Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 5/1 k. 31
  • Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abamemezeli BoMbuso Bayabika
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfundisi ENew Guinea Wamukela Iqiniso
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ngibabonile Abathembekile Kubahambela Kahle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Labo “Abakulalelayo” Bayosindiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • UJehova Wangifukula
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 5/1 k. 31

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

◻ UMPHOSTOLI uJohane wathi: “Masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.” (1 Johane 3:18) UJesu wathi ‘kufanele sithande umakhelwane wethu njengalokhu sizithanda thina.’ (Mathewu 22:39) Ukubonisa uthando ngezenzo kulikhulumela kahle iqiniso, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eBrithani kubonisa.

Uma uPauline ayesuke evakashele umama wakhe, owayephethwe imultiple sclerosis (isifo sokuqina kwezicubu zobuchopho noma zomfunkulu), kwakusuke kungekho muntu omunye lapho. Kodwa kulokhu, njengoba engena endlini, wezwa umshini wokuwasha usebenza nothile esitezi esiphezulu esebenzisa umshini wokuhlanza ukhaphethi. “Kwenzekani, kukhona bani lapha?” ebuza umama wakhe. Umama wakhe wachaza ukuthi kwakufike oFakazi BakaJehova, babona isimo sakhe esidabukisayo, base behlala ukuze basize. Ngemva kokuba sebeqedile ukwenza umsebenzi wasendlini nokulungisa ukudla bahlala phansi bathi: “Usulungile?” “Ulungele ini?” kubuza uPauline. Unina wachaza ukuthi wayamukele ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. UPauline wayengabaza ukuhlala, kodwa njengoba ayehambe ibanga elide, wabuza ukuthi kungalunga yini uma engahlanganyela esifundweni. Wasijabulela kangangokuthi wahlela ukuba eze masonto onke ngosuku olufanayo ukuze abe khona njalo esifundweni. Ekugcineni, waphelezelwa umngane wakhe, futhi manje bobili babhapathiziwe. Ngenxa yalesifundo sokuqala, amalungu ayishumi alomkhaya manje angoFakazi BakaJehova! Yebo siza “ngezenzo”!

Umfundisi ENew Guinea Wamukela Iqiniso

◻ Osukwini lukaJesu abapristi abathile bayamukela imfundiso kaJesu. Abefundisi abanhliziyo ziqotho namuhla nabo benza kanjalo, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okuvela ezinkangala zaseNew Guinea, okubikwa umbonisi wesifunda. Uyalandisa: “Insizwa ethile efundile, umfundisi wasePentekoste, yayakha isonto elincane eduze impela kweHholo LoMbuso. Umzalwane wakulelobandla wafakaza kuyo, futhi yabonakala inobungane. Ngokushesha ngemva kwalokhu, ngahambela lelibandla futhi ngahlala emzini walomzalwane owawusemgwaqweni owodwa nalomfundisi. Ngobusuku bokuqala ngifikile, lensizwa yangqongqoza emnyango wethu iphethe iBhayibheli ihamba neqembu elikhulu labantu basebandleni layo. Bonke babefuna ukuzwa isigijimi soMbuso. Yabuza imibuzo eminingi, futhi ingxoxo yaqhubeka kwaze kwaba sebusuku impela. Ubusuku ngabunye ngihambele lapho, yona kanye nabanye abathakazelayo babeza bezophendulelwa imibuzo yabo. Ngayimemela emhlanganweni wesifunda owawuzoba ngesonto elilandelayo, yafika ihamba nomzalwane owayefakaze kuyo okokuqala. Lensizwa yaqhubeka nokutadisha kwayo iBhayibheli, isilishiyile iSonto layo lasePentekoste, futhi manje isingummemezeli wezindaba ezinhle ophuma njalo.”

Ngempela, kuyintando kaNkulunkulu ukuba “abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela