Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 12/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukudoba Abantu Emanzini Asembulungeni Yonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukudoba OLwandle LwaseGalile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 12/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

UmKristu kufanele akubheke kanjani ukuzingela nokudoba?

IBhayibheli alikulahli ukuzingela noma ukudoba. (Duteronomi 14:4, 5, 9, 20; Mathewu 17:27; Johane 21:6) Noma kunjalo, amaKristu azingelayo noma adobayo kudingeka acabangele izimiso ezithile ezingokomBhalo.

UNkulunkulu wavumela uNowa nenzalo yakhe ukuba bahlabe izilwane bazidle, uma nje zazophisiwe ngaphambi kokuba zidliwe. (Genesise 9:3, 4) Lo myalo wawugcizelela ukuthi ukuphila kwesilwane kwakufanele kuhlonishwe njengokuvela kuNkulunkulu. Ngakho, amaKristu awazibulali izilwane ukuze nje azijabulise noma njengomdlalo, ngendlela ebonisa ukungakuhloniphi ukuphila.—IzAga 12:10.

Kunesinye isici esihilela isimo sethu sengqondo. Abaphostoli ababengabadobi kungenzeka babejabula ngokubamba izinhlanzi eziningi. Kodwa akukho okubonisa ukuthi babeqhosha ngamakhono abo okudoba noma okuzingela noma ukuthi babedoba noma bazingele ukuze bancintisane nabanye, babonise ukuthi bangamadoda, noma ukuze bajatshuliswe ukujaha isilwane, ukulwa naso noma ukusibulala.—IHubo 11:5; Galathiya 5:26.

Ngakho, singase sizibuze: ‘Ingabe ngiyisibonelo ekuboniseni inhlonipho ngombono kaJehova ngokuphila? Ingabe ngihlale ngicabanga futhi ngixoxa ngokuzingela noma ngokudoba? Ingabe indlela engiphila ngayo ibonisa ukuthi ngikukhonzile ukuzingela, noma ibonisa ukuthi ngiyisikhonzi sikaNkulunkulu? Ingabe ukuzingela noma ukudoba kungihlanganisa kakhulu nabangakholwa noma kungenza ngingawunaki umkhaya wami?’—Luka 6:45.

Abanye abazingela noma badobe ngenjongo yokuthola ukudla bangase babe nomuzwa wokuthi kuyafaneleka ukudebeselela izinto ezingokomoya phakathi nenkathi yokuzingela noma yokudoba. Nokho, sibonisa ukholo nokwethembela kuNkulunkulu lapho singavumeli lutho luze kuqala kunezithakazelo zakhe. (Mathewu 6:33) Ngaphezu kwalokho, amaKristu alalela yonke imithetho “kaKhesari” mayelana nokuzingela nokudoba, kungakhathaliseki ukuthi amagunya ayayiphoqelela noma cha.—Mathewu 22:21; Roma 13:1.

Ukuze bavumelane nombono kaJehova ngokuzingela nokudoba, abanye kungase kudingeke balungise ukucabanga kwabo maqondana nezindinganiso zakhe. (Efesu 4:22-24) Ngakolunye uhlangothi, kudingeka sihloniphe izinqumo zabanye ezisekelwe kunembeza. Kule ndaba siyafaneleka lesi seluleko somphostoli uPawulu: “Masingabe sisahlulelana, kodwa kunalokho yenzani lokhu kube yisinqumo senu, ukuba ningabeki isikhubekiso phambi komfowenu.” (Roma 14:13) Ukubonisa lolo thando olungenabugovu nenhlonipho kuyothuthukisa ukuthula ebandleni futhi kuyamjabulisa uMenzi wethu, uMthombo wakho konke ukuphila.—1 Korinte 8:13.a

[Umbhalo waphansi]

a Bheka futhi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1990.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela