Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 5/15 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ingabe Ukudla Inyama Akulungile?
    I-Phaphama!—1997
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 5/15 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Ingabe kufanelekile ngomKristu ukuyozingela noma ukuyodoba?

Ukusabela okuhlukahlukene ekuzingeleni ngokuvamile kuhilela imizwa ejulile. Ngakho kungcono kakhulu ngamaKristu ukuba alwele ukuqonda futhi asebenzise umbono kaJehova uNkulunkulu ngendaba njengoba utholakala eBhayibhelini.

UNkulunkulu wanika isintu ukubusa phezu kwakho kokubili izilwane “zasendle” kanye “nezifuywayo.” Ekuqaleni, abantu babengavunyelwe uMdali, mhlawumbe kungekho nanoma yisiphi isidingo esingokwenyama, ukuba babulale izilwane ukuze bazidle. (Genesise 1:24, 29, 30, qhathanisa neNW.) Kungemva kukaZamcolo kuphela lapho uNkulunkulu anika khona isintu ilungelo lokudla inyama yezilwane eyayikhishwe kahle “umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo.” (Genesise 9:3, 4) Leyo kwakungaba inyama yezilwane ezifuywayo noma zasendle.

AmaIsrayeli ayefuya izilwane, njengezimvu nezinkomo, ezazingase zihlatshwe ukuze zidliwe uma efisa inyama. Futhi ayezingela futhi edoba ukuze athole ukudla. (Duteronomi 12:20-24; 14:4-20) Lokhu kuvumelana nenkulumo kaNkulunkulu engokomfanekiso yokuthi ‘uyakuthumela abadobi abaningi badobe abantu bakhe nabazingeli abaningi babazingele.’ (Jeremiya 16:16) Kamuva, uJesu wenza kube nabadobi phakathi kwabaphostoli bakhe futhi wayaleza imisebenzi yoqobo yokudoba.—Mathewu 4:18-22; 17:27; Luka 5:2-6; Johane 21:4-7.

Lapho inzalamizi esigugile uIsaka icela isilovela, indodana yakhe uJakobe yayizimisele ukubulala amazinyane amabili embuzi ukuze imenzele sona. Nokho, uEsawu wazingela inyamazane ukuze atholele uyise inyama yayo. Phawula ukuthi nakuba inyama yezilwane ezifuywayo yayikhona, uIsaka wacela inyama yenyamazane. Futhi, phawula ukuthi womabili lamadodana abulala izilwane ezazizoba ukudla, hhayi kwazo, kodwa kothile.—Genesise 27:1-19.

Izilwane zazingase zibulawe ngenxa yezizathu okungezona zokuthola inyama yazo. Izikhumba zazo zazingenziwa izingubo. (2 AmaKhosi 1:8; Marku 1:6; Heberu 11:37) Izembatho zokuzivikela nezitsha nazo zazenziwa ngezikhumba zezilwane, ngisho nezezilwane ezingcolile ukuba zingadliwa futhi amaIsrayeli ayengazidli.—Eksodusi 39:33, 34; Numeri 24:7; AbAhluleli 4:19; IHubo 56:8.

Imfuneko kaNkulunkulu yokuthi igazi lezilwane ezihlatshiwe lichithwe kumelwe ikhumbuze abazingeli ukuthi ukuphila kwesilwane kuvela kuye futhi ngalokho kumelwe kuphathwe ngenhlonipho, hhayi ngokungenangqondo. (Levitikusi 17:13) Ngokusobala uNimrode wahlaba izilwane futhi ngokunokwenzeka waqhosha ngekhono lakhe lokuzingela, ubukhulu noma inani lezinyamazane ayezibulala, noma izindebe okungenzeka zenziwa ngazo. “Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova.”—Genesise 10:9.

