuvalelwa ejele ngisho nokufa—ukuhlukunyezwa isixuku, ukuphikisa kwansuku zonke okuqeda ukholo komngane womshado ozimisele, ophikisayo, noma ukuhlekwa njalo ofunda nabo esikoleni.
Kunzima ukulubekezelela ushushiso, kodwa sixwayiswa ngokuthi uhlobo lwalo oluthile luyokwenzeka. Ngenxa yalokho, singalwakha manje ukholo lwethu futhi sifunde ukuthembela emandleni kaJehova ukuze kuthi lapho lesosikhathi sifika, sikwazi ukubekezela ngalawomandla. (1 Petru 4:13, 14; 5:6-11) Nokho, ngokuvamile izikhubekiso azibonakali ngokwengeziwe kunokuhlasela okubuhlungu koshushiso.
Ukudumazeka Kungalwenza Buthaka Ukholo
Ubani ongawukhumbuli umuzwa obuhlungu owaba khona lapho sisengabantwana futhi sizizwa sidumele? Usasikhumbula isikhathi lapho uBaba ethembisa into ekhethekile yokujabulisa umkhaya futhi kamuva ngenxa yesizathu esithile washintsha ingqondo yakhe? Noma isikhathi ezoniyisa ezoo futhi ngomzuzu wokugcina kwadingeka ukuba ayeke? Yeka ukuthi wawudumele kanjani!
AmaKristu akhulile nawo angadumazeka, futhi lokhu kwezinye izimo kuye kwaholela enhlekeleleni engokomoya. Abanye babeka ithemba labo osukwini ababeqiniseka ukuthi iArmagedoni yayizofika ngalo. Lapho kungenzeki lutho ngalolosuku, bazizwa bedumele. Abanye badumala lapho bengalitholi ilungelo ababenethemba lokulithola. Ngaphezu kwalokho, abantu bangaba abadumazayo. Enye intombazane eneminyaka engu-18 ubudala yatshela abazali bayo ukuthi yayidunyazwe kakhulu ukuziphatha kwezinye izinsizwa ebandleni—nokwehluleka kwabazali bazo ukuzeluleka—kangangokuthi yayingasafuni kuzwa lutho ngeqiniso.
Nakuba ukudumazeka kuqondakala ngaphansi kwazo zonke lezizimo, ingabe abadumazekile kufanele bakhubeke bedela ubuhlobo babo noJehova? Ake ucabange ngokudumazeka kukaJesu lapho abaphostoli bakhe bephikelela bephikisana ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo, ngaleyondlela bebonisa isimo sokuzicabangela ngokweqile. (Luka 9:46; 22:24) Futhi ake ucabange ngokudumazeka kukaJobe lapho abangane abathathu okwakufanele bamsize bemphendukela futhi beqala ukungabaza ukwethembeka kwakhe! (Jobe 22:5-10) Kodwa, uJesu noJobe abazange bakhubeke.
Bonke abantu babuthakathaka, ngakho bekungaba okungenangqondo ukuvumela ukwehluleka kwabanye kuthinte ubuhlobo bethu noJehova. (IHubo 51:5) Ukungapheleli kwabanye akufanele kusenze singawuboni umsebenzi omuhle uJehova awenzayo njengoba ebuthela “ndawonye kuKristu konke.” (Efesu 1:9, 10) Hlala ukhumbula ukuthi abantu abangaphelele, abasilela njengathi uJehova ababuthayo, abantu abadinga ukuyalwa nokucwengwa ukuze baqine. (IHubo 130:3) Oyisitha sethu akuyena umfowethu ongumKristu ongaphelele kodwa uSathane, ofuna ukusishwabadela uma engase akwazi. Ngeke aphumelele uma ‘simelana naye siqinile okholweni.’ (1 Petru 5:8, 9) Uma sinokholo olunjalo, nakanjani ngeke ‘sijabhe [sidumale, NW].’—Roma 9:33.
Ukuzahlulela Kungabulala
Abanye baye balahlekelwa ubuhlobo babo noJehova uNkulunkulu ngenxa yomuzwa othile wokungafaneleki. Bekhathazeka ngobuthakathaka nangokushiyeka kwabo siqu, bafinyelela esiphethweni sokuthi uJehova ngeke ayamukele inkonzo yabo. Banomuzwa wokuthi kumane kuwukuzenzisa ngothile onjengabo ukuba athi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ingabe wake wazizwa ngaleyondlela? Uma kunjalo, kumelwe ulwisane nemizwa enjalo.
Ingabe uzizwa ungakufanelekele ukukhonza uJehova? Khona-ke zibuze, ‘Ngubani olifanelekelayo lelilungelo elikhulu?’ Wonke amaKristu alwisana ngokuqhubekayo nokungapheleli kwawo siqu. Ngisho nomphostoli uPawulu wakhononda: ‘Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.’ (Roma 7:21) Ingabe uPawulu wayengumzenzisi ngenxa yokuthi ngezinye izikhathi wayenza izinto ezazingezinhle? Cha. Umzenzisi umuntu ozishaya lokho angeyikho. Uma silwela ukwenza okulungile kodwa sishelela ngezikhathi ezithile naphezu kwemizamo, ingabe lokho kuwukuzenzisa ngokuthile? Cha akunjalo.
IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sembathe ubuntu obusha.’ (Efesu 4:24) Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi silahlekelwa yizo zonke izici zobuntu obudala? Cha. Encwadini yakhe eyayiya kwabaseKolose, uPawulu wathi ubuntu obusha ‘buwukwenziwa basha’ ngolwazi oluqondile. (Kolose 3:9, 10) Amazwi athi ‘ukwenziwa basha’ asikisela isenzo esiqhubekayo. Ngakho ukuguqula ubuntu bethu kuyinqubo eqhubekayo. Khona-ke, akumangazi ukuthi ngezikhathi ezithile sithola izici ezithile ezimbi kithi.
Nokho, lokhu akushiwo ukuze kululazwe ukungathi sína kwesono, futhi akusho ukuthi singaziyekelela ukuba silingwe ngaphandle kokuba silwe, sithatha ngokuthi uJehova uyosithethelela ngokuzenzakelelayo. Kodwa kuyasisiza ukuba singazigxeki ngokungenangqondo. Futhi kusenza sithande uJehova ngokwengeziwe ngenxa yokuthi walungiselela umhlatshelo kaKristu oyisihlengo ukuze simkhonze naphezu kwesimo sethu sesono esisizuze ngefa.
Umphostoli uJohane wanikeza umbono olinganiselwe ngalendaba lapho ethi: “Nginilobela lokhu ukuba ningoni.” Kodwa wayesenezela ngendlela engokoqobo: “Kepha uma umuntu ona [ngenxa yokungapheleli kobuntu], sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu.” (1 Johane 2:1) Kunokuba sizahlulele ngokweqile, lokhu kuqonda isimo sethu nosizo uJehova aye walulungiselela kusiholela ukuba sinanele amazwi kaPawulu: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu.”—Roma 7:25.
Ungahlali Ukhubekile
UJesu wanikeza isixwayiso esiqinile kunoma ubani ongase abe yimbangela yokukhubeka: “Okhubekisa abe-munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.” (Mathewu 18:6) Kodwa kuthiwani ngalowo okhubekile? Uma sikhutshekiswe othile noma isimo esithile, ingabe kufanele sizithethelele bese sithi, “Nokho, akulona iphutha lami, ngakho ngeke ngisamkhonza uJehova”?
Cabangela lomfanekiso. Ingabe uke washelela ekhekhebeni leqhwa noma wakhubeka esitebhisini? Mhlawumbe leyonhlekelele yakumangaza. Kuyaqondakala ukuthi wazithola unabalele phansi. Kodwa yini owayenza ngemva kwalokho? Ingabe wathi: “Akulona iphutha lami ukuthi ngilale lapha. Yiqhwa [noma isitebhisi] okufanele lisolwe. Ngakho ngeke ngiphinde ngivuke”? Ngokunokwenzeka ngokwengeziwe, wasukuma futhi wasuka ngokushesha ngangokunokwenzeka kuleyondawo eyayikuphathisa amahloni.
Ingabe okufanayo ngeke kube yiqiniso ezindabeni ezingokomoya? Uma sicasulwe isimo esithile noma omunye umKristu esikanye naye, leyo inkinga engathi sína okufanele isingathwe. Nokho, uma sihlala sikhubekile, siphikelela ekusoleni othile ngenkinga yethu, akulona yini iqiniso ukuthi isimo sethu siya siba iphutha lethu ngokwengeziwe?
Ngokujabulisayo, uma sikhubekile, abadala nabanye abavuthiwe ebandleni bezimisele kakhulu ukusiza. (Galathiya 6:1) Futhi uJehova ngokwakhe unikeza amandla kulabo abafisa ukumkhonza naphezu kobunzima. (Filipi 4:13) Ngakho kufanele ngaso sonke isikhathi silungele ukucela usizo uma kubonakala sengathi okuthile kuzophazamisa ukumelela kwethu okuqinile uJehova noMbuso wakhe. Khona-ke ngeke senze uSathane ukuba anqobe ngokukhutshekiswa bese sihlale siphansi.
Umi Kuphi?
Usuku ngalunye, izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zibhekana nezimpikiswano ezivivinya ukuzinikela kwazo kuJehova. Kungakhathaliseki ukuthi kudingeka zibhekane nani, kumelwe zime futhi zibalwe ohlangothini lweNkosi kaJehova yobuMesiya. Ababusi abanamandla balomhlaba baye bathatha ukuma kwabo ‘ngokumelene noJehova nangogcotshiweyo wakhe.’ Yeka ilungelo esinalo lokummelela!—IHubo 2:2.
Nokho, asinakukwazi ukumelana nethonya lalesimiso sezwe lonke ngokwethu, ngakho siyaduduzeka ngesithembiso sikaJesu sokuba nebandla lakhe “kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:20) Uyosisekela. Ngaphezu kwalokho, siyothola usizo olukhulu lapho sinamathela eduze kuJehova futhi sifune ukusekela kuye. Ukuphendukela eZwini lakhe kungasinika amandla. Lapho sizizwa singenakukwazi ukubekezela, iHubo 55:22 lisimema ukuba ‘siphonse phezu kukaJehova umthwalo wethu, uzakusiphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.’ Yebo, iBhayibheli linxusa bonke abantu bakaNkulunkulu ukuba ‘bame beqinile okholweni’—futhi bangakhubeki.—1 Korinte 16:13.