Intsha Ekhonza UNkulunkulu
INGABE ukuthola kungavamile ukuthi intsha ekahle inganikela ngesikhathi sayo, ngaphandle kwenkokhelo, ize ekhaya lakho izokhuluma ngoNkulunkulu? Ingabe kubonakala kumangaza, enkathini yokungakholwa okukhulayo, ukuthi izingane zihlanganyela nabazali bazo ekukhulumeni nabanye ngezithembiso zeBhayibheli ezimangalisayo zekusasa elijabulisayo?a
Emabandleni amaningi kwangu-60 000 nangaphezulu oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kukhona intsha eningi. Ayiyi kuSonto-skole wamasonto onke noma ekilasini lekhathekizimu. Kunalokho, lentsha iyazuza futhi ihlanganyele ngisho nokuhlanganyela emihlanganweni yebandla. Abancane banganikeza izimpendulo ezilula. Abadadlana bahlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Abaningi abeve eshumini elinambili bachitha amaholide esikole besiza omakhelwane ukuba bafunde ngoNkulunkulu nangezithembiso zakhe ezimangalisayo ngekusasa.
Akukho lutho ngempela olusha ngomsebenzi onjalo wentsha. IBhayibheli likhuluma ngezinsizwa nezintombi eziqotho, kanye nentsha nabantwana abancane, ababeka izibonelo ezivelele ekukhonzeni uNkulunkulu.
Incwadi yeBhayibheli yamaHubo yabikezela ‘ngabasha’ abaqabulayo nabaningi “njengamazolo,” enkonzweni yokwesaba uNkulunkulu. Yakhuluma futhi ‘ngezinsizwa’ “nezintombi” ezidumisa igama likaNkulunkulu. (IHubo 110:3; 148:12, 13) Ngokunokwenzeka, kwakunentsha phakathi kwalabo ababekhona ngenkathi umoya kaNkulunkulu ongcwele uthululelwa kwabakholwayo ngePentekoste lika-33 C.E. Ngalolosuku cishe abangu-3 000 balamukela iZwi futhi babhapathizwa. Umphostoli uPetru wathi lesenzakalo esimangalisayo sasiwukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJoweli: “Amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho.”—IzEnzo 2:4-8, 16, 17, 41.
Ezinye izibonelo ezingokweBhayibheli zabantu abakhonza uJehova uNkulunkulu ebusheni babo zihlanganisa noSamuweli, iNkosi elungile uDavide, abaprofethi beBhayibheli abaziwayo oJeremiya noDaniyeli, kanye noThimothewu oqotho. Lomagazini uqukethe izihloko ezintathu eziphathelene nalezibonelo ezingokweBhayibheli. Uzobona kulezihloko ukuthi kungani intsha, kanye nabantu abadala, ithatha ukukhonza uNkulunkulu ngokungathi sína futhi kungani ichitha isikhathi esingaka isiza omakhelwane bayo ukuba benze okufanayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhlola kweGallup kwango-1985 kwathola ukuthi amaphesenti angu-12 kuphela abantu baseMelika abazalwa kusukela ngo-1946 abathi “babenokholo olukhulu” lapho beneminyaka engu-16.