Injabulo enjalo ngokuzingela noma ukubulala izilwane, noma ngokudonsa izinhlanzi ngodobo, ingase ikhule kumKristu. Kaningi umzingeli noma umdobi oye wahlolisisa inhliziyo yakhe uye wathola ukuthi wayengenwe ‘injabulo yokubulala.’ Injabulo enjalo ihambisana nokungakunaki ngokungenanjongo ukuphila kwesilwane. Ngakho-ke nakuba kungekubi ukuzingela noma ukudoba (uma okubulewe noma okubanjiwe kuzosetshenziselwa ukuba kudliwe ngothile noma enye injongo efanelekayo), bekuyoba okungafanelekile ukwenza kanjalo uma umKristu enomoya ofana nokaNimrode. Kodwa kunezingozi ngaphandle kokuthola injabulo ngokujaha, ukubulala, noma indebe.

INqabayokulinda kaJanuary 1, 1984, yaxoxa ngesizathu esenza amaKristu eqiniso angaphathi noma agcine izibhamu ukuze azisebenzise kubantu noma azivikele kubo. (Amakhasi 24-7) Ukuzindla ngalesoseluleko kuye kwaholela abanye oFakazi ukuba baphinde bahlolisise ngisho nendaba yokuba nezibhamu zokuzingela. Abaningana baye bakhetha ukulahla izibhamu zabo ngokuphelele noma ukugwema ukuzibeka obala futhi zitholakale ngokushesha. Ngakho lamaKristu ngeke anikeze umqondo wokuqhosha ngezikhali noma ukwethembela kuzo. Ngaphezu kwalokho, ngisho nokuba nezibhamu zokuzingela, noma ukuba zingatholakali kalula, akunakuyivimbela inhlekelele. Izikhali ezibulalayo azinakufinyelela-ke ezandleni zezingane ezingase zilimaze noma zibulale othile ngengozi, futhi azinakutholakala eduze uma othile ethuke kakhulu noma ecindezelekile.—Qhathanisa nezAga 22:3.

Amanye amaKristu angase athande ubumnandi benyama yenyamazane ethile noma inhlanzi, futhi indlela esebenza kakhulu yokuthola ukudla okunjalo ingokuzingela noma ngokudoba. Abanye bajabulela umoya nokwelula umzimba okuhlangene nokuzingela emahlathini, noma bathola ukuthi izikhathi ezingenamsindo zokudoba ziyaphumuza. IBhayibheli alikhulumi kabi ngalokhu, ngakho asikho isidingo sokwahlulela abanye ngokuthi bayazithanda yini izinto ezinjalo noma cha. Futhi isibonelo sikaIsaka namadodana akhe sibonisa ukuthi asikho isidingo sokuphikisana ngokuthi ubani ozodla inyama yenyamazane noma inhlanzi.—Mathewu 7:1-5; Roma 14:4.

Ngokusobala umphostoli uPetru wayekuthanda ngempela ukudoba. Njengoba kwakunezinhlanzi ezimbalwa eduze, uJesu ovusiwe wamsiza ukuba ahlaziye imizwa yakhe siqu ngezinhlanzi noma umsebenzi wokudoba. UJesu wabuza: “Simoni ndodana kaJona, ingabe ungithanda ngaphezu kwalezi?”—Johane 21:1-3, 9-15, qhathanisa neNW; bheka INqabayokulinda, November 1, 1988, ikhasi 31.

Ngokufanayo, umKristu okhetha ngonembeza omuhle ukuyozingela noma ukuyodoba kumelwe ahlele izinto zakhe eziza kuqala. Ngokwesibonelo, uma inkathi yokuzingela noma yokudoba yayizoqala ngesikhathi esihlelelwe imihlangano yebandla, wayeyokwenzenjani? Noma ingabe inkulumo yakhe ibonisa ukuthi uyaqhosha ngekhono lakhe lokuzingela noma lokudoba? Yeka ukuthi kuhle kanjani uma umKristu ovuthiwe, ngezikhathi ezithile, okhetha ukuzingela noma ukudoba engasho ngokuqiniseka: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda [ngaphezu kwaleminako].”—Johane 21:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela