Abamemezeli BoMbuso Bayabika
◻ “UKUZINGELWA okukhulu” kwebandla lamaKristu lakuqala kwasiza ekuhlakazeni abafundi bakaKristu abaningi. (IzEnzo 8:1) Nokho, lolushushiso lwaveza izithelo ezinhle ngoba labo ababehlakazekile “base behamba, beshumayela izwi levangeli.” (IzEnzo 8:4) UFiliphu waqhubeka eshumayela, futhi “izixuku zalalela nganhliziyonye.” (IzEnzo 8:6) Njengoba ushushiso lwaveza izithelo ezinhle ekhulwini lokuqala, lwenza kanjalo esigodini esithile enyakatho yeThailand.
Elinye iphayona elikhethekile loFakazi BakaJehova laqala ukushumayela kulesigodi, kodwa ekuqaleni izakhamuzi zazingalaleli. Nokho, lapho likhuluma nomshumayeli wakulendawo, abantu babuthana ukuze balalele. Abanye baqaphela ukuthi uFakazi wayelazi kangcono iBhayibheli kunomfundisi wabo, ngakho baqalisa ukutadisha iBhayibheli naleliphayona ngisho nakuba abanye babebahlukumeza. Amanye amadada abo abulawa, ukuphila kwaleliphayona kwasongelwa, futhi indlu yenye indoda ethakazelayo yashiswa. Lendoda yathi: “Bangayishisa indlu yami, kodwa abanakuyishisa inhliziyo yami.” Labo abafundelwa yiloFakazi, babehamba amabanga amade ngamabhayisekili ukuze babe khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Abane babo babhapathizwa, futhi abanye abayisithupha basaya emihlanganweni kanye nabo.
Umvuzo Wokwethembeka
◻ Abazalwane eZambia bazakhele idumela elihle lokwethembeka, futhi lokhu kuye kwaphumela ekutheni babusiswe, kwasiza nabanye ukuba balibone iqiniso. Omunye umdala, oyiphayona elivamile, wayehamba ngebhasi futhi wezwa ngandlebenye omunye uFakazi ebhasini ekhuluma nabanye ngovuko. Omunye owayegibele wambuza: “Kungani nina boFakazi nithi inkolo yenu yiyo kuphela yeqiniso?” Lomzalwane wangenela engxoxweni futhi wathi kulona owayegibele uJehova uyovuza oFakazi bakhe ngoba bafundisa iqiniso elivela eBhayibhelini.
Ngemva kwehora leshumi elinambili ebusuku bekuloluhambo olude, ibhasi lafika emgwaqweni ovinjwé amasosha. Lalina kakhulu. Elinye isosha langena ebhasini futhi labuza ukuthi bakhona yini oFakazi BakaJehova kulelibhasi. Babebathathu. Khona-ke lathi: “Kulungile, boFakazi ningahlala nina, nonke nina abanye phumani nezikhwama zenu.” Bonke abanye baphumela emvuleni, futhi ngemva kokuseshwa, babuya imithwalo yabo nezimpahla zabo kumanzi té.
Sebesebhasini, lelisosha lathi: “Isizathu sokuba ngiyeke oFakazi siwukuthi bangabantu abathembekile. Siye saba nokuhlangenwe nakho okuningi futhi sathola ukuthi bawukuphela kwabantu abathembekile; lapho sibabuza ukuthi kunani ezikhwameni zabo, basitshela iqiniso.” Njengoba ibhasi laliqhubeka lihamba, lomzalwane wabuza: “Iyiphi eyinkolo yeqiniso?” Omunye umuntu waphendula: “Yileyo engamanzisiwe imvula.”
Yebo, ukwethembeka kusiza ekwenzeni inkolo yeqiniso ibonakale, futhi ngokuqinisekile kunemivuzo yakho!