Yini “Edingekile”?
LE-W Codex yamaVangeli iye yaba nengxenye ekuhunyushweni kwenkulumo kaJesu kuMarta, udadewabo womngane wakhe oseduze uLazaru. Lapho uJesu evakashela lomkhaya, uMarta wacabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukwenzela uJesu ukudla okumnandi, kodwa yena wasikisela ngomusa ukuba alandele isibonelo sikadadewabo, uMariya, owahlala phansi ezinyaweni zakhe ukuze amlalele. Wathi: “Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”—Luka 10:42.
Lamazwi ahumusha umbhalo wesiGreki ka-1881 owabhalwa uWestcott noHort, isisekelo seNew World Translation. Umbhalo waphansi woHlelo Olunezikhombo luka-1984 lwaleliBhayibheli ubonisa ukuthi lamazwi ayevela emibhalweni yesandla iSinaiticus(א) neVaticanus (B), yomibili emelela uhlobo olulodwa lombhalo. Kodwa umbhalo wesandla iAlexandrinus (A) ufundeka kanje: “Nokho, inye into efunekayo. Ngokwakhe . . . ” Njengoba umbhalo waphansi ubonisa, iCodex W, ngokufanayo nomqulu wepapyrus kaChester Beatty (P45) nokaBodmer (P75), yomibili yekhulu lesithathu C.E., iyavumelana nalokhu kuhumusha kwamuva. Kodwa yonke lemibhalo yesandla yavela ngemuva kakhulu kokuba uWestcott noHort bekhiphe umbhalo wabo ngonyaka ka-1881, ngaleyondlela abazange babe nathuba lokucabangela lokhu kuhumusha okwehlukile. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inguqulo yombhalo esikhetha ukuyamukela namuhla, uJesu usitshela ngokucacile ukuthi sibeke izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwethu—iseluleko esenza kahle ukusilandela.