Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 kk. 128-129
  • UJehova Wangifukula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Wangifukula
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngibabonile Abathembekile Kubahambela Kahle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Labo “Abakulalelayo” Bayosindiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Abamemezeli BoMbuso Bayabika
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izici Zenhlekelele Ezikabili
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 kk. 128-129

ISIERRA LEONE NEGUINEA

UJehova Wangifukula

UJay Campbell

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1966

  • ABHAPATHIZWA NGAWO 1986

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Unovendle kodwa waba iphayona elivamile.

Isithombe ekhasini 128

NGAKHULA ngikhubazekile kusuka okhalweni kwehle futhi ngangihlala enkompolo yaseFreetown nomama neminye imindeni eminingi eyayidla imbuya ngothi. Nganginamahloni futhi ngesaba indlela abanye abangangibheka ngayo. Ngaphumela ngaphandle kwenkompolo kanye kuphela eminyakeni engu-18.

Lapho sengineminyaka engu-18, uPauline Landis, isithunywa sevangeli esinguFakazi, wafika enkompolo engangihlala kuyo wacela ukungifundela iBhayibheli. Lapho ngimazisa ukuthi angikwazi ukufunda nokubhala, wathi uzongifundisa. Ngavuma.

Engangikufunda eBhayibhelini kwangijabulisa kakhulu. Langa limbe ngabuza uPauline ukuthi ngingaya yini emhlanganweni webandla owawusemzini ongekude kangako. Ngathi: “Ngizohamba ngamapulangwe engizenzele wona.”

Lapho uPauline efika ezongilanda, umama nawomakhelwane bangibuka benexhala. Ngathatha amapulangwe ami amancane ayizikwele, ngawabeka phansi, ngazimelela ngawo. Ngashwiba umzimba waya phambili wadlula la mapulangwe engizimelele kuwo ngezandla. Kwathi sengiphakathi negceke, omakhelwane bamemeza uPauline bathi: “Musa ukumphoqa. Uke wazama ukuhamba kodwa wahluleka.”

UPauline wangibuza ngomusa: “Jay, uyafuna ukuhamba?”

Ngathi: “Yebo! Yisinqumo sami.”

Omakhelwane bami bathula bangibuka njengoba ngisondela ngasesangweni. Lapho ngiphuma enkompolo, bakikiza bashaya izandla.

Angive ngawujabulela lowo mhlangano! Ngabe sengizimisela ukuya eHholo LoMbuso. Lokho kwakusho ukuthi kumelwe ngiye emgwaqweni, ngigibele itekisi, bese ngithola abazalwane abazongiqukula emmangweni. Ngangijwayele ukufika ehholo ngimanzi futhi nginodaka, bese kudingeka ngishintshe izingubo. Kamuva udade waseSwitzerland waba nomusa wangithumelela isihlalo sabakhubazekile, esangenza ngakwazi ukuhamba ngendlela engangiqedi isithunzi.

Ukufunda okuhlangenwe nakho kwabanye oFakazi abakhubazekile kwangikhuthaza ukuba ngikhonze uJehova ngokugcwele. Ngo-1988 ngaba iphayona elivamile. Ngathandaza kuJehova ngamcela ukuba angisize ngifinyelele umgomo wami wokusiza othile emndenini nothile ensimini ukuba babe izinceku zakhe. Imithandazo yami yaphendulwa lapho ngisiza izingane ezimbili zikadadewethu ukuba zifunde iqiniso nomama engamthola enkonzweni kamagazini.

Manje izingalo zami seziphelelwe amandla, sengithembele kwabanye ukuba bangiqhube ngesihlalo sabakhubazekile. Ngihlushwa nayizinhlungu ezingapheli. Kodwa ngithole ukuthi okuyilona khambi lezinhlungu ukufundisa abanye ngoJehova. Intokozo engiyitholayo iyabudambisa ubuhlungu, inginike nenduduzo ngoba uJehova wangifukula, manje ngiphila ukuphila okunenjongo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela